Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo

Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo

INSELELE

“Ngaklabalasela udadewethu futhi ngavula ngamandla isicabha kangangokuthi isibambo saso esingemuva sangena phakathi odongeni. Leyo mbobo yayihlale ingikhumbuza ukuthi ngaziphathisa okwengane.”—UDiane. *

“Ngamemeza, ‘Ungubaba omubi!’ futhi ngagaklaza isicabha. Kodwa ngaphambi kokuba sivaleke, ngabona indumalo ebusweni bukababa futhi ngokushesha ngafisa sengathi ngingawagwinya amazwi ami.”—ULauren.

Ingabe wake wazizwa njengoLauren noDiane? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza.

OKUFANELE UKWAZI

Ukuqhuma kwentukuthelo kungalilimaza idumela lakho. UBriana, manje oneminyaka engu-21 uthi: “Ngangivame ukucabanga ukuthi abanye kumelwe bakwamukele nje ukuthi nginenhliziyo encane. Kodwa ngaqala ukuqaphela ukuthi abantu babukeka beyiziphukuphuku uma bengazibambi, futhi kwangikhanyela ukuthi nami ngangibonakala nginjalo kwabanye!”

IBhayibheli lithi: “Oshesha ukuthukuthela uyokwenza ubuwula.”—IzAga 14:17.

Abantu bayoyibalekela intaba-mlilo eqhumayo; ngokufanayo, bayogwema noma ubani onolaka

Intukuthelo yakho ingenza abantu bakugweme. UDaniel oneminyaka engu-18, uthi: “Uma wenza into ngokucasuka, ulahlekelwa yisithunzi nenhlonipho abanye abanayo ngawe.” U-Elaine, naye oneminyaka engu-18 uyavuma. Uthi: “Ulaka alukhangi, lumane nje lwenze abantu bakwesabe.”

IBhayibheli lithi: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.”—IzAga 22:24.

Ungathuthuka. USara oneminyaka engu-15 uthi: “Awukwazi ukulawula indlela isimo esithile esikwenza uzizwe ngayo ngaso sonke isikhathi, kodwa ungakwazi ukulawula indlela oveza ngayo imizwa yakho. Akudingeki uqhume ngolaka.”

IBhayibheli lithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla, nolawula umoya wakhe ungcono kunothumba umuzi.”—IzAga 16:32.

ONGAKWENZA

Zibekele umgomo. Esikhundleni sokuthi, “Umthetho wami nginjena vele,” lwela ukuthuthuka phakathi nesikhathi esithile ozibekele sona—mhlawumbe izinyanga eziyisithupha. Phakathi naleso sikhathi, yibhale phansi intuthuko yakho. Njalo uma uke wahluthuka, bhala phansi ukuthi (1) kwenzekeni, (2) usabele kanjani, nokuthi (3) ubungasabela kanjani kangcono—nokuthi kungani. Yibe usukwenza umgomo wakho ukusebenzisa leyo ndlela engcono ngesikhathi esilandelayo uma kuba khona okukucasulayo. Icebiso: Bhala phansi nempumelelo oba nayo! Bhala ukuthi uzizwa kahle kanjani ngemva kokuba ukwazile ukuzibamba.—Isimiso seBhayibheli: Kolose 3:8.

Linda ngaphambi kokuba uthathe isinyathelo. Uma umuntu noma into ethile ikucasula, musa ukusho into efika kuqala engqondweni yakho. Kunalokho, linda. Donsa umoya kakhulu uma kudingeka. U-Erik oneminyaka engu-15, uthi: “Uma ngidonsa umoya, ngithola ithuba lokucabanga ngaphambi kokuba ngenze noma ngisho into engizozisola ngayo kamuva.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 21:23.

Yiba nombono obanzi. Ngesinye isikhathi ungacasuka ngenxa yokuthi ubuka uhlangothi olulodwa lwendaba—lolo oluthinta wena. Zama ukucabanga nangolunye uhlangothi lwendaba. Intokazi okuthiwa uJessica, ithi: “Ngisho nalapho abantu bedelela ngempela, ngokuvamile kuba nencazelo engangisiza ngibonise ukuqonda ngezinga elithile.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 19:11.

Uma kudingeka, hamba. IBhayibheli lithi: “Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” (IzAga 17:14) Njengoba lo mBhalo ubonisa, ngezinye izikhathi kuhle ukumane nje uhambe kuleso simo esishubile. Kunokuba uqhubeke ucabanga ngale ndaba futhi uvumela intukuthelo ikhule ngokwengeziwe, yenza okuthile. Intokazi okuthiwa uDanielle, ithi: “Ngathola ukuthi ukuzivocavoca kuyakudambisa ukucindezeleka kwami futhi kwehlise nolaka.”

Funda ukuyidlulisa indaba. IBhayibheli lithi: “Thukuthelani, kodwa ningoni. Khulumani ngenhliziyo, . . . kodwa nithule.” (IHubo 4:4) Phawula ukuthi akukubi ukuzizwa uthukuthele. Umbuzo uwukuthi, Yini ozoyenza ngemva kwalokho? Insizwa esencane okuthiwa uRichard, ithi: “Uma uvumela abanye bakucasule, kubenza babe namandla phezu kwakho. Kungani ungazami ukubonisa ukuvuthwa futhi uyidlulise leyo ndaba?” Uma wenza kanjalo, uyobe ulawula ulaka lwakho kunokuba uvumele lona lukulawule.

^ isig. 4 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.