Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kumelwe Uhlole IBhayibheli?

Kungani Kumelwe Uhlole IBhayibheli?

Ingabe ujwayelene neBhayibheli? Le ncwadi eyingqayizivele iye yasakazwa kabanzi ngaphezu kwezinye emlandweni. Abantu bazo zonke izinhlobo baye bathola ukuthi isigijimi salo siyaduduza, sinethemba futhi iseluleko saso siwusizo ekuphileni kwansuku zonke. Noma kunjalo, abaningi bazi okuncane ngeBhayibheli. Kungakhathaliseki ukuthi uyasonta noma cha, mhlawumbe kukhona ongathanda ukukwazi ngalo. Injongo yale ncwajana ukukunikeza ulwazi oluyisisekelo ngeBhayibheli.

NGAPHAMBI kokuba uthathe iBhayibheli uqale ukulifunda, kuzokusiza ukwazi izinto ezimbalwa ngalo. IBhayibheli libizwa nangokuthi imiBhalo Engcwele, futhi lakhiwa izincwadi, noma izingxenye, ezingu-66 eziqala kuGenesise zigcine encwadini yesAmbulo.

Lalotshwa ubani iBhayibheli? Umbuzo omuhle lona. Iqiniso liwukuthi iBhayibheli lalotshwa abantu abangaba ngu-40 enkathini eyiminyaka engaba ngu-1 600. Okuphawulekayo ukuthi labo bantu abashongo ukuthi abakuloba kwakuvela kubo. Omunye wabalobi wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Omunye umlobi wathi: “Ngumoya kaJehova owakhuluma ngami, izwi lakhe lalisolimini lwami.” (2 Samuweli 23:2) Ngakho abalobi bathi uMlobi weBhayibheli uJehova uNkulunkulu, uMbusi Ophakeme wendawo yonke. Bembula ukuthi uNkulunkulu uyafuna ukusondelana nabantu.

Kunokunye futhi okudingekayo ukuze uqonde iBhayibheli. IBhayibheli linesihloko esisodwa: ukulwelwa kwegunya likaNkulunkulu lokubusa isintu esebenzisa uMbuso wakhe wasezulwini. Emakhasini alandelayo, uzobona indlela lesi sihloko esivela ngayo kulo lonke iBhayibheli kusukela kuGenesise kuya encwadini yesAmbulo.

Unalokhu engqondweni, manje ake ufunde ngomyalezo osencwadini edume kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli.

^ isig. 9 Kunezindlela ezihlukahlukene zokuchaza izinsuku. Kule ncwajana, u-C.E. usho iNkathi Evamile (Common Era) kanti u-B.C.E. usho ukuthi Ngaphambi KweNkathi Evamile (Before the Common Era). Uzokubona lokhu kukhonjiswe eshadini lezenzakalo elisekugcineni kwamakhasi.