Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 2: Kungani Ungakholelwa Ukuthi Izinto Zazivelela?

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 2: Kungani Ungakholelwa Ukuthi Izinto Zazivelela?

U-Alex udidekile. Ubelokhu ekholelwa kuNkulunkulu nasendalweni. Kodwa namuhla uthisha wakhe wesayensi yezinto eziphilayo ugomele ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso, wathi kusekelwa ucwaningo lwesayensi olunokwethenjelwa. U-Alex akafuni ukubonakala eyisilima. Uzitshela ukuthi, ‘Kakade, uma kuwukuthi ososayensi bathole ukuthi ukuziphendukela kwemvela kuyiqiniso, ngingubani mina ukuba ngiphikisane nabo?’

 Ingabe wake wazithola ubhekene nalesi simo? Mhlawumbe kukho konke ukuphila kwakho, ubulokhu ukholelwa yilokhu okushiwo yiBhayibheli: “UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Kodwa muva nje, abantu bebelokhu bezama ukukwenza ukholelwe ukuthi indaba yokuthi izinto zadalwa iyinsumansumane, okuyiqiniso ukuthi izinto zazivelela. Ingabe kufanele ubakholwe? Kungani kufanele ungakholelwa ukuthi izinto zazivelela?

 Izizathu ezimbili zokuba ungakholelwa ukuthi izinto zazivelela

  1.   Ososayensi abavumelani ngokuthi izinto zazivelela. Naphezu kocwaningo oseluthathe amashumi eminyaka, ososayensi abakabi nayo incazelo abavumelana ngayo yokuthi izinto zazivelela kanjani.

     Ongacabanga ngakho: Uma ososayensi bengakwazi ukuvumelana ngokuthi izinto zazivelela​—kanti yibona okufanele babe ongoti balokho​—ingabe wenza iphutha ngokuyingabaza le mfundiso?​—IHubo 10:4.

  2.   Kunendaba ukuthi yini oyikholelwayo. Umfana ogama lakhe linguZachary uthi: “Uma kuwukuthi ukuphila kwaba khona ngengozi, khona-ke ukuphila nazo zonke izinto ezikhona endaweni yonke​—akunanjongo.” Lo mfana uqinisile. Phela, uma kuyiqiniso ukuthi izinto zazivelela, ukuphila bekungeke kube nayo injongo ehlala njalo. (1 Korinte 15:32) Ngakolunye uhlangothi, uma kuyiqiniso ukuthi izinto zadalwa, singakwazi ukuthola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo ephathelene nenjongo yokuphila nokuthi ikusasa lisiphatheleni.​—Jeremiya 29:11.

     Ongacabanga ngakho: Ukwazi iqiniso ngokuthi izinto zazivelela yini noma zadalwa kungawenza kanjani umehluko ekuphileni kwakho?​—Hebheru 11:1.

 Imibuzo yokucatshangelwa

 OKUSHIWOYO: ‘Yonke into endaweni yonke yaba khona ngenxa yokuqhuma okukhulu okungalindelekile.’

  •   Ubani noma yini eyabangela lokho kuqhuma okukhulu?

  •   Ikuphi okunengqondo kakhudlwana​—phakathi kokuthi zonke izinto azinamsuka noma ukuthi zenziwa okuthile noma othile?

 OKUSHIWOYO: ‘Abantu bavela ezilwaneni.’

  •   Uma abantu baqala ngokuba yizilwane​—ngokwesibonelo uma bevela ezimfeneni​—kungani kunomehluko omkhulu kangaka phakathi kokukhalipha komuntu nokwezimfene? a

  •   Kungani ngisho nezinto eziphilayo ezibonakala “ziwubala,” ziyinkimbinkimbi kangaka? b

 OKUSHIWOYO: ‘Ukuthi izinto zazivelela kuyiqiniso elinobufakazi.’

  •   Ingabe umuntu okhuluma kanje wazihlolela yena mathupha ubufakazi balokho?

  •   Bangaki abantu abakholelwa ukuthi izinto zazivelela ngenxa nje yokuthi baye batshelwa ukuthi bonke abantu abahlakaniphile bakholelwa yilokho?

a Abanye bangase bathi abantu bahlakaniphe kakhulu ngenxa yokuthi ubuchopho babo bukhulu kunobezimfene. Nokho, ukuze uthole izizathu zokuthi kungani leyo nkulumo ingelona iqiniso, bheka incwajana ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking, ikhasi 28.