Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Imithetho Yasekhaya Inesidingo Ngempela?

Ingabe Imithetho Yasekhaya Inesidingo Ngempela?

 Ingabe unenkinga nomthetho wasekhaya? Lesi sihloko kanye neshadi lomsebenzi elihambisana naso kuzokusiza ukwazi ukukhuluma nabazali bakho ngayo.

 Umbono omuhle

 Okungamanga: Lapho usuhamba ekhaya, kuyobe sekuphelile ngemithetho.

 Iqiniso: Imithetho ngeke iphele lapho uhamba ekhaya. Kusazoqhubeka kunomuntu okumele ulandele imithetho yakhe​—kungaba umqashi, umastende noma ngisho nohulumeni. UDanielle oneminyaka engu-19 uthi: “Ngicabanga ukuthi intsha enenkinga yokulandela imithetho yasekhaya iyomangala lapho isihlala yodwa.”

 Okushiwo iBhayibheli: ‘Lalelani ohulumeni neziphathimandla.’ (Thithu 3:1) Ukujwayela ukuphila ngemithetho yabazali kukuqeqeshela kahle ukubhekana nezici ezihlukahlukene ekuphileni lapho usumdala.

 Lokho ongakwenza: Zijwayeze ukubheka izinzuzo zemithetho. Insizwa egama layo linguJeremy ithi: “Imithetho yabazali bami yangisiza ngafunda ukukhetha kahle abangane nokusebenzisa kahle isikhathi sami. Yangisiza futhi ngagwema ukubuka ithelevishini nokudlala imidlalo yama-video ngokweqile, okwanginika ithuba lokuthola izinto ezizuzisayo engingasebenzisa isikhathi sami kuzo​—ezinye zazo engisazijabulela namanje.”

 Indlela okumelwe ukwenze ngayo

 Kodwa kuthiwani uma umthetho ubonakala ungenangqondo? Ngokwesibonelo, intokazi okuthiwa uTamara ithi: “Abazali bami bangivumela ukuthi ngivakashele kwelinye izwe, kodwa manje njengoba sengibuyile ekhaya, abangivumeli ngisho nokushayela imoto ukuze ngiye edolobheni eliqhele ngemizuzu angaba ngu-20 kuphela kunasekhaya!”

 Uma usesimweni esifanayo, kungaba kubi yini ukukhuluma nabazali bakho ngomthetho onjalo? Lutho neze! Indaba ilele ekutheni ukhuluma nini futhi kanjani nabo.

 Nini?. Osemusha obizwa ngo-Amanda uthi: “Ungakwazi kuphela ukukhuluma nabazali bakho ngokushintsha noma ukuthambisa eminye yemithetho yasekhaya uma usuzakhele umlando omuhle wokuyilandela imithetho yabo.”

 Intokazi eyaziwa ngelikaDaria yakuthola kuyiqiniso lokhu. Yathi: “Umama akazange avele avume ukushintsha umthetho, kwaze kwaba ngemva kokugculiseka kwakhe ukuthi ngiyilandela ngokuphelele imithetho.” Khumbula, ukwethenjwa kuyinto oyisebenzelayo, awumane ukufune ngenkani nje.

Ukuphila ekhaya okungalendelwa kulo imithetho yabazali kungafana nendiza ezama ukungena esikhumulweni okungalandalelwa kuso imithetho eqondisa izindiza

 Okushiwo iBhayibheli: “Gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” (IzAga 6:20) Ngokulandela leso siyalo, uzozakhela umlando omuhle kubazali bakho wokwethembeka futhi ube nesisekelo esihle sokuxoxa nabo.

 Kanjani. Insizwa okuthiwa uSteven ithi: “Ukubonisa inhlonipho nokuba nomoya ophansi kuhlezi kuyindlela engcono kakhulu yokukhuluma nabazali bakho kunokukhononda nokumemeza.”

 UDaria, ocashunwe ngaphambili uyavuma. “Lapho ngiqophisana nomama, wayevele angayenzi leyonto. Empeleni ngezinye izikhathi wayemane awuqinise nakakhulu umthetho.”

 Okushiwo iBhayibheli: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” (IzAga 29:11) Ukuzijwayeza ukuzithiba kuyoba nemiphumela emihle kakhulu, hhayi nje ekhaya kuphela kodwa nasesikoleni, emsebenzini nakwezinye izindawo.

 Lokho ongakwenza: Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Umlando omuhle wokuziphatha okunokwethenjelwa ungashabalala ngesenzo esisodwa nje sokuqhuma ngentukuthelo. Kungesizathu esihle iBhayibheli lithi, “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda”—IzAga 14:29.

 Icebiso: Sebenzisa ishadi lomsebenzi elihambisana nalesi sihloko ukuze ucabangisise ngemithetho, futhi uma kudingeka, ube nengxoxo nabazali bakho ngalesi sihloko.