Dlulela kokuphakathi

Izinqola Zezincwadi Ezingaphezu Kuka-165 000

Izinqola Zezincwadi Ezingaphezu Kuka-165 000

OFakazi BakaJehova, abaziwa kakhulu ngokushumayela ezindlini ngezindlu, sebetholakala bemi eceleni kwezinqola ezinhle zezincwadi ezindaweni zomphakathi.

Muva nje, le ndlela yokushumayela ithole umfutho kakhudlwana. Ngo-November 2011, iqembu loFakazi eNew York City laqala ukubonisa abantu umyalezo weBhayibheli ngokusebenzisa amatafula nezinqola zezincwadi. Lo mkhankaso waphumelela kangangokuthi ngesikhashana nje wasakazeka nakwamanye amadolobha.

Ngo-March 2015, bese zingu-165 390 izinqola ezithunyelwe emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Kutholakale nezitendi, amatafula namakolosana ayizinkulungwane.

Ukuya ezindlini ngezindlu kusalokhu kuyiyona ndlela eyinhloko oFakazi abasabalalisa ngayo iqiniso leBhayibheli. Kodwa izinqola zezincwadi zibonakala ziphumelela impela. Nazi ezinye zezibonelo.

EPeru, umlisa okuthiwa uRaul wasondela koFakazi ababeseduze nenye yezinqola, wababuza: “Kodwa benikuphi nje? Sekuyiminyaka emithathu ngifuna oFakazi! Kuthe uma ngibona inqola yenu, ngathi, ‘Ngiyabonga Nkosi.’”

Nakuba oFakazi BakaJehova babevamile ukushumayela endaweni yakubo, uRaul wayehlale engekho ekhaya emini nangezimpelasonto. Wachaza ukuthi wake wafunda iBhayibheli noFakazi futhi usefuna ukuphinde aqhubeke ukufunda nabo. Kwabe sekwenziwa amalungiselelo alokho.

Abashadikazi abasebasha abama ngasenqoleni eBulgaria bathatha incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngesonto elilandelayo, baphindela enqoleni, bathatha ezinye ezimbili, ethi: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Funda KuMfundisi Omkhulu. UFakazi owayeseduze kwaleyo nqola wababuza ukuthi banabantwana abangaki. Bathi: “Asikabi nabo, kodwa uma sesinabo, sifuna ukubafundisa ngoNkulunkulu. Lezi zincwadi ziyiyona nto esiyidingayo.”

E-Ukraine, umlisa owayegqoke ezobusosha wasondela koFakazi ababemi eduze kwenqola yezincwadi. Wathi, “Zintokazi, ake nisho, izofika nini i-Armagedoni?” Le ndoda yayikade isempini yamuva yase-Ukraine. Ngenxa yezenzakalo zomhlaba yayiqiniseka ukuthi kuseduze ukuba kufike i-Armagedoni futhi izibuza ukuthi kazi kungani uNkulunkulu engakasithathi isinyathelo. Abamemezeli bayichazela besebenzisa iBhayibheli ukuthi kunesizathu esihle esenza uNkulunkulu angangeneli ezindabeni zabantu kuze kube manje nokuthi maduze uzobhubhisa bonke ababi. Le ndoda yathatha omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! nencwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You?

EMacedonia, insizwa ethile eseyintsha yatshela oFakazi ababeseduze kwenqola ukuthi ibajwayele omagazini babo kodwa manje isingathanda ukuthola incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yathi izoqonda ngqo emtatsheni wezincwadi wendawo iyoqala ukuyifunda.

Ngemva cishe kwamahora amabili, le ndoda yabuya seyifunde amakhasi angu-79 okuqala ale ncwadi. Yathi: “Le ncwadi iguqula ukuphila komuntu! Ngiyabona ukuthi izinto eziningi ebengizikholelwa ziyiphutha. Konke okuchazwa yile ncwadi kuzwakala kunengqondo kimi. Kuyishintsha ngokuphelele indlela ebengikuqonda ngayo ukuphila!”