Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Yokumelana Nesilingo

Indlela Yokumelana Nesilingo

INSELELE

“Ngezinye izikhathi, amantombazane acela izinombolo zami zocingo futhi afuna ‘sixhumane.’ Ngiyenqaba bese ngivele ngihamba. Kodwa engqondweni yami, kuba nalo mcabango ongafuni ukusuka: ‘Kuthiwani ukube ngiyinikezile inombolo yami?’ Eqinisweni, amanye alawo mantombazane aweve emahle. Kulula ukucabanga ukuthi, ‘Kungani ngingavumi?’ ”—UCarlos, * oneminyaka engu-16.

Ingabe nawe, ulwa nesilingo njengoCarlos? Uma kunjalo, ungayinqoba le mpi.

OKUFANELE UKWAZI

Uma uvumela ukunqotshwa isilingo, uyolimala

Akekho umuntu ongachayekile esilingweni—ngisho nabantu abadala. Phela, isilingo singeza ngezindlela ezihlukahlukene. Umphostoli uPawulu wayesedlulile esigabeni sobusha lapho ebhala lokhu: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu  . . , kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono.” (Roma 7:22, 23) Naphezu kwezingcindezi, uPawulu wakwazi ukulwa nokuthambekela kokunqotshwa isilingo—nawe ungakwazi! Empeleni, kungani uzenza isigqila sezifiso zakho? (1 Korinte 9:27) Ukufunda ukumelana nesilingo lapho usemusha kuyokukhulula ezinkathazweni eziningi manje futhi kuyokwenza ube nekhono elibalulekile oyolidinga lapho usumdala.

Imithombo yezokuxhumana ibhebhethekisa izilingo. IBhayibheli likhuluma ‘ngezifiso zobusha,’ ezinamandla nje zizodwa. (2 Thimothewu 2:22) Kodwa amabhayisikobho, ithelevishini, umculo, nezincwadi zabantu abasha ngokuvamile kwenza lezi zifiso zibe namandla kakhulu ngokudlulisela umqondo wokuthi ukuvumela isilingo sikunqobe kwamukelekile. Ngokwesibonelo, uma abalingiswa ababili bebhayisikobho ‘bethandana,’ cishe nakanjani bayoya ocansini phakathi naleyo bhayisikobho. Kodwa, iBhayibheli lithi amadoda nabesifazane abaqotho ngempela banamandla ‘okudeda ezifisweni zenyama.’ (1 Petru 2:11) Lokhu kusho ukuthi ungakwazi ukukhetha ukumelana nesilingo. Kodwa kanjani?

ONGAKWENZA

Bazi ubuthakathaka bakho. Iketanga liqina kakhulu kuphela uma wonke amasongo alo eqinile. Ngokufanayo, ukuzimisela kwakho ukwenza okulungile kuyophazanyiswa kakhudlwana izici obuthakathaka kuzo. Iziphi izici okufanele uzibheke?Isimiso seBhayibheli: Jakobe 1:14.

Silindele isilingo. Cabanga ngezimo ezingakwenza ubhekane nesilingo. Engqondweni zilungiselele ukuthi uyobhekana kanjani naso uma sivela.Isimiso seBhayibheli: IzAga 22:3.

Qinisa ukuzimisela kwakho. IBhayibheli lithi lapho elingelwa ukuba ahileleke ekuziphatheni okubi, uJosefa wathi: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” (Genesise 39:9) Inkulumo ethi “ngingabenza kanjani,” ibonisa ukuthi uJosefa wayenezinkolelo eziqinile ngokuphathelene nalokho okulungile nokungalungile. Ingabe nawe unjalo?

Thola abangane abazokusekela. Unganciphisa izilingo eziningi empilweni yakho ngokukhetha abangane abanokuziphatha okufana nokwakho. IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”IzAga 13:20.

Gwema izimo ezingenza kube nzima ukumelana nesilingo. Ngokwesibonelo:

  • Ungavumi ukuba wedwa nomuntu wobulili obuhlukile.

  • Gwema ukusebenzisa i-Internet ngesikhathi noma endaweni engandisa amathuba okubuka izithombe ezingcolile.

  • Ungazihlanganisi nabantu abanenkulumo nokuziphatha okwenza ukuba izinto ezimbi zikhange.

Imiphi imingcele ongazibekela yona ukuze ikusize ugweme ukuwela esilingweni?Isimiso seBhayibheli: 2 Thimothewu 2:22.

Thandazela usizo. UJesu watshela abafundi bakhe: ‘Thandazani njalo, ukuze ningangeni esilingweni.’ (Mathewu 26:41) Iqiniso liwukuthi, uJehova uNkulunkulu ufuna ukwazi ukumelana nesilingo, futhi angakusiza ukuba wenze njalo. IBhayibheli lithi: “Ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”1 Korinte 10:13.

^ isig. 4 Amagama ashintshiwe.