Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IYINI IMPUMELELO YANGEMPELA?

Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?

Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?

Ukuze uzihlole, cabanga ngezimo ezilandelayo zezinto ezingase zenzeke.

Ubani kulaba ongathi uphumelela ngempela?

  • U-ALEX

    U-Alex unebhizinisi. Uqotho, ukhuthele futhi uyahlonipha. Ibhizinisi lakhe liyachuma futhi ngenxa yalokho, yena nomndeni wakhe baphila ngokunethezeka.

  • UCAL

    UCal naye unebhizinisi elifanayo futhi wenza imali eningi kuno-Alex. Nokho, ukuze ahambe phambili kozakwabo, uCal usebenza ngokweqile futhi usenanezifo eziningi.

  • UJANET

    UJanet ungumfundi wasesikoleni samabanga aphakathi ozimiselayo futhi okujabulelayo ukufunda. Ngenxa yalokho, uphumelela kahle.

  • U-ELLEN

    U-Ellen uthola amamaki angcono kakhulu kunoJanet futhi uphumelela ngamalengiso—kodwa uyakopela phakathi nokuhlolwa futhi kuncane akuthandayo ezintweni azifundayo.

Uma uthi uCal no-Ellen—noma bonke—bayaphumelela, kungenzeka ulinganisa impumelelo ngemiphumela kuphela, kungakhathaliseki ukuthi leyo miphumela itholakale kanjani.

Ngakolunye uhlangothi, uma ukhethe u-Alex noJanet kuphela, kungenzeka ulinganisa impumelelo nezici zobuntu bomuntu nemikhuba yakhe yokusebenza. Kunengqondo ukwenza kanjalo. Cabangela lezi zibonelo ezilandelayo:

  • Yini eyosiza uJanet ukuphila kwakhe konke—ukuthola amamaki aphezulu noma ukuhlakulela uthando lokufunda?

  • Ikuphi okuyosiza abantwana baka-Alex—ukuba nazo zonke izinto ezingathengwa ngemali noma ukuba nobaba okwazisayo ukuchitha isikhathi nezingane zakhe?

Iphuzu elisemqoka: Impumelelo yokuzikhohlisa isekelwe kulokho okubonakala ngaphandle; impumelelo yangempela isekelwe ezindinganisweni ezifanele.