Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okufanele Ukwazi Ngesifo Sokuwa

Okufanele Ukwazi Ngesifo Sokuwa

OTHILE omaziyo uyawa, aquleke. Umzimba wakhe uyaqina, ikhanda, izingalo nemilenze kuqala ukudlikizeka. Uma wazi ukuthi lo muntu unesifo sokuwa, ungakwazi ukunikeza usizo oludingekayo njengoba usalindele olunye usizo. Ake sihlole amanye amaqiniso ayisisekelo ngale nkinga ngokuvamile engaqondwa kahle.

Siyini isifo sokuwa? Siyisifo esiphathelene nokusebenza kwengqondo esenza umuntu aquleke. Ngokuvamile lokhu kuquleka kuthatha imizuzu engaphansi kwemihlanu. Isimo okukhulunywe ngaso ekuqaleni kwalesi sihloko siyisibonelo salokho okubizwa ngokuthi isithuthwane.

Yini ebangela lokhu kuquleka? Abacwaningi bakholelwa ukuthi ukuquleka kwenzeka lapho kuba nokuphazamiseka endleleni amangqamuzana obuchopho athumelelana ngayo imiyalezo. Akuqondakali ukuthi lokhu kubangelwa yini.

Uma ngibona umuntu ebanjwa isifo sokuwa, yini okufanele ngiyenze? I-Encyclopedia of the Brain and Brain Disorders, ithi, “Ababukele kufanele balinde aze aphaphame bangazami ukwenza okuthile, ngaphandle kokuqiniseka ukuthi akukho lutho olungamlimaza futhi uyakwazi ukuphefumula kahle.” Ngakolunye uhlangothi, le ncwadi ithi: “Kufanele kubizwe i-ambulense uma kuze kudlula imizuzu emihlanu umuntu equlekile, uma ephinda equleka ngokushesha ngemva kokuba ephapheme noma uma ingqondo yomuntu ingabuyi ngemva kwemizuzu embalwa eyekile ukudlikizeka.”

Ngingamsiza kanjani onesifo sokuwa lapho esaqulekile? Mcamelise entweni ethambile bese ususa izinto ezingamlimaza eduze kwekhanda lakhe. Lapho ukudlikizeka kunqamuka, mguqule umlalise ngohlangothi njengoba kuboniswe emfanekisweni ohambisana nalesi sihloko.

Kufanele ngenzeni lapho esephapheme? Okokuqala, mqinisekise ngokuthi akukho lutho olonakele. Ngemva kwalokho msize asukume bese umyisa endaweni angaphumula kuyo. Abaningi basuke bedidekile futhi bengaphapheme ngokugcwele ngemva kokuwa; kanti abanye basheshe baphaphame futhi bangakwazi ukuqhubeka nalokho abebekwenza.

Ingabe zonke izinhlobo zesifo sokuwa zihambisana nokudlikizeka? Cha. Abanye sibahlasela ngokuthi bahanjelwe ingqondo okwesikhashana kodwa bangawi nokuwa. Lokhu ngokuvamile kuba okomzuzwana futhi akuyiphazamisi isikhathi eside ingqondo. Abanye abantu abanale nkinga, ingqondo ihamba isikhathi esijana, kuphele imuzuzu eminingana. Esimweni esinjalo, isiguli singase sizulazule  endlini, silokhu sizidonsadonsa izingubo noma senze ezinye izinto ezixakile nje. Lapho ingqondo isibuyile, singase sizizwe sinenzululwane.

Kunjani ukuphila nesifo sokuwa? Kuyaqondakala ukuthi abantu abaningi abanalesi sifo bahlale besaba ukuthi kazi sizobahlasela nini futhi bekuphi. Ukuze bagweme ukuhlazeka, bangase bagweme ukuba phakathi kwabantu.

Ngingamsekela kanjani umuntu onesifo sokuwa? Mkhuthaze ukuba angayifihli imizwa yakhe. Mlalelisise. Mbuze ukuthi yini abengathanda uyenze uma lesi sifo simhlasela. Njengoba abantu abaningi abanesifo sokuwa bengavunyelwe ukushayela, mhlawumbe ungacela ukumhambisa uma kukhona lapho efuna ukuya khona noma umyele wena.

Ingabe ukuhlaselwa yilesi sifo kungancishiswa noma kungagwenywa? Kunezinto ezingandisa amathuba okubanjwa yisifo sokuwa, njengokucindezeleka noma ukungalali ngokwanele. Ngakho, ochwepheshe bakhuthaza abanesifo sokuwa ukuba balale ngokwanele futhi bawuvivinye njalo umzimba ukuze banciphise ukucindezeleka. Kwezinye izimo, imithi iye yasiza ekuvimbeleni ukuhlasela kwalesi sifo.