Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE LAKLANYWA?

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lentethe I-katydid

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lentethe I-katydid

INTETHE yaseNingizimu Melika okuthiwa i-katydid (Copiphora gorgonensis) inezindlebe ezingaphansi kwemilimitha ubude, kodwa zisebenza ngendlela ethi ayifane nezindlebe zomuntu. Lesi sinambuzane sikwazi ukwehlukanisa imisindo ehlukahlukene ekude. Ngokwesibonelo, siyakwazi ukuzwa umehluko phakathi komsindo wentethe yohlobo lwayo nomsindo omncane welulwane elizingelayo.

INDLEBE YE-KATYDID

Cabanga ngalokhu: Izindlebe zale ntethe zisemilenzeni emibili yangaphambili. Njengendlebe yomuntu, indlebe yale ntethe iqoqa imisindo, iyiguqule bese ihlaziya amaza aleyo misindo. Kodwa ososayensi baye bathola isitho esingavamile esingaphakathi endlebeni yalesi sinambuzane—isikhoxe esigcwele uketshezi esibukeka njengebhaluni. Lesi sitho, abasiqambe ngokuthi i-acoustic vesicle, sisebenza njenge-cochlea esezilwaneni ezincelisayo kodwa sona sincane kakhulu. Lesi sitho yiso esenza le ntethe ibe nekhono lokuzwa elimangalisayo.

UDaniel Robert, onguprofesa e-University of Bristol’s School of Biological Sciences, e-United Kingdom, uthi lokhu okutholakele kuzosiza onjiniyela “bakhe izinsiza-kuzwa ezincane nezisebenza kangcono kakhulu kunezangaphambili.” Abacwaningi bakholelwa ukuthi lokhu kuzoba nomthelela nasekwakhiweni kwemishini yobuchwepheshe yokuthwebula ngamaza, kuhlanganise nemishini yokuthwebula iziguli ezibhedlela.

Ucabangani? Ingabe ikhono lokuzwa elimangalisayo lale ntethe laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?