Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

PHAPHAMA! No. 2 2017 | Avelaphi Amandla Angaphezu Kwawemvelo?

Kuma-movie nasezinhlelweni ze-TV namuhla kuvame ukuba nezinto ezinjengabenzi bemilingo, abathakathi nabantu abamunca igazi labantu.

Ucabangani? Ingabe konke lokhu kumane kuwukuzijabulisa okungalimazi, noma kunezingozi ezicashile?

Le “Phaphama!” ixoxa ngezizathu ezenza abantu bathande ukwazi ngezinto ezingavamile nangokuthi zigqugquzelwa ubani ngempela.

 

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuthanda Amandla Angaphezu Kwawemvelo!

Abenzi bemilingo, abathakathi, abantu abamunca igazi labantu, ukungenwa ngamademoni nezipoki—ezinye zezinto ezikhanga abantu ezihlobene namandla angaphezu kwawemvelo. Kungani zibakhanga?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Lithini IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya?

Nakuba abantu abaningi bezingabaza izinto ezihlobene nokusebenzelana nemimoya kanye namandla angaphezu kwawemvelo, iBhayibheli likhuluma ngokuqinile ngalezi zinto. Ithini imiBhalo ngalezi zinto futhi kungani isho kanjalo?

INGABE KWAKLANYWA?

Indlela Inyosi Ehlala Ngayo Entweni Endizela Kuyo

Yini eyenza leli khono layo lifaneleke kakhulu lapho kwenziwa izinhlelo zokuqondisa amarobhothi andizayo?

USIZO LOMNDENI

Lapho Kushona Umzali

Ukushonelwa umzali kuyisimo esicindezelayo. Yini engasiza intsha ukuba ibhekane nemizwa evela ngemva kokushonelwa?

Lapho Izingane Zisosizini

IBhayibheli labasiza kanjani abasha abathathu ukuba babhekane nokushonelwa yilungu lomndeni?

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ESpain

Izwe laseSpain linezindawo ezingafani nabantu abahlukahlukene. Kunohlobo lokudla oluthandwa kakhulu iSpain esikukhiqiza kakhulu kunamanye amazwe.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Isiphambano

Abantu abaningi babheka isiphambano njengophawu lobuKristu. Ingabe uJesu wafela esiphambanweni? Ingabe abafundi bakaJesu basisebenzisa isiphambano lapho bekhulekela?

Ungathanda Ukuliqonda IBhayibheli?

Thola ukuthi yini oyidingayo nongayidingi ukuze ukwazi ukuqonda umyalezo walo.

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?

Abasebasha bakhuluma ngalokho okwabasiza ukuba babhekane ngokuphumelelayo nalokho okwabehlela.

Ingabe Amademoni Angokoqobo?

Ayini amademoni? Avela kuphi?