Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Nganginemibuzo Eminingi Ngingenazo Izimpendulo”

“Nganginemibuzo Eminingi Ngingenazo Izimpendulo”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1976

  • IZWE AZALELWA KULO: EHonduras

  • UMLANDO: NganginguMfundisi Esontweni

UMLANDO WOKUPHILA KWAMI

 Ngazalelwa endaweni yase-La Ceiba, eHonduras, nginguthumbu ezinganeni ezinhlanu futhi kuyimina ngedwa umntwana womfana. Yimina ngedwa futhi owayeyisithulu ekhaya. Mina nomndeni wakithi sasihlala emphakathini owawuyingozi futhi simpofu kakhulu. Izimo zaba zimbi nakakhulu lapho kushona ubaba engozini eyamehlela esemsebenzini lapho ngineminyaka engaba mine ubudala.

 Umama wayenza konke ayengakwenza ukuze anakekele mina nodadewethu abane kodwa kwakuqabukela ebe nemali eyanele ukuze angithengele izimpahla zokugqoka. Uma izulu lina, ngangihlale ngiququdwa amakhaza ngoba ngangingenazo izimpahla ezifudumele.

 Njengoba ngikhula, ngafunda uLimi Lwezandla LwaseHonduras (LESHO), okwangenza ngakwazi ukuxhumana nabanye abangezwa ezindlebeni njengami. Umama nodadewethu abane bona babengalwazi ulimu lwezandla, ngakho ukuze baxhumane nami babengiqhweba noma bazisungulele ezabo izimpawu ngezandla. Naphezu kwaleso simo, umama wayengithanda, engivikela ezingozini. Ebhidilisha ngezandla, wangixwayisa ukuba ngigweme imikhuba emibi enjengokubhema nokudakwa. Ngenxa yalokhu, ave ngijabula ngokuthi ekukhuleni kwami angizange ngiyenze le mikhuba.

 Ngisengumfanyana, umama wayevame ukungiyisa eSontweni lamaKatolika, kodwa kwakuduma upotiyane ngoba akekho awayengihumushela okwakushiwo ngolimu lwezandla. Ngangibhoreka ngife, kangangokuthi lapho ngineminyaka eyishumi ngayeka ukusonta. Noma kunjalo, ngangisafisa ukwazi kabanzi ngoNkulunkulu.

 Ngo-1999, lapho ngineminyaka engu-23 ubudala ngahlangana nowesifazane wase-United States owayeyilungu leSonto LabaVangeli. Wayengifundisa okuthile ngeBhayibheli futhi wangisiza ngazi noLimi Lwezandla LwaseMelika (ASL). Ngakuthanda kakhulu engakufunda ngeBhayibheli ngaze nganquma nokuba ngibe ngumfundisi. Ngenxa yalokho, ngathuthela ePuerto Rico ukuze ngiyokufundela esikhungweni sobuKristu sokuqeqesha abayizithulu. Lapho ngibuyela eLa Ceiba ngo-2002, ngavula isonto lezithulu ngosizo lwabanye babangane bami. Omunye walaba bangane, uPatricia, waba ngumkami kamuva.

 Njengoba ngangingumfundisi esontweni lethu, ngangenza izintshumayelo ngoLimi Lwezandla LwaseHonduras, ngibabonise izithombe zezindaba eziseBhayibhelini futhi ngilingise lezo zindaba ukuze ngisize abayizithulu baqonde. Ngangibuye ngivakashele abayizithulu emadolobheni abude-buduze ukuze ngibakhuthaze futhi ngibasize ezinkingeni zabo. Ngaze ngavakashela ngisho nase-United States naseZambia njengesithunywa sevangeli. Kodwa eqinisweni, kwakukuncane kakhulu engangikwazi ngeBhayibheli. Ngangibatshela lokho nami engangikutsheliwe nalokho engangikuqonde ngokubuka izithombe. Empeleni, nganginemibuzo eminingi.

 Suku-lumbe, amanye amalungu esonto lami aqala ukusakaza amanga ngami. Athi ngiyisidakwa futhi angithembekile kumkami. Ngangiphoxekile futhi ngibathukuthelele. Ngemva kwalokho, mina noPatricia salishiya phansi isonto.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 OFakazi BakaJehova babevamile ukufika lapho mina noPatricia esasihlala khona, kodwa sasingakaze sizinike ithuba lokubalalela. Ngemva kokuba sesishiyile esontweni lethu, uPatricia wavuma ukufunda iBhayibheli nabashadikazi abangoFakazi—uThomas noLiccy. Kwangimangaza ukuthi nakuba bengezona izithulu, babelwazi ulimi lwezandla. Ngakho ngokushesha nami ngaqala ukuhlanganyela noPatricia esifundweni.

 Kwaphela izinyanga sifunda sisebenzisa amavidiyo e-ASL. Kodwa kwathi lapho abanye babangane bethu besola oFakazi BakaJehova ngokuthi bangabalandeli bomuntu, sasimisa isifundo seBhayibheli. Ngisho nalapho uThomas engivezela ubufakazi obubonisa ukuthi oFakazi BakaJehova abalandeli abaholi abangabantu, angizange ngimkholwe.

 Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, lapho uPatricia ehlaselwa ukucindezeleka okukhulu, wathandaza kuNkulunkulu wamcela ukuba amlethele oFakazi futhi. Akuphelanga sikhathi, umakhelwane onguFakazi KaJehova wavakashela uPatricia, wahlela nokuba uLiccy abuye. ULiccy waba umngane woqobo. Wayevakashela uPatricia masonto-onke ukuze amkhuthaze, batadishe neBhayibheli. Naphezu kwakho konke lokhu, ngangingakagculiseki kahle ngoFakazi.

 Ngo-2012 oFakazi BakaJehova baba nomkhankaso okhethekile wokuhambisa ividiyo yoLimi Lwezandla LwaseHonduras ethi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? ULiccy wafika ekhaya ephethe le vidiyo. Lapho ngiyibukela, ngashaqeka ngaphela lapho ngibona ukuthi eziningi zezimfundiso engangike ngazifundisa, ezinjengesihogo somlilo nokungafi komphefumulo, azitholakali eBhayibhelini.

 Ngesonto elilandelayo, ngaya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova ukuze ngiyokhuluma noThomas. Ngamtshela ukuthi ngangifuna ukufundisa abayizithulu iqiniso ngeBhayibheli kodwa hhayi njengomunye woFakazi BakaJehova. Icebo lami laliwukuzisungulela isonto elisha lezithulu elingafani namanye. UThomas wangincoma ngogqozi engase nginalo wabe esengibonisa eyabase-Efesu 4:5, egcizelela isidingo sobunye ebandleni lamaKristu eqiniso.

 UThomas waphinde wanginikeza ividiyo ethi OFakazi BakaJehova—Izenzo Ezibonisa Ukholo, Ingxenye 1: Ukuphuma Ebumnyameni nge-ASL. Le vidiyo yabonisa indlela iqembu lamadoda elahlola ngayo ngokucophelela iBhayibheli ukuze liqonde izimfundiso zalo eziyisisekelo. Njengoba ngangibukele le vidiyo, kwathi cosololo. Njengala madoda, nami ngangithungatha iqiniso. Le vidiyo yangenza ngaqiniseka ukuthi oFakazi bafundisa iqiniso ngoba basekela izinkolelo zabo ngokuphelele eBhayibhelini. Ngakho ngavuselela isifundo sami seBhayibheli, kwathi ngo-2014 mina noPatricia sabhapathizwa saba oFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ngiyakuthanda ukuhlangana noFakazi BakaJehova ngoba bahlanzekile ngokokuziphatha, njengoba nje noNkulunkulu ehlanzekile. Inkulumo yabo ihlanzekile, kunjalo nasendleleni abaphathana ngayo. Balwela ukuba nokuthula futhi bakhuthazane. OFakazi banobunye futhi bonke bafundisa amaqiniso afanayo eBhayibheli noma ngabe bahlala kuliphi izwe noma bakhuluma luphi ulimi.

 Ngiye ngakujabulela ukufunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Ngokwesibonelo, ngifunde ukuthi uJehova unguNkulunkulu uMninimandla-onke, uMbusi phezu kwawo wonke umhlaba. Ubathanda ngokulinganayo abayizithulu kanye nalabo abezwayo. Ngiyayazisa indlela uNkulunkulu angibonisa ngayo uthando. Ngifunde nokuthi umhlaba uzoba yipharadesi elihle nokuthi sinethuba lokujabulela ukuphila okuphakade siyimiqemane. Ngisibheke ngabomvu isikhathi okuyokwenzeka ngaso lokhu!

 Mina noPatricia siyakuthanda ukuxoxa nezinye izithulu ngeBhayibheli. Kunabantu esasisonta nabo ngaphambilini manje esibafundela iBhayibheli. Kodwa manje, azisangididi izinto engizifundisayo njengoba kwakunjalo ngesikhathi ngisengumfundisi esontweni. Ngokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ekugcineni ngizitholile izimpendulo zemibuzo yami.