Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngotshwala?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngotshwala?

 IBhayibheli alikulahli ukuphuza utshwala ngokulinganisela uma kusemthethweni ukwenza kanjalo. Nokho, liyakwenqabela ukudakwa.​—IHubo 104:15; 1 Korinte 6:10.

 Kodwa kuthiwani uma uzizwa ucindezelwa ukuba uphuze ngaphansi kwezimo ezenqatshelwe umthetho noma abazali bakho?

 Cabanga ngokungenzeka uma usuphuzile

 Abanye ontanga yakho bangase babe nomuzwa wokuthi kudingekile ukuphuza ukuze umuntu azijabulise. Kodwa yini engenzeka ngemva kokuphuza?

  •  Izinkinga ezingokomthetho. Kuye ngendawo ohlala kuyo, uma uphuza utshwala lapho kungekho emthethweni ukwenza kanjalo, ungahlawuliswa, utholwe unecala, ulahlekelwe izincwadi zakho zokushayela, kudingeke wenze umsebenzi womphakathi noma udonse isigwebo sasejele.​—Roma 13:3.

  •  Idumela elibi. Utshwala bunciphisa amandla okuzithiba. Lapho usuphuzile ungasho noma wenze izinto ongazisola ngazo kamuva. (IzAga 23:31-33) Njengoba sekusetshenziswa kakhulu ezokuxhumana, izenzo zakho zingalilimaza isikhathi eside idumela lakho.

  •  Amandla okuzivikela abuthaka. Utshwala bungakwenza uhlukunyezwe kalula ngokomzimba nangokocansi. Bungakwenza futhi uthonyeke kalula, okungaholela ezingozini ezengeziwe noma ekuphulweni komthetho.

  •  Ukuba umlutha. Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi uma uqala usemncane ukuphuza, ayanda namathuba okuba umlutha. Ukuphuza ukuze uzibe ukucindezeleka, isizungu noma umzwangedwa kubangela olunye ugibe okungaba nzima nakakhulu ukugqashuka kulo.

  •  Ukufa. Muva nje, ukushayela ngaphansi kwethonya lotshwala kube yimbangela yokufa komuntu oyedwa njalo ngemizuzu engu-52 e-United States. Enkathini yeminyaka emihlanu, kuye kwafa abantu abangaphezu kwabangu-1,500 abangaphansi kweminyaka engu-21 onyakeni ngamunye ngenxa yezingozi ezibangelwa ukushayela ngaphansi kwethonya lotshwala. Ngisho noma ngabe wena awuzange uphuze, uzibeka engozini enkulu uma ugibela imoto eshayelwa umuntu obekade ephuza.

 Yenza isinqumo

 Ungayigwema imiphumela eyingozi nezindleko ezibangelwa ukuphuza okungafanele uma unquma kusengaphambili ukuthi yini ozoyenza.

 Isimiso SeBhayibheli: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Akukhona ukuhlakanipha ukuphuza uma usazoshayela noma usazokwenza into edinga ukugxilisa ingqondo.

 Nquma: ‘Uma ngikhetha ukuphuza utshwala, ngeke ngiqale kuze kube yilapho umthetho nezimo sekungilungele.’

 Isimiso SeBhayibheli: ‘Niyizigqila zalowo enimlalelayo.’ (Roma 6:​16) Uma uphuza ngoba nje ontanga yakho bephuza, uvumela abanye ukuba bakulawule. Uma uphuza ukuze uthibe umzwangedwa noma ukucindezeleka, awuhlakuleli amakhono owadingayo ukuze ubhekane nezinkinga zakho.

 Nquma: ‘Ngeke ngivumele ontanga yami bangicendezele ukuba ngiphuze.’

 Isimiso SeBhayibheli: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini.” (IzAga 23:20) Ukuzihlanganisa nohlobo lwabantu olungeluhle kungabenza buthaka ukuzimisela kwakho ukungaphuzi. Uzibeka engozini lapho unabantu ababusebenzisa kabi utshwala.

 Nquma: ‘Ngeke ngizisondeze eduze nalabo ababusebenzisa kabi utshwala.’