Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?

Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?

U-ANNA * uthi, “Uma ngicindezelekile, ngivele ngingakwazi kwenza lutho, ngisho nezinto engizithandayo. Into engisuke ngiyifuna nje, ukulala. Ngivame ukuzizwa ngingathandeki kwabanye, ngingelutho futhi ngiwuhlupho.”

UJulia uthi, “Ngake ngacabanga ukuzibulala. Empeleni ngangingafuni ukufa. Ngangifuna nje ukuyeka ukuzizwa ngale ndlela. Ngingumuntu onendaba nabanye abantu, kodwa lapho ngicindezelekile, angibe ngisaba nandaba namuntu.”

U-Anna noJulia babesanda kweva eminyakeni engu-12 lapho beqala ukubhekana nokucindezeleka. Nakuba enye intsha ingase ingazizwa kahle ngezinye izikhathi, u-Anna noJulia babeke bacindezeleke isikhathi eside, esingaba amasonto noma izinyanga. U-Anna uthi, “Kufana nokuvaleleka emgodini omude omnyama okungaphumeki kuwo. Kuvele kube sengathi nekhanda alithathi kahle, ungazazi nokuthi ungubani.”

Le nkinga ka-Anna noJulia ivamile. Inani lentsha elitholakala linesifo sokucindezeleka landa ngendlela ethusayo futhi i-World Health Organization (WHO) ithi ukucindezeleka “kuyimbangela eyinhloko yezifo nokukhubazeka kwabasebasha abaneminyaka eyishumi kuya kwengu-19.”

Izimpawu zokucindezeleka zingabonakala lapho umuntu esanda kweva eminyakeni engu-12, angase abonakale ngokushintsha kwezinga adla ngalo, ubude besikhathi asilalalyo nesisindo somzimba. Imizwa yokuphelelwa yithemba, ukudangala nokuba umuntu azizwe engeyinto yalutho nayo ingase ibonakale. Ezinye izimpawu zingaba ukuzehlukanisa, ukungagxili entweni eyenziwayo noma ukukhohlwa kalula, ukufuna noma ukuzama ukuzibulala nezimpawu zokugula ezingaqondakali. Uma odokotela bengqondo besola ukucindezeleka, bavame ukubheka izimpawu eziningana eziphazamisa ukuphila komuntu kwansuku zonke esezibe khona isikhathi eside.

OKUNGENZA INTSHA ICINDEZELEKE

Ngokusho kwe-WHO, “ukucindezeleka kungaba wumphumela wokuhlangana kwezinkinga ezihlukahlukene zenhlalo, zengqondo kanye nezempilo.” Kungaba yizinkinga ezifana nalezi ezilandelayo.

Impilo. Njengoba kwakunjalo ngoJulia, ukucindezeleka kuvame ukuba yinkinga eba semindenini ethile, okubonisa ukuthi kungenzeka kudluliselwe ngofuzo, mhlawumbe oluthinta ukusebenza kwamakhemikhali alawula ingqondo. Ezinye izinkinga zempilo ezingaba umthelela ekucindezelekeni kungaba yisifo senhliziyo, ukushintshashintsha kwama-hormone emzimbeni nokulokhu umuntu esebenzisa kabi izidakamizwa okungenza acindezeleke nakakhulu noma kube iyona mbangela yokucindezeleka kwakhe. *

Ukukhathazeka. Nakuba ukukhathazeka kancane kungenankinga, ukukhathazeka kakhulu noma okungamahlala-khona kungaba yingozi emzimbeni nasengqondweni, ngezinye izikhathi kuze kwenze osemusha obuthaka noma onempilo engeyinhle acindezeleke. Nokho, izimbangela eziqondile zokucindezeleka azikaziwa kahle futhi kungaba yinhlanganisela yezinkinga eziningana njengoba kushiwo ekuqaleni.

Ukucindezeleka kungase kubangelwe ukukhathazeka ngezinto ezifana nokudivosa kwabazali noma ukuhlala kwabo ngokwehlukana, ukuhlukunyezwa ngokomzimba noma ngokocansi, ukuba sengozini embi, ukugula noma ukungakwazi ukufunda—ikakhulu uma ingane igconwa ngenxa yako. Enye inkinga kungaba ukulindela kwabazali izinto ezinkulu enganeni mhlawumbe befuna iphase ngamalengiso. Ezinye izinkinga kungaba ukuhlushwa ontanga, ukungaqiniseki ngekusasa, ukunganakwa umzali ocindezelekile kanye nokuba nomzali onobuntu obushintshashintshayo. Uma osemusha ecindezelekile, yini engamsiza?

NAKEKELA INGQONDO NOMZIMBA WAKHO

Ukucindezeleka kakhulu kuvame ukudanjiswa ngemithi nangokwelulekwa udokotela wengqondo. * UJesu Kristu wathi: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa abagulayo bayamdinga.” (Marku 2:17) Ukugula kungathinta noma iliphi ilunga lomzimba wakho, ngisho nengqondo! Ukushintsha indlela yokuphila kungatuswa kakhulu ngenxa yokuthi izingqondo nemizimba yethu kusebenzelana ngokuseduze.

Uma ucindezelekile, zimisele ukuba unakekele umzimba nengqondo yakho. Ngokwesibonelo, yidla ukudla okunempilo, lala ngokwanele futhi uzivocavoce njalo. Ukuzivocavoca kukhiqiza amakhemikhali angakusiza ujabule, ube nomdlandla futhi ukwazi ukulala ngokwanele. Uma kungenzeka, zama ukubona izinto ezikwenza ucindezeleke bese uthola indlela yokukugwema. Khuluma nomuntu omethembayo. Ukusekelwa amalungu omndeni aseduze nabangane kungase kukusize ubhekane kangcono nokucindezeleka, mhlawumbe kunciphise izimpawu zokucindezeleka. Bhala phansi okucabangayo nendlela ozizwa ngayo—yilokho okwasiza uJulia, ocashunwe ekuqaleni. Ngaphezu kwakho konke, qikelela ukuthi uyazondla ngokomoya. Lokhu kungakusiza kakhulu endleleni obheka ngayo izinto ekuphileni. UJesu Kristu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

Yidla ukudla okunempilo, uzivocavoce futhi ulale ngokwanele

Ungathola induduzo ngokusondelana noNkulunkulu

U-Anna noJulia bananela kula mazwi kaJesu. U-Anna uthi: “Imisebenzi engokomoya ingenza ngigxile kwabanye abantu, hhayi nje ezinkingeni zami. Lokhu akulula njalo kodwa kungenza ngijabule kakhudlwana.” UJulia ududuzwa ukuthandaza nokufunda iBhayibheli. Uthi, “Ukuthululela isifuba sami kuNkulunkulu kungenza ngizizwe ngingcono. IBhayibheli lingisiza ukuba ngibone ukuthi ngibalulekile emehlweni kaNkulunkulu nokuthi uyangikhathalela ngempela. Ukufunda iBhayibheli kungenza ngibe nombono omuhle ngekusasa.”

Njengoba enguMdali wethu, uJehova uNkulunkulu ukuqonda ngokugcwele ukuthi indlela esikhuliswe ngayo, izinto esike sabhekana nazo ekuphileni nofuzo kungayithonya kanjani indlela esibheka ngayo izinto kanye nemizwa yethu. Ngakho-ke, uyakwazi ukusinika usizo nenduduzo esiyidingayo, mhlawumbe esebenzisa abantu abanozwela nabasiqondayo. Ngaphezu kwalokho, siyeza isikhathi lapho uNkulunkulu eyolapha zonke izifo zethu, ezingokomzimba noma ezingokwengqondo. U-Isaya 33:24 uthi: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”

Yebo, iBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [ethu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Yeka ukuthi kududuza futhi kuqinisa kanjani lokho! Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu nangomhlaba, sicela ungene engosini ethi jw.org/zu. Kule ngosi, uzothola iBhayibheli elisezingeni eliphezulu kanye nezihloko ezihlukahlukene, phakathi kwazo kukhona nezikhuluma ngokucindezeleka.

^ isig. 3 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 10 Izinhlobo eziningi zezifo, imithi nezidakamizwa zingaba nomthelela endleleni umuntu azizwa ngayo, okwenza kubaluleke ukuba umuntu azisebenzise ngendlela ayiyalelwe abezempilo.

^ isig. 14 Alukho uhlobo olukhethekile lokwelashwa noma ukwelulekwa okutuswa yi-Phaphama!.