Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Imithandazo Yethu Iyigugu KuJehova

Imithandazo Yethu Iyigugu KuJehova

Imithandazo eyamukelekayo ifana nempepho enephunga elimnandi eyayishiswa njalo phambi kukaJehova ethempelini. (Hu 141:2) Lapho simbonisa uthando futhi simbonga uBaba wethu osezulwini, simtshela okusikhathazayo nesikufisayo, sicela nesiqondiso sakhe, sisuke sibonisa ukuthi siyabazisa ubuhlobo esinabo naye. Kuyiqiniso ukuthi imithandazo emifushane esiyenza emihlanganweni yethu iyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. Noma kunjalo, kumele ukuba iyamjabulisa uJehova imithandazo yethu yangasese lapho sithandaza ngokusuka enhlizweni isikhathi eside!​—IzA 15:8.

BUKELANI IVIDIYO ETHI NGIGXILILE EMTHANDAZWENI BESE NIPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izabelo uMfoweth’ uJohnson azijabulela?

  • UMfoweth’ uJohnson wathembela kanjani kuJehova ngomthandazo?

  • Yiziphi izifundo ozifundile kulokho okwenzeka kuMfoweth’ uJohnson?