IzAga 10:1-32

  • Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule (1)

  • Izandla ezikhuthele zenza umuntu acebe (4)

  • Ukukhuluma kakhulu kuletha iziphambeko (19)

  • Isibusiso sikaJehova siyacebisa (22)

  • Ukwesaba uJehova kwelula ukuphila (27)

10  Izaga zikaSolomoni. + Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +Kodwa eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.   Ingcebo etholakale ngobubi ngeke izuzise,Kodwa ukwenza okulungile yikho okukhulula ekufeni. +   UJehova ngeke abangele ukuba olungile alambe, +Kodwa omubi uyomncisha lokho akuhalelayo.   Izandla ezivilaphayo ziyobanga inhlupheko, +Kodwa izandla ezikhuthele zenza umuntu acebe. +   Indodana eyenza ngokuqondisisa ibutha isivuno ngesikhathi sasehlobo,Kodwa indodana eyenza ngokuhlazisayo ilele zwi ngesikhathi sokuvuna. +   Izibusiso zisekhanda lolungile, +Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova.   Olungile* uyokhunjulwa, kukhulunywe kahle ngaye, +Kodwa igama lomubi liyobola. +   Ohlakaniphile enhliziyweni uyozamukela iziqondiso, *+Kodwa okhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +   Ohamba ngobuqotho uyohamba ngokulondeka, +Kodwa ogwegwisa izindlela zakhe uyobanjwa. + 10  Ocifa iso ngobuqili ubangela usizi, +Nokhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. + 11  Umlomo wolungile ungumthombo wokuphila, +Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova. + 12  Yinzondo ephehla imibango,Kodwa uthando lumboza zonke izeqo. + 13  Ezindebeni zomuntu oqondayo kutholakala ukuhlakanipha, +Kodwa induku ingeyomhlane womuntu ontula ukuhlakanipha. *+ 14  Abahlakaniphile baqongelela ulwazi, +Kodwa umlomo wesiwula uzibizela incithakalo. + 15  Ingcebo* yesigwili iyidolobha laso elinezivikelo eziqinile. Incithakalo yabantu abahluphekayo ingubumpofu babo. + 16  Umphumela womsebenzi wolungile ungukuphila;Kodwa umkhiqizo womubi uyisono. + 17  Olalela isiyalo uyindlela* eya ekuphileni,Kodwa ongakunaki ukusolwa uphambukisa abanye. 18  Ofihla inzondo yakhe ukhuluma amanga, +Nosakaza imibiko* elimazayo uyisiphukuphuku. 19  Lapho amazwi emaningi, akwenzeki kungabi nasiphambeko, +Kodwa noma ubani olawula izindebe zakhe wenza ngokuqonda. + 20  Ulimi lolungile lunjengesiliva lekhethelo, +Kodwa inhliziyo yomubi ayibaluleke ngalutho. 21  Izindebe zolungile zondla* abantu abaningi, +Kodwa abayiziwula bayafa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha. + 22  Yisibusiso sikaJehova esenza umuntu acebe, +Akenezeli ubuhlungu* kanye naso. 23  Ukuziphatha okuhlazisayo kufana nomdlalo koyisiphukuphuku,Kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda. + 24  Lokho omubi akwesabayo kuyomfikela;Kodwa olungile uyonikwa akufisayo. + 25  Lapho isivunguvungu sidlula, omubi uyobe engasekho, +Kodwa olungile unjengesisekelo esimi kuze kube phakade. + 26  Njengoviniga emazinyweni nanjengentuthu emehlweni,Unjalo umuntu oyivila kulowo omthumayo.* 27  Ukwesaba uJehova kwelula izinsuku, +Kodwa iminyaka yomubi iyofinyezwa. + 28  Okulindelwe* olungile kuletha injabulo, +Kodwa ithemba lomubi liyoshabalala. + 29  Indlela kaJehova iyisiphephelo sabangasoleki, +Kodwa iyincithakalo kwabenza okubi. + 30  Olungile akasoze enziwa ukuba awe, +Kodwa omubi ngeke esahlala emhlabeni. + 31  Umlomo wolungile uveza ukuhlakanipha,Kodwa ulimi olukhohlakele luyonqunywa. 32  Izindebe zolungile ziyakwazi okujabulisayo,Kodwa umlomo womubi wonakele.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Igama lolungile.”
NgesiHebheru, “imiyalo.”
NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
Noma, “Izinto eziyigugu.”
Noma kungaba, “usendleleni.”
Noma, “inzwabethi.”
Noma, “ziqondisa.”
Noma, “usizi; ubunzima.”
Noma, “kumqashi wakhe.”
Noma, “Ithemba.”