U-Isaya 66:1-24

  • Ukukhulekela kweqiniso nokwamanga (1-6)

  • Umama oyiZiyoni namadodana akhe (7-17)

  • Abantu baqoqene ndawonye ukuze bayokhonza eJerusalema (18-24)

66  Yilokhu uJehova akushoyo: “Amazulu ayisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyindawo yami yokubeka izinyawo. + Iphi-ke indlu eningangakhela yona, +Iphi indawo yami yokuphumula?” +   “Yisandla sami esenze zonke lezi zinto,Yileyo ndlela ezaba khona ngayo,” kusho uJehova. + “Yilona engizombheka,Othobekile nophukile emoyeni nowesaba izwi lami. +   Ohlaba inkunzi uyafana nobulala umuntu. + Owenza umhlatshelo ngemvu ufana nophula intamo yenja. + Onikela isipho—unjengonikela ngegazi lengulube! + Oletha umnikelo wempepho oyisikhumbuzo + unjengosho isibusiso ngamazwi angaqondakali. *+ Bakhethe izindlela zabo,Bajabulela into enyanyisayo.   Ngakho ngizokhetha izindlela zokubajezisa, +Ngizobalethela zona kanye izinto ezibethusayo. Ngenxa yokuthi ngabiza, kodwa akekho owasabela;Lapho ngikhuluma, akekho owalalela. + Babelokhu benza okubi emehlweni ami,Bekhetha ukwenza okungicasulayo.” +   Yizwani izwi likaJehova, nina enesaba izwi lakhe: “Abafowenu abanizondayo, abanicwasayo ngenxa yegama lami, bathe, ‘Kwangathi uJehova angakhazinyuliswa!’ + Kodwa uNkulunkulu uzobonakala anilethele injabulo,Bona bazohlazeka.” +   Kukhona umsindo wesiyaluyalu ovela edolobheni, umsindo ovela ethempelini! Ngoba uJehova ubuyisela izitha zakhe okuzifanele.   Ngaphambi kokuba aqale ukusikwa wabeletha. + Ngaphambi kokuba imihelo imfikele, wabeletha umntwana wesilisa.   Ubani owake wayizwa into enjengale? Ubani ozibonile izinto ezinjengalezi? Ingabe izwe lingazalwa ngosuku olulodwa? Noma ingabe isizwe sonke singazalwa kanyekanye? Nokho, lapho nje iZiyoni lisikwa, lazala amadodana alo.   “Ingabe ngingabangela ukuba ingane ibe seqophelweni lokuzalwa kodwa ingaphumi?” kusho uJehova. “Noma ingabe ngingabangela ukuba izalwe bese ngivala isibeletho?” kusho uNkulunkulu wakho. 10  Thokozani neJerusalema nijabule kanye nalo, + nonke nina enilithandayo. + Halalisani kanye nalo, nonke nina enilikhalelayo, 11  Ngoba niyoncela naneliseke ngokugcwele ebeleni lenduduzo yalo,Niyophuza nithole injabulo enkazimulweni yalo enkulu. 12  Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: “Ngidlulisela ukuthula kulo njengomfula +Nenkazimulo yezizwe njengezikhukhula ezinamandla. + Niyoncela futhi nibelethwe emhlane,Niyodlaliswa emathangeni alo. 13  Njengoba umama eduduza indodana yakhe,Ngendlela efanayo ngiyoqhubeka nginiduduza; +Niyoduduzwa ngenxa yeJerusalema. + 14  Niyokubona lokhu futhi izinhliziyo zenu ziyojabula,Amathambo enu ayohluma njengotshani obusha. Izinceku zikaJehova ziyosazi isandla sakhe,*Kodwa izitha zakhe uyozilahla.” + 15  “Ngoba uJehova uyoza njengomlilo, +Izinqola zakhe zinjengesiphepho, +Ukuze abuyisele ngolaka,Akhuze ngamalangabi omlilo. + 16  UJehova uyokwahlulela bonke abantu ngomlilo nangenkemba;Ababulewe nguJehova bayoba baningi. 17  “Labo abazingcwelisayo nabazihlanzayo ukuze bangene ezingadini *+ belandela lowo ophakathi nendawo, labo abadla inyama yengulube + nezinto ezinyanyisayo namagundane, + bonke bayoqedwa kanyekanye,” kusho uJehova. 18  “Njengoba ngiyazi imisebenzi nemicabango yabo, ngiyeza ukuze ngiqoqele ndawonye abantu bazo zonke izizwe nezilimi, bayoza babone inkazimulo yami.” 19  “Ngiyomisa isibonakaliso phakathi kwabo, futhi ngiyothumela abanye kulabo abaphunyukayo ezizweni—eTharishishi, + ePhuli naseLudi, + labo abadonsa umnsalo, eThubhali, eJavani + naseziqhingini ezikude—ezingawuzwanga umbiko ngami noma zibone inkazimulo yami; bayomemezela ngenkazimulo yami phakathi kwezizwe. + 20  Bayobaletha bonke abafowenu abavela kuzo zonke izizwe + njengesipho kuJehova, begibele amahhashi, izinqola, izinqola ezimboziwe, iminyuzi namakamela asheshayo, babakhuphulele entabeni yami engcwele, eJerusalema,” kusho uJehova, “njengalapho nje amadodana ka-Israyeli eletha isipho ngesitsha esihlanzekile endlini kaJehova.” 21  “Ngiyothatha abanye babe ngabapristi, abanye babe ngamaLevi,” kusho uJehova. 22  “Njengoba nje amazulu amasha nomhlaba omusha + engikwenzayo kuyohlale kumile phambi kwami,” kusho uJehova, “kanjalo inzalo* yenu negama lenu kuyohlale kukhona.” + 23  “Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kokunye ukwethwasa kwenyanga, kusukela esabatheni kuye kwelinye isabatha,Bonke abantu bayoza bakhothame phambi kwami,” *+ kusho uJehova. 24  “Bayophuma babuke izidumbu zabantu abadlubulunda kimi;Ngoba izibungu ezikubo ngeke zife,Nomlilo wabo ngeke ucishe, +Bayoba yinto enyantisayo kubo bonke abantu.”

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “unjengodumisa isithixo.”
Noma, “ziyowazi amandla akhe.”
Okuwukuthi, izingadi ezikhethekile okwakukhonzwa kuzo izithixo.
NgesiHebheru, “imbewu.”
Noma, “bayoza bangikhonze.”