Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’

Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’

INKOSI UDAVIDE yabhekana nosizi olukhulu ‘nemicabango eminingi eyayincisha ukuthula.’ Kodwa, ayizange ikungabaze ukuthi uMdali usiqonda ngazo zonke izindlela. Yabhala: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude. Ngoba akukabikho zwi olimini lwami, kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.”—IHubo 139:1, 2, 4, 23.

Nathi singaqiniseka ukuthi uMdali wethu uyasiqonda thina kuhlanganise nemiphumela ethena amandla ebangelwa ukucindezeleka ezingqondweni nasemizimbeni yethu engaphelele. Uyazi ukuthi yini ebangela ukucindezeleka nokuthi singabhekana kanjani nakho ngokuphumelelayo njengamanje. Ngaphezu kwalokho, wembulile ukuthi uyokwelapha kanjani ukucindezeleka kuze kube phakade. Akekho omunye ebesingafisa ukuba asisize ngaphandle “kukaNkulunkulu wethu onesihawu oduduza labo abacindezelekile.”—2 Korinte 7:6, The Amplified Bible.

Kodwa abacindezelekile bangase bazibuze ukuthi uNkulunkulu angabasiza kanjani lapho bebhekana nemizwa ecindezelayo.

Ingabe uNkulunkulu uyatholakala kwabacindezelekile?

UNkulunkulu usondelene kakhulu nezikhonzi zakhe ezicindezelekile kuze kube sengathi uhlala ‘nalabo abachotshoziwe abanomoya othobekile, ukuze avuselele umoya wabathobekileyo futhi avuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’ (Isaya 57:15) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile”!—IHubo 34:18.

Bangayithola Kanjani Induduzo KuNkulunkulu Abacindezelekile?

Nganoma yisiphi isikhathi sosuku, abakhulekeli bakaNkulunkulu bangakwazi ukukhuluma ‘noMuzwi womthandazo,’ ongasisiza ukuba sibhekane nemizwa nezimo ezicindezelayo. (IHubo 65:2) IBhayibheli lisinxusa ukuba sithulule izifuba zethu kuNkulunkulu: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Kuthiwani uma imizwa yethu yokuzinyeza isenza sicabange ukuthi imithandazo yethu akayilaleli?

Ukucindezeleka, kungabangela ukuba siphethe ngokuthi imizamo yethu yokujabulisa uNkulunkulu ayanele. Kodwa, uBaba wethu osezulwini uyiqonda kahle imizwa yethu ebuthaka, “ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14) Ngisho noma ‘izinhliziyo zethu zisilahla,’ kodwa ‘singaziqinisekisa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.’ (1 Johane 3:19, 20) Ngakho-ke, emithandazweni yakho ungawasebenzisa amazwi owathathe eBhayibhelini njengasencwadini yeHubo 9:9, 10; 10:12, 14, 17; no-25:17.

 Kuthiwani uma sicindezeleke kakhulu singakwazi ukuveza imizwa yethu?

Lapho ucindezeleke kakhulu ungasakwazi nokukhuluma kahle, ungadikibali! Qhubeka usondela ‘kuYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke,’ wazi ukuthi uyayiqonda imizwa nezidingo zakho. (2 Korinte 1:3) UMaria, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kulolu chungechunge lwezihloko, uthi: “Ngezinye izikhathi lapho ngidideke kakhulu, ngivele ngingazi ukuthi ngithandaze ngithini. Kodwa ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangiqonda futhi uyangisiza.”

Uyiphendula kanjani uNkulunkulu imithandazo yethu?

IBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu ususa zonke izinkinga zethu manje. Kodwa,  uyasinikeza amandla okubhekana nazo “zonke izinto”—kuhlanganise nokucindezeleka. (Filipi 4:13) UMartina uyavuma: “Lapho ngiqala ukuphathwa ukucindezeleka, ngathandaza kuNkulunkulu ngamcela ukuba angelaphe ngokushesha, ngoba ngangicabanga ukuthi ngeke ngisakwazi ukukubekezelela. Manje nganelisekile ngokuthandazela amandla usuku nosuku.”

ImiBhalo iwumthombo obalulekile wamandla angokomoya okusiza abagulayo ukuba babhekane nokucindezeleka. USara osekuphele iminyaka engu-35 enokucindezeleka, wazibonela ngokwakhe ukubaluleka kokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Uyalandisa: “Ngikwazisa kakhulu lokho ochwepheshe bezokwelapha abangenzele khona. Kodwa, ngaphezu kwakho konke, ngiyakuqaphela ukubaluleka kosizo olungokomoya lokufunda iZwi likaNkulunkulu. Ngikwenze umkhuba ukulifunda.”

Ngeke Kuphinde Kube Khona Ukucindezeleka!

Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa amandla ayewanikezwe uNkulunkulu okwelapha izifo ezibuhlungu. UJesu wayemagange ukuletha impumuzo kubantu ababephethwe yizifo ezimbi kakhulu. Ngaphezu kwalokho, yena ngokwakhe uyabazi ubuhlungu obubangelwa imizwa yokucindezeleka. Ngobusuku obandulela ukubulawa kwakhe okubuhlungu, “[uKristu] wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Hebheru 5:7) Nakuba kwakucindezela kuJesu lokho ngaleso sikhathi, siyazuza manje ngenxa yokuthi “uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo.”—Hebheru 2:18; 1 Johane 2:1, 2.

IBhayibheli lembula ukuthi injongo kaNkulunkulu iwukususa zonke izimo ezibangela ukucindezeleka. IBhayibheli liyethembisa: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni. Kodwa yethabani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo.” (Isaya 65:17, 18) “Amazulu amasha,” uMbuso kaNkulunkulu, ayobuyisela “umhlaba omusha,” umphakathi wabantu abalungile emhlabeni, ekupheleleni ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Konke ukugula ngeke kusaba khona kuze kube phakade.

“O Jehova, ngimemezé igama lakho ngisemgodini wohlobo oluphansi impela. Izwi lami kumelwe ulizwe. Ungayifihli indlebe yakho ekungiphumuzeni, ekukhaleleni kwami usizo. Usondelile ngosuku engaqhubeka ngikubiza ngalo. Wathi: “Ungesabi.’”—IsiLilo 3:55-57