Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingamelana Kanjani Nezilingo?

Ngingamelana Kanjani Nezilingo?

 Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Wake wazizwa ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza umelane nezilingo.

 Okufanele ukwazi

 Ngokuvamile izilingo zihambisana nokucindezelwa ontanga. Eqinisweni, iBhayibheli lithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ukucindezelwa ontanga noma ezokuzijabulisa kungakha imicabango engakuholela ekwenzeni okungalungile, kuze kukwenze ‘ulandele isixuku ngezinhloso ezimbi.’—Eksodusi 23:2.

 “Ukufuna ukuthandwa nokwamukelwa kungakuholela ukuba wenze lokho abanye abakwenzayo ukuze nje bakwamukele.”​—UJeremy.

 Ongacabanga ngakho: Kungani kungaba nzima ukunqoba izilingo uma ukhathazeka kakhulu ngalokho abanye abazokusho?​—IzAga 29:25.

 Iphuzu elibalulekile: Ungavumeli ontanga bakwenze ushintshe indlela ophila ngayo.

 Ongakwenza

 Kwazi okukholelwayo. Uma ungakwazi okukholelwayo ungafana nopopayi olawulwa abanye. Kungcono kakhulu ukulandela lokho okushiwo iBhayibheli: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Lapho uzazi kahle izinkolelo zakho kuba lula ukubambelela kuzo nokumelana nesilingo sokwenza into ephambene nazo.

 Ongacabanga ngakho: Kungani ukholelwa ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu kuzokuzuzisa?

 “Ngiphawule ukuthi lapho nginamathela kulokho engikukholelwayo, ngingavumi ukunqotshwa izilingo, abanye bangihlonipha kakhulu.”​—UKimberly.

 Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UDaniyeli. Lapho esemusha, uDaniyeli “wanquma enhliziyweni yakhe” ukuthi wayezolalela imithetho kaNkulunkulu.—Daniyeli 1:8.

Uma ungakwazi okukholelwayo, abantu bazokwenza upopayi wabo

 Bazi ubuthaka bakho. IBhayibheli likhuluma ‘ngezifiso zobusha,’ okuyizifiso eziba namandla kakhulu lapho usemncane. (2 Thimothewu 2:22) Lezo zifiso azihlanganisi kuphela isifiso sokuya ocansini, kodwa nokufuna ukwamukelwa nokuzimela ngaphambi kokuba ukulungele.

 Ongacabanga ngakho: IBhayibheli lithi “yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu.” (Jakobe 1:14) Yisiphi isifiso esivame ukuba isilingo kakhulu kuwe?

 “Ungazikhohlisi. Zazi izilingo ezivame ukuba namandla kakhulu kuwe. Cwaninga ukuthi ungalwa kanjani nalezo zilingo, bese ubhala amaphuzu ongawasebenzisa. Ngaleyo ndlela, lapho uphinde ubhekana naleso silingo uzokwazi ukuthi ungalwa kanjani naso.”​—USylvia.

 Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UDavide. Ngezinye izikhathi wakuvumela ukulingwa abanye nayizifiso zakhe. Kodwa wafunda emaphutheni akhe. Wathandaza kuJehova wathi: “Dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.”—IHubo 51:10.

 Zilawule. IBhayibheli lithi: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi.” (Roma 12:21) Lokho kusho ukuthi akumelwe uvume ukulawulwa yizilingo. Ungakhetha ukwenza okulungile.

 Ongacabanga ngakho: Ungazilawula kanjani ukuba wenze okulungile lapho ubhekene nezilingo?

 “Ngicabanga ngendlela engizozizwa ngayo uma ngingavuma ukunqotshwa isilingo. Ngizozizwa ngikhululekile? Mhlawumbe, kodwa kuzoba okwesikhashana. Ngizoqhubeka ngijabule ngokuhamba kwesikhathi? Cha, ngizozibona ngimubi. Ingabe kuzongizuzisa ngempela ukukwenza? Cha!”​—USophia.

 Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UPawulu. Nakuba avuma ukuthi wayethambekele ekwenzeni okubi, uPawulu wazilawula. Wabhala ukuthi wayewulawula umzimba wakhe futhi ewuphatha njengesigqila.—1 Korinte 9:27.

 Iphuzu elibalulekile: Uwena ozikhethelayo ukuthi ubhekana kanjani nesilingo.

 Khumbula ukuthi izilingo zihlala isikhashana. UMelissa oneminyaka engu-20 uthi: “Izinto eziningi ezaziyizilingo ezinkulu lapho ngisesesikoleni samabanga aphakeme, manje seziwubala. Ukucabanga ngalokho kuyangiqinisekisa ukuthi nezilingo engibhekene nazo manje zizodlula. Lapho ngibheka emuva ngelinye ilanga, ngiyobona ukuthi kwaba ngcono ukuthi ngazinqoba lezi zilingo.”