Dlulela kokuphakathi

Ingabe UNkulunkulu UnguZiqu-zintathu?

Ingabe UNkulunkulu UnguZiqu-zintathu?

Impendulo yeBhayibheli

Izinkolo eziningi zobuKristu zifundisa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Kodwa phawula ukuthi i-Encyclopædia Britannica ithini: “Igama elithi Ziqu-zintathu noma imfundiso eqondile enjengaleyo ayiveli eTestamenteni Elisha . . . Le mfundiso yanda kancane kancane phakathi namakhulu amaningi eminyaka naphakathi kokuphikisana okuningi.”

Eqinisweni, uNkulunkulu weBhayibheli akakaze achazwe njengoyingxenye kaZiqu-zintathu. Phawula la mavesi eBhayibheli:

“UJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.”—Duteronomi 6:4.

“Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.

“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

“UNkulunkulu munye kuphela.”—Galathiya 3:20.

Kungani izinkolo eziningi zobuKristu zithi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu?