U-Isaya 63:1-19

  • Impindiselo kaJehova ezizweni (1-6)

  • Uthando oluqotho lukaJehova ezikhathini ezidlule (7-14)

  • Umthandazo wokuphenduka (15-19)

63  Ubani lona ovela kwa-Edomi, +Ovela eBhozira + ogqoke izingubo ezinemibala egqamile,*Lona ogqoke izembatho ezikhazimulayo,Omasha ngamandla akhe amakhulu? “Yimi, engikhuluma ngokulunga,Enginamandla amakhulu okusindisa.”   Kungani izingubo zakho zibomvu,Kungani izingubo zakho zinjengezalowo onyathela isikhamo sewayini? +   “Ngiwunyathele ngingedwa umkhombe wewayini. Akukho muntu owayekanye nami ovela ezizweni. Ngaqhubeka ngizinyathela ngentukuthelo yami,Ngaqhubeka ngizinyathela ngolaka lwami. + Igazi lazo lachaphazela izingubo zami,Ngizingcolise zonke izembatho zami.   Ngoba usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, +Ufikile unyaka wabahlengiwe bami.   Ngabheka kodwa kwakungekho msizi;Ngamangala ukuthi kwakungekho owayefisa ukulekelela. Ngakho ingalo yami yangilethela insindiso, *+Nolaka lwami lwangisekela.   Nganyathela izizwe ngithukuthele,Ngazenza zadakwa ngolaka lwami +Ngathululela igazi lazo emhlabathini.”   Ngizokhuluma ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho,Ngezenzo zikaJehova ezifanele ukudunyiswa,Ngenxa yakho konke lokho uJehova asenzele kona, +Izinto eziningi ezinhle azenzele indlu ka-Israyeli,Ngokwesihe sakhe nangothando lwakhe oluqotho olukhulu.   Ngoba wathi: “Ngokuqinisekile bangabantu bami, amadodana angeke angathembeki.” *+ Ngakho waba uMsindisi wabo. +   Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye. + Isithunywa sakhe siqu* sabasindisa. + Ngothando nangobubele bakhe wabahlenga, +Wabaphakamisa wabathwala kuzo zonke izinsuku zakudala. + 10  Kodwa bona badlubulunda + futhi bawudabukisa umoya wakhe ongcwele. + Wabe esephenduka isitha sabo, +Walwa nabo. + 11  Bakhumbula izinsuku zakudala,Izinsuku zikaMose inceku yakhe: “Uphi Lowo owabakhuphula wabakhipha olwandle + kanye nabelusi bomhlambi wakhe? + Uphi Lowo owafaka kuye umoya waKhe ongcwele, + 12  Lowo owenza ukuba ingalo yaKhe ekhazimulayo ihambe nesandla sokudla sikaMose, +Lowo owahlukanisa amanzi phambi kwabo +Ukuze azenzele igama elimi phakade, + 13  Lowo owenza ukuba bahambe emanzini agubhayo,*Kangangokuthi bahamba kodwa abazange bakhubeke,Njengehhashi ehlane? 14  Njengalapho imfuyo yehlela ethafeni eliyisigodi,Umoya kaJehova wabenza baphumula.” + Wabahola kanjalo abantu bakho,Ukuze uzenzele igama elibabazekayo. *+ 15  Bheka usezulwini uboneUsendaweni yakho yokuhlala ephakeme yobungcwele nenkazimulo.* Iphi intshiseko namandla akho,Uzwela* nesihe sakho? + Ukugodlile ukuze ngingakutholi. 16  Ngoba wena unguBaba wethu; +Nakuba u-Abrahama engase angasaziNo-Israyeli engase angasiqapheli,Wena Jehova, unguBaba wethu. Ubizwa ngokuthi uMhlengi wethu wakudala. + 17  Kungani Jehova, usiyeka* sinhlanhlathe ezindleleni zakho? Kungani uvumela* izinhliziyo zethu zibe lukhuni, ukuze singakwesabi? + Ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho,Buya uzosisiza. + 18  Isizwe sakho esingcwele sadla ifa isikhashana nje. Izitha zethu ziyinyathelile indlu yakho engcwele. + 19  Isikhathi eside sibe njengalabo ongabusanga phezu kwabo,Njengalabo abangakaze babizwe ngegama lakho.

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “ezinombala obomvu ngokugqamile.”
Noma, “yangenza nganqoba.”
Noma, “azibonakalise enamanga.”
Noma, “Ingelosi yakhe.”
Noma, “ajulile.”
Noma, “elihle.”
Noma, “nobuhle.”
NgesiHebheru, “Isiyaluyalu sezibilini zakho.”
Noma, “usibangela ukuba.”
NgesiHebheru, “wenza.”