Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Ikhekheba Lezinyosi

Ikhekheba Lezinyosi

IZINYOSI zenza amakhekheba azo ngengcina ephuma ezindlaleni ezingaphansi kwesisu sazo. Ikhekheba lezinyosi libhekwa njengobunjiniyela obumangalisayo. Kungani?

Cabanga ngalokhu: Sekungamakhulu eminyaka izazi zezibalo zinomuzwa wokuthi ukuhlukanisa into ngokuyakha ibe nezinhlangothi eziyisithupha, kungcono kunokwakha unxantathu onezinhlangothi ezilinganayo noma isikwele—nanoma iyiphi-ke enye indlela—ukuze kube nendawo enkulu, kube kusetshenziswa izinto zokwakha ezimbalwa. Kodwa zazingakwazi ukuchaza ngokugcwele ukuthi kungani. Ngo-1999, uProfesa uThomas C. Hales, wanikeza ubufakazi obungokwezibalo obubonisa ubuhle bokwakha into ibe nezinhlangothi eziyisithupha. Wabonisa ukuthi ukusebenzisa izinhlangothi eziyisithupha, kuyindlela engcono kakhulu yokuhlukanisa indawo ibe nezingxenye ezilinganayo usebenzisa izinto zokwakha ezimbalwa.

Ngokwenza izikhala ezinezinhlangothi eziyisithupha, izinyosi zingasisebenzisa kangcono isikhala ezinaso ukuze zikhiqize ikhekheba elilula kodwa elingabihliki futhi eligcina uju oluningi kakhulu kodwa zibe zisebenzise ingcina encane. Akumangalisi ukuthi ikhekheba lezinyosi liye lachazwa “njengomklamo wobuciko.”

Namuhla, ososayensi balingisa indlela ikhekheba lezinyosi elakheke ngayo ukuze bakhe izakhiwo eziqinile nezinendawo enkulu. Ngokwesibonelo, onjiniyela bezindiza, basebenzisa othayela abaklanywe njengekhekheba lezinyosi ukuze benze izindiza eziqinile kodwa ezingasindi nezisebenzisa uphethiloli omncane.

Ucabangani? Ingabe ikhekheba lezinyosi elakheke ngezinga eliphakeme laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?