Dlulela kokuphakathi

Ingabe UJesu UnguNkulunkulu UMninimandla Onke?

Ingabe UJesu UnguNkulunkulu UMninimandla Onke?

Impendulo YeBhayibheli

Abaphikisi bakaJesu bammangalela ngokuthi uzenza olingana noNkulunkulu. (Johane 5:18; 10:30-33) Nokho, uJesu akakaze athi ulingana noNkulunkulu uMninimandla onke. Wathi: “UBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28.

Abalandeli bakaJesu bokuqala babengambheki njengolingana noNkulunkulu uMninimandla onke. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ngemva kokuvuswa kukaJesu kwabafileyo, uNkulunkulu ‘waphakamisela [uJesu] esikhundleni esiphakeme.’ Kusobala ukuthi uPawulu wayengakholelwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke. Uma ayenguye, uNkulunkulu wayengamphakamisela kanjani uJesu esikhundleni esiphakeme?—Filipi 2:9.