Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngagcina Ngimxolele Ubaba

Ngagcina Ngimxolele Ubaba
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1954

  • IZWE AZALELWA KULO: EPhilippines

  • HISTORY: Wabalekela ubaba owayebahlukumeza

UKUPHILA KWAMI

 Izivakashi eziningi ziyathanda ukuyobona impophoma eseduze nedolobha lasePagsanjan ePhilippines. Ubaba wami uNardo Leron, wakhulela kuleyo ndawo, ehlupheka. Ukubona inkohlakalo eyayikuhulumeni, emaphoyiseni nasendaweni ayesebenzela kuyo, kwenza ubaba waba nenzondo nentukuthelo.

 Abazali bami basebenza kanzima ukuze bakhulise izingane zabo ezingu-8. Babevame ukuhamba isikhathi eside ekhaya benakekela amasimu ezintabeni. Mina nomfowethu omdala uRodelio kwakudingeka sizinakekele, futhi izikhathi eziningi sasihlale silambile. Sasingasitholi isikhathi sokudlala. Lapho sesineminyaka engu-7 kwakudingeka sisebenze emasimini, sinyuke intaba nemithwalo esindayo yamakhukhunathi. Uma umthwalo wawusinda kakhulu sasiphoqeleka ukuba siwudonse.

 Kwakufanele sibekezelele ukuhlukunyezwa ngubaba, kodwa okwakubuhlungu nakakhulu kwakuwukumbona eshaya umama. Sasizama ukumvimba kodwa sasehluleka. Mina noRodelio sahlela ukuba simbulale ubaba uma sesikhulile. Ngangihlale ngifisa ukuba nobaba osithandayo!

 Ngenxa yokucasulwa indlela ubaba ayesiphatha ngayo, ngahamba ekhaya lapho sengineminyaka engu-14. Ngaqale ngahlala emgwaqweni futhi ngabhema insangu. Ngokuhamba kwesikhathi ngasebenza esikebheni, ngibonisa izivakashi izimpophoma.

 Ngemva kweminyaka emibalwa, ngenza izifundo enyuvesi yaseManila. Kwakunzima ukufunda ngoba ngezimpela sonto ngangiphinde ngibuyele ePagsanjan ukuze ngiyosebenza. Ukuphila kwami kwakunzima futhi ukubhema insangu kwakungakunciphisi ukukhathazeka. Ngaqala ukusebenzisa ezinye izidakamizwa ezinamandla kanye ne-cocaine, ne-heroin. Izidakamizwa zaziholela ekuziphatheni okubi. Ngangizungezwe izinkinga, indlala, nokungabi nabulungisa. Nganginomuzwa wokuthi wuhulumeni owawuyimbangela yakho konke lokho. Ngabuza uNkulunkulu, “Kungani ukuphila kunje?” Ngahluleka ukuthola izimpendulo ezinkolweni engaya kuzo. Ngasebenzisa izidakamizwa ezengeziwe ukuze ngifihle ukucindezeleka.

 Ngo-1972, abafundi basePhilippines bahlela amamashi ukuze balwisane nohulumeni. Ngaya kwenye yawo futhi yagcina isinodlame kakhulu. Abaningi baboshwa, futhi ngemva kwezinyanga ezimbalwa kwabekwa amasosha ukuba alawule okwakwenzeka ezweni.

 Ngenxa yokuthi nami ngangibe nengxenye ekuvukeleni, ngesaba futhi ngagcina sengihlala emgwaqweni. Ukuze ngithole imali yokuthenga izidakamizwa, ngangeba futhi ngidayisa ngomzimba kubantu abacebile nabavela kwamanye amazwe. Ngangingenandaba nokuthi ngiyaphila noma ngiyafa.

 Ngaleso sikhathi umama nomfowethu omcane base beqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ubaba wacasuka kakhulu washisa izincwadi zabo zokufunda iBhayibheli. Kodwa abayekanga, futhi bagcina bebhapathiziwe baba oFakazi.

 Ngolunye usuku, omunye uFakazi wakhuluma nobaba ngesithembiso seBhayibheli sokuthi esikhathini esizayo izinto zizolunga emhlabeni wonke. (IHubo 72:12-14) Ubaba wakufisa kakhulu lokho kangangokuba wanquma ukuzihlolela ukuthi kwakuyiqiniso yini. EBhayibhelini akagcinanga ngokufunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuletha uhulumeni onobulungisa, kodwa waphinde wafunda nalokho uNkulunkulu akulindele kobaba nakubayeni. (Efesu 5:28; 6:4) Ngokushesha ngemva kwalokho, yena nazo zonke ezinye izingane zakithi baba oFakazi BakaJehova. Njengoba ngangihlala kude nasekhaya, ngangingakwazi konke lokho.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Ngo-1978, ngathuthela e-Australia. Kodwa ngisho sengihlala kuleli zwe elicebile nelinokuthula, angizange ngikuthole ukuthula kwengqondo. Ngaqhubeka nokudla izidakamizwa. Ngasekupheleni kwalowo nyaka ngavakashelwa oFakazi BakaJehova. Ngakuthanda lokho abangibonisa kona eBhayibhelini mayelana nomhlaba onokuthula, kodwa ngangabaza ukuzihlanganisa nabo.

 Ngemva kwalokho, ngavakashela ePhilippines ngahlala amasonto ambalwa. Izingane zakithi zangitshela ukuthi ubaba wayesebenze kanzima ukuze abe umuntu ongcono, kodwa inhliziyo yami yayigcwele inzondo kangangokuthi ngazama ukugwema ukuhlangana naye.

 Udadewethu omncane wangichazela esebenzisa iBhayibheli ukuthi kungani ukuphila kugcwele ukuhlupheka nokungabi nabulungisa. Kwangimangaza ukuthi wakwazi ukuphendula imibuzo yami nakuba ayemcane. Ngaphambi kokuba ngihambe, ubaba wanginika incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. a Wathi: “Usungayeka ukucinga izimpendulo. Le ncwadi izokusiza uthole lokho okufunayo.” Wangikhuthaza ukuba ngifune oFakazi BakaJehova lapho ngibuyela e-Australia.

 Ngasilalela iseluleko sikababa, ngalithola iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eduze kwalapho engangihlala khona eBrisbane. Ngavuma ukutadisha nabo iBhayibheli. Iziprofetho ezifana nalezo ezikuDaniyeli 7 no-Isaya 9, zangibonisa ukuthi esikhathini esizayo kuzobusa uhulumeni kaNkulunkulu ongenayo inkohlakalo. Ngafunda ukuthi umhlaba uzoba iPharadesi. Ngabona ukuthi ukuze uNkulunkulu angamukele kwakuzofanele ngilawule intukuthelo, ngiyeke ukudakwa nokusebenzisa izidakamizwa, ngiyeke nemikhuba yami engcolile. Ngahlukana nentombazane engangihlala nayo futhi ngayeka ukuba umlutha wezidakamizwa. Njengoba ngasengimethemba kakhulu uJehova, ngathandazela usizo lokwenza nolunye ushintsho ekuphileni kwami.

 Kancane kancane, ngabona ukuthi lokho engangikufunda kwakungamshintsha ngempela umuntu. IBhayibheli lithi uma sizama, singakwazi ukugqoka “ubuntu obusha.” (Kolose 3:9, 10) Njengoba ngangizama ukukwenza lokho, ngabona ukuthi kungaba yiqiniso ukuthi ubaba wayeseshintshile. Esikhundleni sokuthukuthela nokuba nenzondo, ngafuna ukwenza ukuthula naye. Ngagcina ngimxolele ubaba, ngayeka inzondo enganginayo kusukela ngikhula.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO

 Kusukela ngisemncane ngangivame ukulandela imikhuba eyingozi eyayenziwa abanye. Lokho okushiwo iBhayibheli kwenzeka kimi, abangane ababi bangiholela ezintweni ezimbi. (1 Korinte 15:33) Kodwa senginabangane abathembekile abangoFakazi BakaJehova, futhi bangisize ngaba umuntu ongcono. Ngaphinde ngathola inkosikazi enhle, uLoretta, nayo enguFakazi KaJehova. Sobabili sifundisa abanye indlela iBhayibheli elingabasiza ngayo.

Ngijabulela ukudla nomkami nabangane bethu

 Ngiyalibonga iBhayibheli. Ngenxa yalo ngibone ubaba eba umyeni onothando nomKristu onokuthula, okuyizinto engangingakaze ngimcabange eyizo. Lapho sihlangana ngemva kokuba ngibhapathiziwe ngaba uFakazi KaJehova ngo-1987, ubaba wanganga okokuqala ngqa ekuphileni kwami!

 Ubaba nomama basebenza ndawonye iminyaka engaphezu kwengu-35 besiza abantu ukuba bazi ithemba eliseBhayibhelini. Ubaba waba indoda eyayizinikele ekusizeni abanye. Kuyo yonke leyo minyaka ngafunda ukumhlonipha nokumthanda. Ngangiziqhenya ngokuba indodana yakhe! Ubaba washona ngo-2016. Ngiyajabula lapho ngicabanga ngaye ngoba sobabili senza ushintsho ekuphileni kwethu ngenxa yokusebenzisa lokho esasikufunde eBhayibhelini. Angisenayo inzondo. Ngiyajabula nangokuthi sengazi uBaba wami osezulwini uJehova uNkulunkulu, othembisa ukuqeda zonke izimbangela zezinkinga emindenini.

a Yayikhiqizwa oFakazi BakaJehova kodwa manye ayisatholakali.