Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kunjani Ukucindezeleka?

Kunjani Ukucindezeleka?

UJames * uthi: “Lapho ngiseneminyaka engu-12 ngelinye ilanga ngavuka ngahlala phezu kombhede, ngazibuza: ‘Ingabe ngilibuka ngiyaligcina namuhla?’” UJames wayengaphansi kokucindezeleka okukhulu. Ngemva kweminyaka engu-30, uJames uthi: “Ukuphila kwami konke bengilokhu ngilwa nalesi sifo esingokomzwelo nesingokwengqondo.” Lapho esemusha wayezizwa engento yalutho kangangokuba wadabula izithombe zakhe zasebuntwaneni. Uthi: “Ngangingacabangi ukuthi ngiyakufanelekela ukukhunjulwa.”

Ngenxa yokuthi sike sidabuke ngezinye izikhathi, singase siphethe ngokuthi siyakuqonda ukuthi kunjani ukucindezeleka. Kodwa kunjani ukuba nesifo sokucindezeleka?

Isela Elinonya

Ngaphezu nje kokuba neziqubu zokudabuka, isifo sokucindezeleka sibi kakhulu futhi senza umuntu angakwazi ukwenza imisebenzi yansuku zonke.

Ngokwesibonelo, sekuyiminyaka engaphezu kwengu-40 u-Álvaro enenkinga “yokwesaba, ukudideka engqondweni, usizi nokudabuka okukhulu.” Uyachaza: “Ukucindezeleka kwami kwakwenza kube nzima ukwamukela imibono yabanye. Ngangihlale ngicabanga ukuthi ngiyimbangela yazo zonke izinto ezingahambi kahle.” Ukucindezeleka ukuchaza ngokuthi kufana “nokuzwa ubuhlungu obukhulu kodwa ungazi ukuthi bukuphi, ukwesaba kodwa ungazi ukuthi wesabani, okubi kunakho konke, ukungafuni nhlobo ukukhuluma ngakho.” Uyazi ukuthi, usethole impumuzo ngokwazi ukuthi zibangelwa yini lezi zimpawu. Uthi: “Ukwazi nje ukuthi nabanye banenkinga efana neyami kungenze ngazizwa ngingcono.”

UMaria waseBrazil oneminyaka engu-49 waphathwa ukucindezeleka okwakumenza aqwashe, ezwe izinhlungu, acasulwe ubala, futhi “ahlale enomunyu.” Lapho kutholakala ukuthi uphethwe yini, lokhu kwamenza wakhululeka ngoba wayeseyazi imbangela yokugula kwakhe. Uyachaza: “Kodwa kamuva ngaba nexhala ngenxa yokuthi bambalwa kakhulu abantu abasiqondayo isifo sokucindezeleka futhi sikwenza ube nebala.”

Ingabe Ukhathazeka Ngokungafanele?

Nakuba ngezinye izikhathi ukucindezeleka kungase kube nembangela ecacile, ngokuvamile umuntu kumhlasela engaboni. URichard waseNingizimu Afrika uyachaza: “Uvele ubone ukuphila kwakho kugcwala ukudabuka okukhulu ngaphandle kwesizathu. Akekho umuntu omaziyo ofile futhi ayikho nento embi eyenzekile. Kodwa uzizwa ucindezelekile futhi ungenamdlandla. Ingekho nhlobo nento engakwenza uzizwe ungcono. Uvele ugajwe yimizwa yokuphelelwa yithemba, ngaphandle kwesizathu.”

Akufanele ube namahloni ngokucindezeleka. Kodwa u-Ana waseBrazil waba namahloni lapho ethola ukuthi unesifo sokucindezeleka. Uyavuma: “Empeleni nakuba sekuphele iminyaka engu-8 nginaso, ngisenamahloni.” Into ayithola inzima ngokukhethekile ukubhekana nobuhlungu obungokomzwelo. Uyachaza: “Ngezinye izikhathi kuba kubi kakhulu kangangokuba ngizwa izinhlungu. Umzimba uqaqamba wonke.” Ngezikhathi ezinjalo kuba nzima ngisho nokuvuka. Kuba nezikhathi lapho u-Ana ekhala khona angathuli. Uthi: “Ngikhala kamunyu bese ngikhathala, kube sengathi igazi selimile.”

IBhayibheli liyakuvuma ukuthi abantu  bangacindezeleka ngendlela eyingozi. Ngokwesibonelo, ukukhathazeka komphostoli uPawulu ngenye indoda kwakungenxa yokuthi yayingase ‘igwinywe ukudabuka ngokweqile [“igwinywe ukucindezeleka kakhulu,” Jewish New Testament].’ (2 Korinte 2:7) Abanye abantu abacindezelekile bavele bakhungatheke kangangokuba baze bafise ukufa. Abanye bazizwa ngendlela umprofethi uJona azizwa ngayo: “Kungcono ukufa kimi kunokuba ngophilayo.”—Jona 4:3.

Yini abantu abacindezelekile abangayenza ukuze belaphe futhi babhekane nalesi sifo esicindezelayo?

^ isig. 2 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

“Uvele ubone ukuphila kwakho kugcwala ukudabuka okukhulu ngaphandle kwesizathu”