Dlulela kokuphakathi

Kuthiwani Uma Abazali Bami Behlukana?

Kuthiwani Uma Abazali Bami Behlukana?

Ongakwenza

 Xoxa ngezinto ezikukhathazayo. Chazela abazali bakho indlela odumele ngayo noma odideke ngayo. Mhlawumbe bangakwazi ukuchaza ukuthi kwenzekani ngaleyo ndlela behlise ukukhathazeka kwakho.

 Uma abazali bakho bengakwazi ukukunika ukusekela okudingayo, ungaya kumngane ovuthiwe.—IzAga 17:17.

 Ngaphezu kwakho konke, ungakhuluma noYihlo osezulwini ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Thululela inhliziyo yakho kuye ‘ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

Okungamelwe ukwenze

Ukululama ngemva kokuhlukana kwabazali bakho kufana nokuphola kwengalo ephukile—kubuhlungu kona, kodwa ekugcineni uzophola

 Ungabambi amagqubu. “Abazali bami bazicabangela bona bodwa,” kusho uDaniel, obazali bakhe bahlukana eneminyaka engu-7. “Abazange bacabange ngathi, ukuthi lokhu abakwenza kwakuzosithinta kanjani.”

 Yimuphi umonakalo ongenzeka kuDaniel uma enqaba ukudedela ulaka nentukuthelo anayo?—Umkhondo: Funda izAga 29:22.

 Kungani kungaba yinto enhle ngoDaniel ukuzama ukuthethelela abazali bakhe ngenxa yobuhlungu abamzwise bona?—Umkhondo: Funda eyabase-Efesu 4:31, 32.

 Gwema ukuziphatha ngendlela elimazayo. “Ngangizwa ubuhlungu futhi ngicindezelekile ngemva kokuba abazali bami behlukene,” kukhumbula uDenny. “Ngaqala ukuba nezinkinga esikoleni ngafeyila unyaka owodwa. Ngemva kwalokho . . . Ngenza izinto ezingasile ekilasini ngalwa nezingane eziningi.”

 Ucabanga ukuthi yini uDenny ayezama ukuyenza ngokwenza izinto ezingasile ekilasini noma ukulwa?

 Isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 singabasiza kanjani abantu abanjengoDenny bagweme ukuziphatha ngendlela elimazayo?

 Izibazi ezingokomzwelo zithatha isikhathi ukuphola. Kodwa njengoba ululama, ukuphila kwakho kuzobuyela esimweni esivamile.