IzAga 5:1-23

  • Isexwayiso ngowesifazane ongenasimilo (1-14)

  • Jabula ngomkakho (15-23)

5  Ndodana yami, naka ukuhlakanipha kwami. Kulalelisise ukuqonda kwami, +   Ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga Ukhulume okuvumelana neqiniso njalo. +   Ngoba izindebe zowesifazane ondindayo* ziconsa njengekhekheba lezinyosi, +Nomlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha. +   Kodwa ekugcineni ubaba njengomhlonyane +Ubukhali njengenkemba esika nhlangothi-zombili. +   Izinyawo zakhe zehlela ekufeni. Izinyathelo zakhe zilibangise khona kanye eThuneni.*   Akanandaba nendlela yokuphila. Indlela yakhe iyanhlanhlatha, kodwa akazi ukuthi inhlanhlathela kuphi.   Manje ngilaleleni madodana amiNingasuki kwengikushoyo.   Hambela kude naye;Ungasondeli emnyango wendlu yakhe, +   Ukuze ungahlazeki kwabanye uphelelwe isithunzi +Noma uvune okubi ukuphila kwakho konke; + 10  Ukuze abanye abantu bangamunci amandla akho *+Nalokho okusebenzele kanzima kungayi endlini yomuntu wesinye isizwe. 11  Ngale kwalokho uyobubula ekugcineniLapho inyama yakho nomzimba wakho kuwohloka + 12  Bese uthi: “Yeka indlela engisizonde ngayo isiyalo! Yeka indlela inhliziyo yami ekwedelele ngayo ukusolwa! 13  Angililalelanga izwi labangiyalayoFuthi angibanakanga abafundisi bami. 14  Sekusele kancane kuphele ngamiPhakathi kwalo lonke ibandla.” *+ 15  Phuza amanzi emthonjeni wakhoNamanzi agelezayo* emifudlaneni yakho. + 16  Ingabe iziphethu zakho kufanele zisabalale ngaphandle,Imifudlana yakho isabalale ezigcawini? + 17  Makube ngokwakho wedwa,Kungabi ngokwabanye abantu. + 18  Kwangathi ungabusiswa umthombo wakho,Ujabule ngomfazi wobusha bakho, + 19  Uyinyamazane yensikazi ethandekayo, nembuzi yentaba enhle. + Amabele akhe mawakujabulise ngaso sonke isikhathi. Kwangathi njalo ungabanjwa uthando lwakhe. + 20  Pho kungani, ndodana yami, kufanele uyengwe* owesifazane ondindayo*Noma ugone owesifazane ongenasimilo? *+ 21  Ngoba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova;Uhlola zonke izindlela zakhe. + 22  Iziphambeko zomuntu omubi ziwugibe kuye,Izono zakhe ziyofana nezintambo ezimbambile. + 23  Uyofa ngenxa yokuntula isiyaloAphambuke ngenxa yobuwula bakhe obukhulu.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “ongaziwa.” Bheka izA 2:16.
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “izinto zakho.”
NgesiHebheru, “Phakathi kwenhlangano nebandla.”
Noma, “ahlanzekile.”
Noma, “ukhangwe.”
NgesiHebheru, “ongaziwa.” Bheka izA 2:16.
NgesiHebheru, “wesinye isizwe.” Bheka izA 2:16.