Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?​—Ingxenye 3: Ngibanjwe Yini?

Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?​—Ingxenye 3: Ngibanjwe Yini?

 Ingabe uyethuka uma ucabanga ngokuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza ubhekane naleyo nkinga.

Kulesi sihloko

 Kuthiwani uma ngenza iphutha elikhulu ngemva kokubhapathizwa?

 Okwenza ukhathazeke: Mhlawumbe kunomuntu omaziyo owenza isono esikhulu, kwadingeka ukuthi asuswe ebandleni. (1 Korinte 5:11-13) Ungase ukhathazwe ukuthi lokhu kuzokwenzeka nakuwe.

 “Lapho ngiqala ukucabanga ngokubhapathizwa, lwalungibulala uvalo uma ngicabanga ngamaphutha amakhulu engangingase ngiwenze. Ngangesaba ukuphoxa abazali bami.”—URebekah.

 UmBhalo owusizo: “Umuntu omubi makashiye indlela yakhe . . . Makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, kuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela.”—Isaya 55:7.

 Cabanga ngalokhu: Nakuba izoni ezingaphenduki zisuswa ebandleni, uJehova ubabonisa isihe abantu abazithobayo baphenduke, bavume ukulungiswa.—IHubo 103:13, 14; 2 Korinte 7:11.

 Ngaphezu kwalokho, iqiniso liwukuthi: Ngisho noma unesono, ungakwazi ukumelana nesilingo ngosizo lukaNkulunkulu. (1 Korinte 10:13) Ubani onquma indlela ozokwenza ngayo izinto? Nguwe? Noma omunye umuntu?

 “Ngangesaba ukuthi ngizokwenza iphutha elikhulu ngemva kokubhapathizwa, kodwa ngangazi nokuthi kwakuzoba iphutha nokubalekela ukubhapathizwa. Ngangingafuni ukuvumela uvalo lungiyekise ukwenza into efanele.”—UKaren.

 Iphuzu elibalulekile: Kulele kuwe, ungakwazi ukugwema ukwenza izono ezinkulu—baningi kakhulu abantu abakhonza uJehova abakwaziyo ukuzigwema.—Filipi 2:12.

 Udinga olunye usizo? Funda isihloko esithi “Ngingamelana Kanjani Nezilingo?

 Kuthiwani uma ngesaba isibopho esihambisana nokubhapathizwa?

 Okwenza ukhathazeke: Ngokwesibonelo, kungenzeka kunentsha oyaziyo eyashiya imindeni nabangani bayo ukuze yandise inkonzo yayo. Mhlawumbe ukhathazwa ukuthi abantu bazolindela okufanayo nakuwe.

 “Kuningi okungenziwa umKristu obhapathiziwe enkonzweni kaJehova, kodwa abanye abakakulungeli ukufeza leyo misebenzi, noma izimo zabo azivumi.”—UMarie.

 UmBhalo owusizo: “Yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 6:4.

 Cabanga ngalokhu: Kunokuthi uziqhathanise nabanye, gxila emazwini akuMarku 12:30: “Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho.”

 Phawula ukuthi kufanele uthande uJehova ngenhliziyo yakho yonke—hhayi ngenhliziyo yomunye umuntu. Uma umthanda ngempela uJehova, uzothola izindlela ongamkhonza ngazo ngokusemandleni akho.

 “Nakuba ubhapathizo luyisinyathelo esibalulekile, aluwona umthwalo osindayo. Uma ujwayelana nabantu abaqotho, bazokusiza. Ukwamukela imisebenzi enkonzweni kaJehova kuzokwenza ujabule nakakhulu. Uma ubalekela ukubhapathizwa, uyobe uzigwaza ngowakho.”—UJulia.

 Iphuzu elibalulekile: Bonga ngothando uJehova akubonise lona. Lokho kuzokwenza ufune ukumbuyisela ngokuhle ngezinga ongenza ngalo.—1 Johane 4:19.

 Udinga olunye usizo? Funda isihloko esithi “Nginokwethenjelwa Kangakanani?

 Kuthiwani uma ngicabanga ukuthi akungifanele ukukhonza uJehova?

 Okwenza ukhathazeke: UJehova unguMbusi wendawo yonke; abantu abalutho uma beqhathaniswa naye! Ungase uzibuze ukuthi uJehova uyazi kwakhona yini ukuthi ukhona.

 “Ngenxa yokuthi abazali bami bangoFakazi BakaJehova, ngangikhathazwa ukuthi nginobuhlobo noJehova ngenxa yabo, ngicabanga ukuthi uJehova akangidonsanga mina.”—UNatalie.

 UmBhalo owusizo: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile emdonsa.”—Johane 6:44.

 Cabanga ngalokhu: Njengoba ucabanga ukubhapathizwa, kungenzeka lokho kuwubufakazi bokuthi uJehova uyakudonsa, ufuna nisondelane ngisho nakakhulu. Uzizwa kanjani ngaleso simemo?

 Khumbula nokuthi nguJehova—akuwena futhi akuyena omunye umuntu—onqumayo ukuthi udonsa abantu abanjani. IZwi lakhe likuqinisekisa ngokuthi uma ‘usondela kuNkulunkulu, . . . naye uyosondela kuwe.’—Jakobe 4:8.

 “Njengoba unolwazi ngoJehova futhi ekudonsele kuye, lokho kuwubufakazi bokuthi uyakuthanda. Ngakho uma ingqondo yakho ikutshela ukuthi awukho ezingeni lokumkhonza, khumbula ukuthi uJehova akavumelani nayo. UJehova akalokothi abe sephutheni.”—USelina.

 Iphuzu elibalulekile: Uma uhlangabezana nokushiwo iBhayibheli ngobhapathizo, uyafaneleka ukukhonza uJehova. Kumfanele ukuthi umkhonze.—IsAmbulo 4:11.

 Udinga olunye usizo? Funda isihloko esithi “Kungani Kufanele Ngithandaze?