Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukucindezeleka

Ukucindezeleka

Kuyini ukucindezeleka?

“Ngikhungathekile, ngikhothame kwaze kwedlulela; usuku lonke ngihamba-hambé ngidabukile.”—IHubo 38:6.

OKUSHIWO ABACWANINGI

Wonke umuntu kuyenzeka azizwe ephansi ngezikhathi ezithile, kodwa isifo sokucindezeleka siyinkinga eqhubekayo eyenza umuntu abe buthaka nephazamisa ukuphila kwakhe kwansuku zonke. Kufanele kuphawulwe ukuthi ochwepheshe bebonke banemibono engafani ngokuthi ukudabuka “okuvamile” kuyini nokuthi “isifo sokucindezeleka” siyini. Nokho, kuphephile ukuphetha ngokuthi abanye abantu babhekana nemizwelo ejulile engemihle, ngezinye izikhathi ehambisana nokuzizwa ungelutho nomuzwa wecala oweqile.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lisitshela ngamadoda nabesifazane ababhekana nemizwelo engemihle. Ngokwesibonelo, uHana wazizwa “emunyu emphefumulweni”—okuyinkulumo eye yahunyushwa ngokuthi “inhliziyo edabukile” nangokuthi “ukucindezeleka ngokujulile.” (1 Samuweli 1:10) Kwesinye isenzakalo umprofethi u-Eliya wayedabuke kakhulu kangangokuthi wathandaza kuNkulunkulu ecela ukuba athathe ukuphila kwakhe!—1 AmaKhosi 19:4.

AmaKristu ekhulu lokuqala ayalwa ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Ngokwencwadi ethile, igama elithi “umphefumulo ocindezelekile” lingabhekisela kulabo “abakhungathekile okwesikhashana ngenxa yezingcindezi zokuphila.” Ngokusobala, ngisho namadoda nabesifazane bokholo baseBhayibhelini babecindezeleka ngezinye izikhathi.

 Ingabe ukucindezeleka kuyiphutha locindezelekile?

“Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.”Roma 8:22.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lifundisa ukuthi ukugula kuwumphumela wokuhlubuka kombhangqwana wabantu wokuqala. Ngokwesibonelo, iHubo 51:5, lithi: “Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko, umama wangikhulelwa esonweni.” Kanti amaRoma 5:12 ayachaza ukuthi “njengoba nje ngomuntu oyedwa [umuntu wokuqala u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” Ngenxa yokuthi sizuze ukungapheleli njengefa ku-Adamu, ngamunye wethu uchayeke ekuguleni, kokubili okungokomzimba nokungokomzwelo. Kungaleso sizathu iBhayibheli lithi, “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) Kodwa, iBhayibheli liphinde linikeze ithemba okungekho dokotela ongalinikeza—isithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha elinokuthula lapho konke ukugula nezinkinga zempilo, kuhlanganise nokucindezeleka kuyobe kungasekho khona.—IsAmbulo 21:4.

Ungabhekana kanjani nokucindezeleka?

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”IHubo 34:18.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Ngeke ukwazi ukuzilawula ngaso sonke isikhathi izimo zakho, futhi izinto ezimbi nakanjani ziyokwehlela ngezinye izikhathi. (UmShumayeli 9:11, 12) Nokho, kukhona ongakwenza ukuze ukuphila kwakho kungalawulwa imizwa engemihle.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli liyavuma ukuthi abantu abagulayo badinga udokotela. (Luka 5:31) Khona-ke uma unenkinga yokuphazamiseka ngokomzwelo ekuqeda amandla, akukho lutho olungalungile ngokufuna usizo lodokotela. IBhayibheli ligcizelela nokubaluleka komthandazo. Ngokwesibonelo, iHubo 55:22 lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” Umthandazo awuyona nje indlela yokunciphisa ukucindezeleka; kodwa uyindlela yokukhuluma noJehova uNkulunkulu ngempela, ‘oseduze nalabo abaphukile enhliziyweni.’—IHubo 34:18.

Ungazuza nangokuthulula isifuba sakho kumngane oseduze. (IzAga 17:17) UDaniela ongomunye woFakazi BakaJehova uthi: “Engikholwa naye wangincenga ukuba ngikhulume ngokucindezeleka kwami. Nakuba kwase kuphele iminyaka eminingi ngikugwema ukukhuluma ngakho, ngaqaphela ngokushesha ukuthi yilokho ebengikudinga sonke lesi sikhathi. Yangimangaza indlela engazizwa ngikhululeke ngayo ngemva kwalokho.”