Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?

Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?

 Ubungenzenjani?

 Awucabange ngalokhu okulandelayo:

 UJennifer uhlale ekhathazekile. Nsuku zonke, uhlale ekhala ngaphandle kwesizathu. Akathandi ukuba nabantu futhi akasadli nokudla. Kunzima ukuba alale noma agxilise ingqondo. UJennifer uyazibuza: ‘Kwenzekani kimi? Ngiyoke ngibe ngcono yini?’

 UMark ubephasa kahle esikoleni. Kodwa manje uyasizonda isikole, futhi namamaki akhe ayehla. Akasathandi nokudlala imidlalo abeyithanda. Abangane bakhe badidekile. Abazali bakhe bakhathazekile. Kuzodlula yini​—noma kunenkinga ekhona?

 Uvamile yini ukuzizwa njengoJennifer noma njengoMark? Uma kunjalo, yini ongayenza? Ungazama lokhu:

  1.   Ungazama ukukubekezelela uwedwa

  2.   Ungakhuluma nomuntu omdala omethembayo

 Kungase kube lula ukukhetha lokhu okuku-A, ikakhulu uma ungathandi ukukhuluma. Kodwa, isinqumo esihlakaniphile yini leso? IBhayibheli lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa . . . ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe. Kodwa kuyoba njani ngalowo oyedwa nje owayo lapho kungekho omunye wokumvusa?”​—UmShumayeli 4:9, 10.

 Ake sifanekise: Ake sithi usendaweni enobugebengu, udukile. Kumnyama, futhi kugcwele abantu ongabazi. Ubungenzenjani? Ungazama ukuzitholela indlela. Kodwa ngeke yini kube ukuhlakanipha ukucela umuntu ongamethemba ukuba akusize?

 Ukuzizwa ucindezelekile, kufana nokuba sendaweni eyingozi. Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi ungazizwa udangele okwesikhashana, kodwa kuphinde kudlule. Kodwa uma uzizwa ucindezelekile isikhathi eside, kungcono uthole usizo.

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: ‘Ozihlukanisayo . . . uphambana nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.’​—IzAga 18:1.

 Into enhle ngokukhetha lokhu okuku-B​—ukukhuluma nomzali noma omunye umuntu omdala omethembayo​—ukuthi ungathola usizo kumuntu oseke wabhekana nemizwa ecindezelayo.

 Ungase uthi: ‘Kodwa abazali bami abazi ukuthi kunjani ukuzizwa ngale ndlela!’ Kodwa uyaqiniseka yini ukuthi abazi? Ngisho noma izinto ababhekana nazo lapho besebasha kungenzeka ukuthi zazihlukile kulokho wena obhekene nakho, kungenzeka ukuthi indlela ababezizwa ngayo iyafana neyakho. Bangase bazi nokuthi yini engakusiza!

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala nokuqonda ebudeni bezinsuku?”—Jobe 12:12.

 Nanti iphuzu: Uma ukhuluma nomzali noma omunye umuntu omdala omethembayo, maningi amathuba okuba usizakale.

Ukucindezeleka kufana nokuduka endaweni eyingozi. Ukuze uthole indlela yokuphuma kuleyo ndawo, kudingeka uthole usizo

 Kuthiwani uma udinga usizo lwabezempilo?

 Uma uzizwa ucindezelekile zonke izinsuku, kungenzeka ukuthi udinga ukwelashwa abezempilo.

 Kubantu abasebasha, izimpawu zesifo sokucindezeleka zingase zifane nokushintshashintsha kwemizwa okuvamile entsheni eningi, kodwa zona sihlala isikhathi eside. Ngakho, uma uzizwa udikibele kakhulu isikhathi eside, kungani ungaceli abazali bakho bakuyise kwabezempilo ukuze bakuhlole?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Mathewu 9:12.

 Asikho isizathu sokuba namahloni uma kutholakala ukuthi unesifo sokucindezeleka. Kuvamile ukuba abantu abasebasha bacindezeleke, futhi kuyelapheka. Abangane bakho beqiniso bazoqhubeka bekuthanda.

 Icebiso: Yiba nesineke. Ukululama ekucindezelekeni kuthatha isikhathi, futhi ungalindela ukuba ezinye izinsuku zibe zimbi kunezinye. a

 Indlela yokululama

 Ngisho noma ngabe udinga usizo lwabezempilo, zikhona izinto ongazenza ukuze unciphise imizwa yokudikibala. Ngokwesibonelo, ukujima njalo, ukudla okunempilo, nokulala ngokwanele kungakusiza ukuba ulawule imizwa yakho. (UmShumayeli 4:6; 1 Thimothewu 4:8) Kungase kukusize nokubhala phansi indlela ozizwa ngayo, lokho ofuna ukukwenza ukuze ube ngcono, izinkinga obhekana nazo nezinto ophumelelile ukuzenza.

 Kungakhathaliseki ukuthi unesifo sokucindezeleka, noma umane ubhekene nobunzima besikhashana, nakhu okufanele ukukhumbule: Uma uvuma ukuba abanye bakusize futhi wenza imizamo yokululama, ungakwazi ukubhekana nokucindezeleka.

 Amavesi eBhayibheli angakusiza

  •  “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.

  •  “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, Yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHubo 55:22.

  •  “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”​—Isaya 41:13.

  •  “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo.”—Mathewu 6:34.

  •  “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo; . . . ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu.”—Filipi 4:6, 7.

a Uma ucabanga ngokuzibulala, thola usizo ngokushesha kumuntu omdala omethembayo. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esinezingxenye ezine, esithi “Ngisaphilelani Nje?” esikuyi-Phaphama! ka-Ephreli 2014.