Dlulela kokuphakathi

Obani Abaya Ezulwini?

Obani Abaya Ezulwini?

Impendulo yeBhayibheli

UNkulunkulu ukhetha amaKristu athembekile ayinani elincane, ayovuselwa ekuphileni kwasezulwini. (1 Petru 1:3, 4) Lapho esekhethiwe, kumelwe aqhubeke enokholo oluqinile futhi eziphethe ngendlela uNkulunkulu ayilindele kumaKristu ukuze angalahlekelwa umvuzo wawo wasezulwini.—Efesu 5:5; Filipi 3:12-14.

Labo abaya ezulwini bayokwenzani khona?

Bayokhonza kanye noJesu njengamakhosi nabapristi iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 5:9, 10; 20:6) Bayokwakha “amazulu amasha” noma uhulumeni wasezulwini, oyobusa ‘umhlaba omusha,’ noma abantu emhlabeni. Labo babusi basezulwini bayosiza ekubuyiseleni abantu ezimweni ezinhle ezazihloswe uNkulunkulu kwasekuqaleni.—Isaya 65:17; 2 Petru 3:13.

Bangaki abayovuselwa ezulwini?

IBhayibheli lithi bangu-144000 abantu abayovuselwa ekuphileni kwasezulwini. (IsAmbulo 7:4) Embonweni osencwadini yesAmbulo 14:1-3, umphostoli uJohane wabona “iWundlu limi eNtabeni iZiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” Kulo mbono, “iWundlu” limelela uJesu ovusiwe. (Johane 1:29; 1 Petru 1:19) ‘INtaba iZiyoni’ imelela isikhundla esiphakeme sikaJesu nabangu-144000 abayobusa kanye naye ezulwini.—IHubo 2:6; Hebheru 12:22.

Labo “ababiziweyo nabakhethiweyo” ukuba babuse noKristu eMbusweni babizwa ‘ngomhlambi omncane.’ (IsAmbulo 17:14; Luka 12:32) Lokhu kubonisa ukuthi babeyoba mbalwa uma beqhathaniswa nezimvu zikaJesu zizonke.—Johane 10:16.

Imibono eyiphutha ngalabo abaya ezulwini

Umbono oyiphutha: Bonke abantu abalungile baya ezulwini.

Iqiniso: UNkulunkulu uthembisa ukuthi iningi labantu abalungile liyophila phakade emhlabeni.IHubo 37:11, 29, 34.

  • UJesu wathi: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini.” (Johane 3:13) Ngalokho wabonisa ukuthi abantu abalungile abafa ngaphambi kwakhe, njengo-Abrahama, uMose, uJobe noDavide, abayanga ezulwini. (IzEnzo 2:29, 34) Kunalokho, babenethemba lokuvuselwa ekuphileni kwasemhlabeni.—Jobe 14:13-15.

  • Ukuvuselwa ekuphileni kwasezulwini kubizwa ngokuthi ‘uvuko lokuqala.’ (IsAmbulo 20:6) Lokhu kubonisa ukuthi kuyoba nolunye uvuko. Luyoba olwasemhlabeni.

  • IBhayibheli lifundisa ukuthi lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, “ukufa ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:3, 4) Lesi sithembiso sisebenza emhlabeni, njengoba ukufa kungakaze kube khona ezulwini.

Umbono oyiphutha: Umuntu uyazikhethela ukuthi uyothola ukuphila kwasezulwini noma kwasemhlabeni.

Iqiniso: NguNkulunkulu onqumayo ukuthi yimaphi amaKristu athembekile athola “umklomelo wobizo lwaphezulu,” okungukuthi, ithemba lokuphila kwasezulwini. (Filipi 3:14) Isifiso somuntu akusona esinqumayo ukuthi uyakhethwa noma cha.—Mathewu 20:20-23.

Umbono oyiphutha: Ithemba lokuphila phakade emhlabeni liphansi futhi litholwa yilabo kuphela abangakufanelekele ukuya ezulwini.

Iqiniso: UNkulunkulu ubiza labo abayothola ukuphila phakade emhlabeni ngokuthi “abantu bami,” “abakhethiweyo bami,” nangokuthi “ababusisiweyo bakaJehova.” (Isaya 65:21-23) Bayoba nelungelo lokugcwalisa injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngabantu—ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi bephelele.—Genesise 1:28; IHubo 115:16; Isaya 45:18.

Umbono oyiphutha: Inani elingu-144000 okukhulunywa ngalo encwadini yesAmbulo lingokomfanekiso, alikho ngokoqobo.

Iqiniso: Nakuba incwadi yesAmbulo inazo izinombolo ezingokomfanekiso, nokho ezinye zazo zingokoqobo. Ngokwesibonelo, ikhuluma ‘ngamagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.’ (IsAmbulo 21:14) Cabanga ngobufakazi bokuphetha ngokuthi nenani elingu-144000 kufanele lithathwe njengelingokoqobo.

IsAmbulo 7:4 sithi “isibalo salabo ababekwa uphawu [noma abaqinisekiswa ukuthi bazothola ukuphila kwasezulwini], izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” Eduze naleli vesi, kuneqembu lesibili eliqhathaniswa naleli: “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala.” Labo ‘besixuku esikhulu’ nabo bathola insindiso kuNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9, 10) Ukube inani elingu-144000 lingokomfanekiso, libhekisele eqenjini elingenasibalo, ukuqhathanisa la maqembu amabili bekungeke kube nanjongo. a

Ngaphezu kwalokho, abangu-144000 kuthiwa “bathengwa kubantu njengolibo.” (IsAmbulo 14:4) Inkulumo ehunyushwe ngokuthi ‘ulibo’ ibhekisela ezintweni ezimbalwa ezithathwe kweziningi. Ibachaza kahle labo abayobusa noKristu ezulwini phezu kwabantu abayinani elingashowongo abayobe besemhlabeni.—IsAmbulo 5:10.

a Ngokufanayo, lapho ebhala mayelana nenani elingu-144000 elisencwadini yesAmbulo 7:4, uProfesa Robert L. Thomas wathi: “Liyinani eliqondile ngokungafani nenani elingenamkhawulo eliku-7:9. Uma lithathwa njengelingokomfanekiso, kusho ukuthi alikho inani kule ncwadi elingathathwa njengelingokoqobo.”​—Revelation 1-7: An Exegetical Commentary, ikhasi 474.