Dlulela kokuphakathi

Into Entsha EManhattan

Into Entsha EManhattan

Ngo-November 2011, iqembu loFakazi BakaJehova laqala ukusebenzisa indlela entsha yokumemezela isigijimi seBhayibheli kubantu ngokusebenzisa amatafula nezinqola ezilungiswe kahle okubekwe kuzo izincwadi. Lo mkhankaso wenziwa engxenyeni eseningizimu yeManhattan, okuyidolobha elidala neliphithizela kunawo wonke eNew York City.

Bahlukaniselana le ndawo yaba izingxenye ezine. Ingxenye ngayinye inezindawo eziningana okumi kuzo isikhonzi sesikhathi esigcwele kanye netafula noma inqola elungiswe kahle, kwabekwa kuyo izincwadi ukuze abantu abadlulayo bakwazi ukuzibheka. Amatafula amaningi ungawathola phakathi noma eduze kwezindawo zokugibela izinto zokuthutha umphakathi, okudlula kuzo izinkulungwane ezingamashumi zabantu usuku ngalunye.

Kulezi zindawo, abantu bangathola izimpendulo ezivela eBhayibhelini zemibuzo eminingi. Abantu abangathandi ukuchitha isikhathi eside bangathatha izincwadi abazozifundela zona kamuva.

Izincwadi zitholakala ngezilimi eziningi. Uma incwadi ingekho ngolimi oluthandwa umuntu, inga-odwa bese eyithola ngemva kwezinsuku ezimbalwa.

Umphakathi neziphathimandla baye bayamukela le ndlela yokushumayela. Elinye iphoyisa lathi: “Benihlaleleni sonke lesi sikhathi? Ngoba ninakho ngempela okudingwa abantu.”

Enye indoda yema lapho ibona incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yathi ibone abantu abalinde isitimela befunda le ncwadi yazibuza ukuthi bayithathephi. Manje isiyazi.

Enye insizwa yayidlula eduze kwelinye lalawa matafula lapho iya emsebenzini nsuku zonke kwaze kwaphela amasonto ayisithupha. Ekugcineni, yema yathi, “Ngidinga usizo.” Izikhonzi ezazimi etafuleni zajabulela ukumsiza. Zayinika iBhayibheli, zayibonisa ukuthi ingazuza kanjani ngokulisebenzisa.

Abantu abadlulayo abanesithakazelo baye bema ukuze baxoxe ngezihloko zeBhayibheli. Kwenye yezinyanga ezidlule, le ndlela entsha yokushumayela eManhattan iye yasiza abantu ukuba bathole omagazini abangu-3797 nezincwadi ezingu-7986.