Dlulela kokuphakathi

Liyini IJerusalema Elisha?

Liyini IJerusalema Elisha?

Impendulo yeBhayibheli

Inkulumo ethi “IJerusalema Elisha” ivela kabili eBhayibhelini, isho idolobha elingokomfanekiso elimelela iqembu labalandeli bakaJesu abazobusa naye eMbusweni kaNkulunkulu ezulwini. (IsAmbulo 3:12; 21:2) EBhayibhelini leli qembu liphinde libizwe ngokuthi umakoti kaKristu.

Indlela yokubona iJerusalema Elisha

  1. IJerusalema Elisha lisezulwini. Njalo lapho iBhayibheli likhuluma ngeJerusalema Elisha, kuthiwa lehla livela ezulwini lapho izingelosi zigade khona amasango aleli dolobha. (IsAmbulo 3:12; 21:2, 10, 12) Ubukhulu baleli dolobha buwubufakazi bokuthi akunakwenzeka ukuba libe semhlabeni. Kuthiwa kungadingeka uhambe amakhilomitha angu-2200 ukuze ulizungeze lonke. (IsAmbulo 21:16) Izinhlangothi zalo zicishe zibe amakhilomitha angu-560 ukuphakama, okusho ukuthi zingafinyelela emkhathini.

  2. IJerusalema Elisha lakhiwa iqembu labalandeli bakaJesu, umakoti kaKristu. IJerusalema Elisha libizwa ngokuthi “umlobokazi, umka Wundlu.” (IsAmbulo 21:9, 10) Kule ncazelo engokomfanekiso, iWundlu libhekisela kuJesu Kristu. (Johane 1:29; IsAmbulo 5:12) “Umka Wundlu,” umakoti kaKristu, umelela amaKristu azoba noJesu ezulwini. IBhayibheli lifanisa ukuhlobana okukhona phakathi kukaJesu nala maKristu nobuhlobo obuphakathi kwendoda nenkosikazi. (2 Korinte 11:2; Efesu 5:23-25) Ngaphezu kwalokho, amatshe esisekelo seJerusalema Elisha abhalwe “amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.” (IsAmbulo 21:14) Ukwazi lokhu kuyasisiza sithole ukuthi liyini iJerusalema Elisha, ngoba amaKristu abizelwa ukuba ayophila ezulwini ‘akhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi.’​—Efesu 2:20.

  3. IJerusalema Elisha liyingxenye kahulumeni. IJerusalema lasendulo laliyinhloko-dolobha yakwa-Israyeli lapho iNkosi uDavide, indodana yakhe uSolomoni, nenzalo yabo babebusa khona “esihlalweni sobukhosi sikaJehova.” (1 IziKronike 29:23) IJerusalema, elalibizwa ngokuthi “umuzi ongcwele,” lalimelela ukubusa kukaNkulunkulu esebenzisa uhlu lozalo lukaDavide. (Nehemiya 11:1) IJerusalema Elisha nalo eliphinde libizwe ngokuthi ‘umuzi ongcwele,’ lakhiwa yilabo abazoba noJesu ezulwini “babuse njengamakhosi phezu komhlaba.”​—IsAmbulo 5:9, 10; 21:2.

  4. IJerusalema Elisha lilethela abantu emhlabeni izibusiso. IJerusalema Elisha lichazwa ngokuthi ‘lehla livela ezulwini kuNkulunkulu,’ okubonisa ukuthi uNkulunkulu usebenzisa lona ukuze afeze intando yakhe emhlabeni. (IsAmbulo 21:2) Le nkulumo ihlobanisa iJerusalema Elisha noMbuso kaNkulunkulu, okuyiwona uNkulunkulu awusebenzisayo ukuze afeze intando yakhe ‘emhlabeni, njengasezulwini.’ (Mathewu 6:10) Intando kaNkulunkulu iwukuba abantu emhlabeni bathole lezi zibusiso ezilandelayo:

    • Ukuqedwa kwesono. “Umfula wamanzi okuphila” ugeleza uvela eJerusalema Elisha futhi unisela “imithi yokuphila” ‘engeyokwelapha izizwe.’ (IsAmbulo 22:1, 2) Lokho kwelapha kuzosusa isono futhi kwenze abantu bakwazi ukuba nokuphila okungenazinkinga njengoba uNkulunkulu ayehlosile ekuqaleni.​—Roma 8:21.

    • Ubuhlobo obuhle phakathi kukaNkulunkulu nabantu. Isono senze abantu baqhela kuNkulunkulu. (Isaya 59:2) Ukuqedwa kwesono kuzokwenza ukuba lesi siprofetho sigcwaliseke: “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo.”​—IsAmbulo 21:3.

    • Ukuphela kokufa nokuhlupheka. Esebenzisa uMbuso wakhe, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”​—IsAmbulo 21:4.