IzAga 14:1-35

  • Inhliziyo iyabazi ubumunyu bayo (10)

  • Indlela ebonakala iyinhle ingase ibangele ukufa (12)

  • Isiphukuphuku sikholwa yikho konke esikuzwayo (15)

  • Baningi abangane besicebi (20)

  • Inhliziyo ezolile yenza umzimba uphile (30)

14  Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyayakha indlu yakhe, +Kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.   Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,Kodwa ozindlela zakhe zinobuqili* uyamedelela.   Inkulumo enokuzidla yesiwula ifana nenduku yokushaya umuntu,Kodwa izindebe zabahlakaniphile ziyobavikela.   Lapho kungekho khona izinkomo umkhombe* awungcoli,Kodwa amandla enkunzi enza kube nesivuno esiningi.   Ufakazi othembekile ngeke awaqambe amanga,Kodwa ufakazi wamanga uphafuza amanga nje. +   Umhleki wosulu ufuna ukuhlakanipha kodwa akakutholi,Kodwa umuntu onokuqonda uluthola kalula ulwazi. +   Hambela kude nomuntu oyisiphukuphuku,Ngoba ngeke uluthole ulwazi ezindebeni zakhe. +   Ngokuhlakanipha okhaliphile uyayiqonda indlela ahamba kuyo,Kodwa iziphukuphuku zikhohliswa* ubuwula bazo. +   Iziphukuphuku zikwenza ihlaya ukwenza icala, +Kodwa phakathi kwabaqotho kukhona isifiso sokubuyisana. 10  Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo,Umuntu oseceleni ngeke ayiqonde injabulo yayo. 11  Indlu yabantu ababi iyobhujiswa, +Kodwa itende labaqotho liyochuma. 12  Kukhona indlela ebonakala iyinhle kumuntu, +Kodwa isiphetho sayo ukufa. + 13  Ngisho noma umuntu ehleka, inhliziyo yakhe ingaba sezinhlungwini,Futhi injabulo ingaphetha ngosizi. 14  Ongathembekile enhliziyweni uyovuna imiphumela yezindlela zakhe, +Kodwa umuntu omuhle uvuna umphumela wemisebenzi yakhe. + 15  Oyisiphukuphuku* ukukholwa konke akuzwayo,Kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe. + 16  Ohlakaniphile uyacophelela afulathele okubi,Kodwa oyisiphukuphuku wenza ngobudedengu* futhi uzethemba ngokweqile. 17  Oshesha ukuthukuthela wenza ngobuwula, +Kodwa umuntu ocabangisisayo* uyazondwa. 18  Abayiziphukuphuku* bayozuza ubuwula,Kodwa abakhaliphile bathwaliswa umqhele wolwazi. + 19  Abantu ababi kuyomelwe bakhothame phambi kwabalungile,Nabantu abakhohlakele bayokhothama emasangweni abalungile. 20  Umuntu ohluphekayo uzondwa ngisho nangomakhelwane bakhe, +Kodwa baningi abangane besicebi. + 21  Ozonda umakhelwane wakhe wenza isono,Kodwa noma ubani ombonisa umusa ophansi uyajabula. + 22  Ngeke yini baphambuke labo abaceba okubi? Kodwa labo abahlose ukwenza okuhle bayothola uthando oluqotho nokwethembeka. + 23  Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima,Kodwa ukugcina ngokukhuluma nje kuholela ekusweleni. + 24  Umqhele wabahlakaniphile yingcebo yabo;Kodwa ubuwula beziphukuphuku bungubuwula nje kuphela. + 25  Ufakazi weqiniso usindisa ukuphila,Kodwa okhohlisayo uphafuza amanga nje. 26  Kukhona ukuqiniseka okukhulu kumuntu owesaba uJehova, +Futhi kuyoba isiphephelo ezinganeni zakhe. + 27  Ukwesaba uJehova kungumthombo wokuphila,Kwenza umuntu adede ezingibeni zokufa. 28  Abantu abaningi bangamandla enkosi, +Kodwa umbusi ongenabo abantu ababusayo akalutho. 29  Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, +Kodwa ongenaso isineke uveza ubuwula bakhe. + 30  Inhliziyo ezolile yenza umzimba uphile,*Kodwa umona ungukubola emathanjeni. + 31  Oqola ophansi uhlambalaza uMenzi wakhe, +Kodwa obonisa umusa kompofu uyamkhazimulisa. *+ 32  Omubi uyowiswa ububi bakhe,Kodwa olungile uyothola isiphephelo ebuqothweni bakhe. + 33  Ukuhlakanipha kuhlala kuthule enhliziyweni yomuntu onokuqonda, +Kodwa oyisiphukuphuku uhlale eqhosha ngezinto azaziyo. 34  Ukulunga kuphakamisa isizwe, +Kodwa isono siyihlazo kubantu. 35  Inkosi iyajabula ngenceku eyenza ngokuqonda, +Kodwa iba nolaka kuleyo eyenza ngokuhlazisayo. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “zigwegwile.”
Isitsha esimise okogqoko okuthelwa kuso ukudla kwezilwane ezifuyiwe.
Noma kungaba, “zikhohlisa abanye.”
Noma, “Ongenalwazi.”
Noma, “uyafutheka.”
Noma, “onekhono lokucabanga.”
Noma, “Abangenalwazi.”
Noma, “ube nempilo.”
Okuwukuthi uNkulunkulu.