Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?

EKUSENI ngo-November 1, 1755, kwazamazama umhlaba edolobheni laseLisbon, ePortugal. Kwalandela i-tsunami kwaqubuka nomlilo, ingxenye enkulu yedolobha yacekeleka phansi futhi kwafa izinkulungwane.

Ngemva kokuzamazama komhlaba eHaiti ngo-2010, isihloko sephephandaba laseCanada i-National Post sathi: “Zonke izinhlekelele ezinkulu zivivinya ukukholelwa kwabantu emandleni aphakeme. Kodwa ezinye, njengenhlekelele yaseHaiti efuze [enkulu kakhulu] yaseLisbon, ziluvivinya nakakhulu ukholo.” Lesi sihloko saphetha ngokuthi: “Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu uyilahlile iHaiti.”

“NjengoMninimandla Onke,” uJehova uNkulunkulu unamandla angenamkhawulo, kuhlanganise nekhono lokuqeda ukuhlupheka. (IHubo 91:1) Ngaphezu kwalokho, singaqiniseka ukuthi uyasikhathalela. Kungani?

Yini Esiyaziyo NgoNkulunkulu?

UNkulunkulu uyazwelana nabantu abahluphekayo. Lapho ama-Israyeli egqilaziwe eGibhithe futhi ephathwa kabi abathumbi bawo, uNkulunkulu watshela uMose: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Eksodusi 3:7) Kubonisani lokhu? Kubonisa ukuthi uNkulunkulu akakuzibi ukuhlupheka kwabantu. Ngokuphambene, ngemva kwamakhulu amaningi eminyaka umprofethi u-Isaya wabhala ngokuphathelene nama-Israyeli: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.”—Isaya 63:9.

“Zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” (Duteronomi 32:4) UNkulunkulu akenzeleli futhi akakhethi kukho konke akwenzayo. “Uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe,” futhi ‘uyobuyisela usizi kulabo ababangela usizi’ kwabalungile. (IzAga 2:8; 2 Thesalonika 1:6, 7) Njengoba engakhethi, “akachemi nababusi futhi akabavuni abacebile, ngoba bonke abantu badalwa nguye.”—Jobe 34:19, Today’s English Version) UNkulunkulu uyayazi nendlela engcono kakhulu yokuphulukisa isintu. Ngokuphambene, izixazululo zabantu zingase zifaniswe nokubopha ngebhandishi inxeba lomuntu odutshuliwe. Nakuba ibhandishi lingayemboza inkinga, lenza okuncane kakhulu ukuxazulula umsuka ingasaphathwa-ke eyesiguli esihlukumezekayo

Ingabe udokotela angasebenzisa ibhandishi nje kuphela ukuze abophe inxeba lokudutshulwa elophayo?

UNkulunkulu ‘unesihe nomusa futhi uchichima umusa wothando.’ (Eksodusi 34:6) Igama elithi “isihe,” njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, linomqondo wozwela nesihawu esishukumisa umuntu ukuba asize omunye. Umsuka wegama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “umusa” uchazwa ngokuthi “ukushukunyiswa yinhliziyo komuntu onokuthile angakunika oswele.” Ngokwe-Theological Dictionary of the Old Testament, igama elihunyushwe ngokuthi “umusa wothando” lihlanganisa “ukungenela ngenxa yothile obhekene nobunzima noma ukucindezeleka.” UJehova uNkulunkulu, akagcini nje ngokuzwa  ubuhlungu lapho umuntu ehlupheka kodwa ushukunyiswa nayisihe, uzwela nomusa wothando ukuba amsize. Ngaleyo ndlela, singaqiniseka ukuthi uyokuqeda ukuhlupheka.

Isihloko esandulele siphawule izici ezintathu ezinomthelela ekuhluphekeni kwabantu namuhla, futhi okungenakuthiwa zibangelwa uNkulunkulu. Ake sihlole imbangela yazo.

Ukuzikhethela

Ekuqaleni u-Adamu wayeqondiswa uNkulunkulu. Kodwa, lapho enikwa inkululeko yokukhetha, wakhetha ukukulahla ukuqondiswa kwaphezulu nokuzihlolela ukuthi kuzoba njani ukuzibusa. Akasilalelanga isixwayiso sikaJehova esilotshwe kuGenesise 2:17: “Uyokufa nokufa.” Ukwehluleka ukuzithoba ngaphansi kokubusa okuphelele kukaNkulunkulu kwabangela isono nokungapheleli. IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Kodwa uNkulunkulu uzoyiqeda imiphumela yesono.

Izenzakalo Ezingahleliwe

Njengoba kuphawuliwe ngenhla, umuntu wokuqala u-Adamu, wasenqaba isiqondiso saphezulu esasidingeka kakhulu ukuze abantu balondeke ngisho nasezinhlekeleleni zemvelo. Lesi sinqumo sakhe singase sifaniswe nesesiguli esenqaba ukwelashwa udokotela ochwepheshile futhi ongumakadebona. Uma isiguli singazazi izingozi zempilo ezaziwa udokotela, singase sihlupheke ngenxa yokukhetha kwaso kabi. Ngokufanayo, kuwukungawunakekeli kahle kwabantu umhlaba—kuhlanganise nezindlela zokwakha ezingaphephile nokungawanaki amandla emvelo—okuvame ukuba yimbangela yezinhlekelele zemvelo. Kodwa, uNkulunkulu ngeke avume ukuba lesi simo siqhubeke unomphela.

“UMbusi Waleli Zwe”

Kungani uNkulunkulu avumela uSathane ukuba abuse umhlaba ngemva kokuvukela kwakhe? Ngokomthombo othile, “imibuso emisha yanoma yiluphi uhlobo iqale igxeke uhulumeni owandulele ngezinkinga ezisuke zikhona.” Ukube uJehova wayemchithe zibekwa nje “umbusi waleli zwe,” uSathane wayeyothi ukwehluleka kwakhe kubangelwe uMbusi owandulele, onguNkulunkulu. (Johane 12:31) Kodwa, ukuvumela isikhathi sokuba uSathane alibonise ngokugcwele igunya lakhe emhlabeni wonke, kuye kwamveza njengombusi oyisehluleki. Noma kunjalo, umbuzo uyasala, Singaqiniseka kanjani ukuthi ukuhlupheka kuzophela?