Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 1)

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 1)

 Ukhona yini umuntu osemusha omaziyo onenkinga enkulu yempilo? Kukhona ukugula noma ukukhubazeka onakho okukuvimbela ukuba wenze izinto ezenziwa ontanga yakho?

 Uma kunjalo, kuyinto engokwemvelo ukuba udikibale ngezinye izikhathi. Nokho, iBhayibheli lisho izinto ezimbili ezisiduduza kakhulu.

  •   UMdali wakho, uJehova uNkulunkulu, uyasiqonda isimo sakho. Ngaphezu kwalokho, ‘uyakukhathalela.’—1 Pet. 5:7.

  •   Injongo kaJehova uNkulunkulu iwukuqeda zonke izifo! Ungafunda ngalokho eBhayibhelini ku-Isaya 33:24 nakusAmbulo 21:1-4.

 Intsha eningi enezinkinga ezinkulu zempilo ithole ukuthi ukholo kuNkulunkulu nasezithembisweni zakhe luyayiqinisa. Cabanga ngalezi zibonelo ezine.

 UYEIMY

 Lapho ngiba neminyaka engu-11, ngase ngisebenzisa isihlalo sabakhubazekile . Angikwazi ngisho nokwenza izinto ezilula, njengokuphakamisa izinto eziwubala nje.

 Lapho ngineminyaka emihlanu, kwatholakala ukuthi nginesifo sokuwohloka kwemisipha, isifo esiwohlozana kancane kancane nesenza kube kuncane kakhulu engikwazi ukukwenza. Ngezinye izikhathi, ngiyadikibala ngoba angikwazi ukwenza izinto abanye ontanga yami abazenzayo. Kodwa abazali bami nalabo esikanye nabo ebandleni bayangisekela ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi amaKristu esikanye nawo avame ukuhamba nami lapho ngiqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo.

 UJesu wathi usuku ngalunye lunezinkathazo zalo. (Mathewu 6:34) Ngakho ngizama ukugxila osukwini olulodwa ngesikhathi futhi ngizibekele imigomo enengqondo engingakwazi ukuyifinyelela. Ngiyalilangazelela izwe elisha likaNkulunkulu lapho ngiyokwazi khona ‘ukuphila ukuphila kwangempela,’ ngingasenaso lesi sifo esingikhubazayo.—1 Thimothewu 6:19.

Ongacabanga ngakho: UYeimy ukuthola kuwusizo “ukuzibekela imigomo enengqondo.” Ungakwenza kanjani okufanayo?—1 Korinte 9:26.

 UMATTEO

 Lapho ngineminyaka eyisithupha, umhlane wami waqala ukuqaqamba futhi ekuqaleni odokotela bathi lokhu kwakuyizinhlungu zokukhula. Nokho, ngemva konyaka, bathola ukuthi ngangimilwe isimila ngasemgogodleni.

 Ngahlinzwa, kodwa udokotela ohlinzayo wakwazi ukukhipha ingxenye engamaphesenti angu-40 kuphela yesimila. Ngemva kwalokho—ngemva kwezinyanga ezimbili nje kuphela—isimila sase sikhule saba njengoba sasinjalo! Kusukela lapho, ngiye ngaxilongwa kaningi, ngelashwa kaningi futhi ngadumazeka kaningi.

 Ngezinye izikhathi lesi simila singibangela izibhobo emzimbeni wonke, kodwa ikakhulu emhlane nasesifubeni. Noma kunjalo, ngizama ukuba isimo sami singangicindezeli kakhulu. Ngizikhumbuza ukuthi nabanye baye bakhuthazelela izinto ezimbi kakhulu, kodwa noma kunjalo baye bahlala benombono oqondile. Okungisiza kakhulu ukuba ngihlale nginombono oqondile, ithemba enginalo lokuthi ngolunye usuku uJehova uNkulunkulu uyosigcwalisa isithembiso sakhe sokuqeda konke ukuhlupheka.—IsAmbulo 21:4.

Ongacabanga ngako: Ukucabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda ukuhlupheka kungakusiza kanjani ukuba ukhuthazele, njengoba kwasiza uMatteo?—Isaya 65:17.

 UBRUNA

 Njengoba ngingenazo izimpawu ezibonisa ukuthi ngiyagula, abanye abantu bangase bacabange ukuthi ngiyivila. Kodwa empeleni, yonke into ingaba nzima kimi, kuhlanganise imisebenzi yasekhaya, ukutadisha noma ukuvuka embhedeni.

 Lapho ngineminyaka engu-16, kwatholakala ukuthi nginesifo sokuwohloka kwezinzwa zobuchopho nezomgogodla (multiple sclerosis), isifo esikuwohloza kancane kancane esingagcinanga nje ngokungiphazamisa ekusebenzeni, kodwa futhi nasekuhlanganyeleni emisebenzini yobuKristu ngezinga ebengingathanda ngalo. Ngafunda eyoku-1 Petru 5:7 ngokuphindaphindiwe, ethi: ‘Niphonse zonke izinkathazo zenu [kuNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.’ Kuyangiqinisa ukwazi ukuthi uJehova uyasikhathalela njengabantu ngabanye. Kuyaqhubeka kungiqinisa nanamuhla.

Ongacabanga ngako: Ungazuza kanjani ngokuphonsa izinkathazo zakho kuJehova, njengoba kwenza uBruna?—IHubo 55:22.

 U-ANDRÉ

 Abanye abantu bangithathisa okwengane oneminyaka eyishumi. Nokho, ngeke ngibasole; kakade ngibukeka sengathi ngingumntwana oneminyaka eyishumi.

 Lapho ngineminyaka emibili, kwatholakala ukuthi nginohlobo olungavamile lomdlavuza olwaqala emgogodleni lwabe seludlulela ebuchosheni. Odokotela bakwazi ukusinqanda lesi sifo kodwa ukwelashwa engakuthola kwakuphazamisa ukukhula kwami. Namuhla, ngingamamitha angu-1,37 kuphela ubude. Abantu abaningi bacabanga ukuthi nginamanga uma ngibatshela ukuthi ngineminyaka engu-18!

 Ebandleni lobuKristu, abantu bayangihlonipha. Abangidlalisi njengomntwana, njengoba kwakwenza izingane engangifunda nazo. Ngizama ukuhlale nginombono oqondile ngesimo sami. Ngempela, into enhle kunazo zonke izinto ezingenzeka kumuntu seyenzekile kimi—sengiye ngazi uJehova! Kunoma yini okumelwe ngiyikhuthazelele, ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uyohlale enami. Ukucabanga ngezwe elisha elimangalisayo uJehova uNkulunkulu alithembisile kungisiza ukuba ngihlale nginombono oqondile.—Isaya 33:24.

Ongacabanga ngako: Kungani ukwazi uJehova, njengoba u-André esho, “kuyinto enhle kunazo zonke izinto ezingenzeka kumuntu”?—Johane 17:3.