U-Isaya 40:1-31

  • Induduzo kubantu bakaNkulunkulu (1-11)

    • Izwi ehlane (3-5)

  • Ubukhulu bukaNkulunkulu (12-31)

    • Izizwe zinjengethonsi eliphuma ebhakedeni (15)

    • UNkulunkulu uhlala ngaphezu “kwembulunga ewumhlaba” (22)

    • Zonke izinkanyezi zibizwa ngamagama (26)

    • UNkulunkulu akakhathali (28)

    • Ukwethembela kuJehova kwenza umuntu athole amandla kabusha (29-31)

40  “Duduzani, duduzani abantu bami,” kusho uNkulunkulu wenu. +   “Khulumani nenhliziyo* yeJerusalemaLitsheleni ukuthi inkonzo yalo eyimpoqo isiphelile,Ukuthi icala lalo selikhokhelwe. + Lithole inkokhelo egcwele* yazo zonke izono zalo esandleni sikaJehova.” +   Kukhona omemeza ehlane ethi: “Lungisani indlela kaJehova! + Yenzelani uNkulunkulu wethu umgwaqo omkhulu oqondile + onqamula ogwadule. +   Maziphakanyiswe zonke izigodi,Kwehliswe zonke izintaba namagquma. Indawo eneziduli kumelwe yenziwe iqonde,Nemagebhugebhu ibe yithafa. +   Inkazimulo kaJehova iyokwambulwa, +Bonke abantu bayoyibona kanyekanye, +Ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”   Lalela! Othile uthi: “Memeza!” Omunye uyabuza athi: “Ngimemeze ngithini?” “Bonke abantu bawutshani obuluhlaza Lonke uthando lwabo oluqotho lunjengembali yasendle. +   Utshani obuluhlaza buyoma,Imbali iyabuna, +Ngoba umoya kaJehova uvunguza phezu kwako. + Ngokuqinisekile abantu bawutshani obuluhlaza.   Utshani obuluhlaza buyoma,Imbali iyabuna,Kodwa izwi likaNkulunkulu wethu lihlala kuze kube phakade.” +   Yenyukela entabeni ephakeme,Wena wesifazane olethela iZiyoni izindaba ezinhle. + Phakamisa izwi lakho ngamandla,Wena wesifazane olethela iJerusalema izindaba ezinhle. Liphakamise, ungesabi. Yithi emadolobheni akwaJuda: “Nangu uNkulunkulu wenu.” + 10  Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyoza ngamandla,Ingalo yayo iyobusa. + Bheka! Iphethe umvuzo wayo,Nenkokhelo eyikhokhayo iphambi kwayo. + 11  Iyokwelusa* umhlambi wayo njengomalusi. + Ngengalo yayo iyoqoqela ndawonye amawundlu,Iwagone esifubeni sayo. Izindlezane* iyozihola ngesineke. + 12  Ngubani okale amanzi enkothweni* yesandla sakhe +Walinganisa* ububanzi bamazulu ngesandla* sakhe? Wafaka esilinganisweni uthuli lomhlaba +Noma wakala izintaba ngesikaliNamagquma wawakala esikalini? 13  Ngubani okale* umoya kaJehova,Ngubani ongamfundisa abe umeluleki wakhe? + 14  Ngubani obonisane naye ukuze aqonde,Noma ngubani omfundisa indlela yobulungisa,Noma omfundisa ulwazi,Noma ombonisa indlela yokuqonda kwangempela? + 15  Bheka! Izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni,Zibhekwa njengongwengwezi lothuli esikalini. + Bheka! Uphakamisa iziqhingi njengothuli olucolekile. 16  Ngisho nehlathi laseLebhanoni alanele ukugcina umlilo uvutha,*Nezilwane zalo zasendle azanele ukwenza umnikelo oshiswayo. 17  Zonke izizwe zinjengento engekho phambi kwakhe; +Uzibheka njengezingelutho, njengeziyize. + 18  Ningamqhathanisa nobani uNkulunkulu? + Ningamfanisa nani? + 19  Ingcweti ibumba isithixo,*Osebenza ngensimbi usinameka ngegolide, +Wenza amaketanga esiliva. 20  Ukhetha isihlahla esizoba umnikelo, +Isihlahla esingeke sibole. Uzifunela ingcweti enekhonoUkuze yenze isithombe esibaziwe esingeke siwe. + 21  Anazi yini? Anikezwa yini? Anizange yini nitshelwe kwasekuqaleni? Anizange yini niqonde kusukela ekubekweni kwezisekelo zomhlaba? + 22  Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwembulunga ewumhlaba, *+Abahlala kuwo banjengezintethe. Welula amazulu njengendwangu elula,Awendlale njengetende okuzohlalwa kulo. + 23  Wenza izikhulu eziphakeme zibe yinto engelutho,Enze abahluleli* bomhlaba babe yize. 24  Abakatshalwa,Abakahlwanyelwa,Isiqu sabo asikamili zimpande emhlabeni,Bayapheshulwa bese boma,Umoya ubaphephula njengezinhlanga. + 25  “Ningangifanisa nobani ukuze ngilingane naye?” kusho oNgcwele. 26  “Phakamiselani amehlo enu ezulwini nibone. Ngubani odale lezi zinto? + YiLowo okhipha ibutho lazo ngesibalo;Zonke uzibiza ngamagama. + Ngenxa yamandla akhe amakhulu namangalisayo, +Ayikho neyodwa engekho endaweni yayo. 27  O Jakobe, kungani usho lokhu, O Israyeli, kungani umemezela uthi,‘Indlela yami ifihlekile kuJehova,UNkulunkulu akangibonisi ubulungisa’? + 28  Awazi yini? Awukezwa yini? UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, unguNkulunkulu kuze kube phakade. + Akakhathali noma aphelelwe amandla. + Ukuqonda kwakhe akuphenyeki. *+ 29  Unika okhathele amandlaAbanike amandla aphelele labo abangenamandla. + 30  Abafana bayokhathala baphelelwe amandla,Nezinsizwa ziyokhubeka ziwe, 31  Kodwa labo abathembele kuJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. + Bayogijima bangaphelelwa amandla;Bayohamba bangakhathali.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Duduzani inhliziyo.”
Noma, “inkokhelo ephindwe kabili.”
Noma, “Iyonakekela.”
Izimbuzi noma izimvu ezincelisayo.
Noma, “ngentende.”
Noma, “Wakala.”
Ibanga eliphakathi kwesithupha nocikicane uma isandla sivulekile. Bheka iSithasiselo B14.
Noma kungaba, “owuqondayo.”
Noma, “alinazo izinkuni ezanele.”
Noma, “isithombe esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
Noma, “kwesiyingi somhlaba.”
Noma, “ababusi.”
Noma, “akuqondakali.”