INGOMA 25
Impahla Eyigugu
-
1. UJah unendal’ entsha,
Amadodana akhe.
Uwathenge kubantu,
Uyawamukela.
(CHORUS)
Yimpahl’ eyigugu,
Bangabegama lakho.
Bak’khonza ngothando.
Bamemezel’ udumo lwakho.
-
2. Bayisizw’ esingcwele,
Es’phethe iqiniso.
Badonsw’ ebumnyameni
Sebesek’khanyeni.
(CHORUS)
Yimpahl’ eyigugu,
Bangabegama lakho.
Bak’khonza ngothando.
Bamemezel’ udumo lwakho.
-
3. Balalela umyalo,
Baqoq’ umhlambi wakho.
Baqotho eWundlwini.
Bayalilalela.
(CHORUS)
Yimpahl’ eyigugu,
Bangabegama lakho.
Bak’khonza ngothando.
Bamemezel’ udumo lwakho.
(Bheka no-Isaya 43:20b, 21; Mal. 3:17; Kol. 1:13.)