Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Ngihlale Ngisho Izinto Ezingathandeki?

Kungani Ngihlale Ngisho Izinto Ezingathandeki?

 “Ngezinye izikhathi ngiyakwazi ukuzibamba, kodwa ngezinye kuvele kube sengathi umlomo wami uzenzela into yawo nengqondo izenzela okwayo!”​—UJames.

 “Uma ngithukile ngivele ngikhulume ngingacabanganga, kanti uma ngizizwa ngikhululekile ngikhuluma kakhulu. Okusho ukuthi njalo lapho ngikhuluma ngiyamosha.”​—UMarie.

 IBhayibheli lithi: ‘Ulimi luwumlilo.’ Liphinde lithi, “Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo!” (Jakobe 3:5, 6) Ingabe amazwi akho avame ukukufaka enkingeni? Uma kunjalo, lesi sihloko singakusiza.

 Kungani ngisho izinto ezingathandeki?

 Isono. IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo.” (Jakobe 3:2) Ubuthakathaka esinabo abugcini nje ngokusikhubekisa lapho sihamba, kodwa bungasenza sisho nezinto ezingafanele.

 “Kungaba ukuzikhohlisa ukucabanga ukuthi ngingakwazi ukulawula ingqondo nolimi lwami ngokuphelele ngoba nginesono.”​—U-Anna.

 Ukukhuluma kakhulu. IBhayibheli lithi: “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo.” (IzAga 10:19) Abantu abakhuluma kakhulu kodwa abangaziniki isikhathi sokulalela basemathubeni amaningi okusho izinto ezingalimaza abanye.

 “Ngokuvamile abantu abahlakaniphile abakhulumi kakhulu. UJesu wayengumuntu ohlakaniphe kunabo bonke emhlabeni, kodwa ngezinye izikhathi wayezithulela.”​—UJulia.

 Ukubhuqa. IBhayibheli lithi: ‘Ukuphahluka kuhlaba njengenkemba.’ (IzAga 12:18) Ukubhuqa, okungamazwi ahloselwe ukwehlisa abanye isithunzi, kungenye yezinto ezibonisa ukungacabangi. Abantu ababhuqayo bangase basho amazwi anjengokuthi, “Bengizidlalela nje!” Kodwa ukuphoxa abanye akuyona indlela yokudlala. IBhayibheli lisitshela ukuba silahle ‘ukuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.’​—Efesu 4:31.

 “Ngiyazithandela ukuncokola nokwenza amahlaya, ngakho kulula ukusebenzisa inkulumo ebhuqayo okuyinto evame ukungifaka enkingeni.”​—U-Oksana.

Ukuzama ukushintsha into osuyikhulumile kufana nokuzama ukubuyisela umuthi wokuxubha eshubhini lawo

 Ukuqeqesha ulimi

 Kungase kungabi lula ukulawula ulimi lwakho, kodwa iBhayibheli lingakusiza kulokho. Cabanga ngamavesi alandelayo.

 “Khulumani ngenhliziyo, . . . kodwa nithule.”—IHubo 4:4.

 Ngezinye izikhathi impendulo engcono kakhulu ukumane uthule. Osemusha okuthiwa uLaura uthi, “Indlela engizizwa ngayo lapho ngithukuthele ingase ihluke kakhulu endleleni engizizwa ngayo ngokuhamba kwesikhathi. Lapho sengehlise umoya ngivame ukujabula ngokuthi angizishongo izinto ebengifisa ukuzisho ngesikhathi ngisathukuthele.” Ngisho ukudonsa umoya isikhashana kungakusiza uzibambe ekukhulumeni into engathandeki.

 “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi njengoba ulwanga lunambitha ukudla?”—Jobe 12:11.

 Ungayigwema imiphumela ebangelwa ukukhuluma ungacabanganga, ngokuzibuza le mibuzo elandelayo ngaphambi kokukhuluma:

  •   Iyiqiniso yini le nto engifuna ukuyisho? Ingabe ibonisa umusa? Sikhona yini isidingo sokuyisho?​—Roma 14:19.

  •   Ngingazizwa kanjani uma othile eyisho kimi?​—Mathewu 7:12.

  •   Ingabe izobonisa ukuthi ngiyawuhlonipha umbono walowo engikhuluma naye?​—Roma 12:10.

  •   Ingabe yindawo efanele yokuyisho?​—UmShumayeli 3:7.

 ‘Ngokuthobeka kwengqondo bhekani abanye njengabakhulu kunani.’—Filipi 2:3.

 Lesi seluleko singakusiza ukwazi ukucabangela abanye, futhi ucabange ngaphambi kokukhuluma. Uma kwenzeka uphahluka bese othile eyalimala, ukuthobeka kuzokwenza uxolise ngokushesha. (Mathewu 5:23, 24) Yibe usulwela ukwenza kangcono ekulawuleni ulimi lwakho ngokuzayo.