Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izinto Ezingasisiza Sigweme Ukuhlehlisa Izinto

Izinto Ezingasisiza Sigweme Ukuhlehlisa Izinto

Umuntu ohlehlisa izinto akazenzi ngesikhathi esifanele. Lapho uJehova enika uJehu umyalo wokuqothula indlu ka-Ahabi, akazange ahlehlise izinto. (2Kh 9:6, 7, 16) Abanye abantu bathi: “Mhlawumbe ngizobhapathizwa eminyakeni ethile ezayo.” “Nginethemba lokuthi ngizoqala ukufunda iBhayibheli maduzane.” “Ngizofaka isicelo sokuphayona uma sengithole umsebenzi ongcono.” ImiBhalo ingasisiza sigweme ukuhlehlisa izinto ezindabeni zokukhulekela.

La mavesi alandelayo angasikhuthaza kanjani ukuba sigweme ukuhlehlisa izinto?