Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IToledo inamagugu obuciko nomlando kwaseSpain. Ngo-1986, kwathiwa iyiGugu Lomhlaba futhi izivakashi ziyathanda ukuya khona

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ESpain

Ukuvakashela ESpain

IZWE laseSpain linezindawo ezingafani nabantu abahlukahlukene. Ingxenye enkulu yeSpain inamasimu kakolweni, izivini zamagilebhisi nezihlahla zeminqumo. ENingizimu, iSpain sihlukaniswe amanzi ngamakhilomitha angu-14 nezwekazi lase-Afrika.

Abantu abaningi—kuhlanganise nabantu baseFenike, amaGreki nabaseCarthage—bafudukela kule ndawo eseningizimu-ntshonalanga yeYurophu. Lapho amaRoma efika ngekhulu lesithathu B.C.E., aqamba indawo afikela kuyo ngokuthi iHispania. Ngemva kwalokho, kwafika amaVisigoth namaMoor, amasiko abo asenegalelo emlandweni wale ndawo.

Muva nje ngonyaka owodwa, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-68 bavakashele eSpain. Iningi lihehwa isimo sezulu esihle, izihlabathi zolwandle ezisagolide, amagugu obuciko aleli zwe, umlando nezakhiwo zakhona. Kanti abanye abaningi bahehwa ukudla kwakhona. Ukudla kwakhona okuvamile kuhlanganisa ukudla kwasolwandle, i-ham, izitshulu, amasaladi nemifino ephekiwe noma enongwe ngamafutha omnqumo. I-omelet, i-paella nama-tapa kwaseSpain kwaziwa emhlabeni wonke.

IMariscada uhlobo lokudla kwasolwandle

Badansa i-flamenco

Abantu baseSpain banobungane futhi bayathanda ukuvakasha. Abaningi bangaRoma Katolika, kodwa bambalwa abaya eMiseni. Eminyakeni yamuva, abantu base-Afrika, e-Asia naseLatin America baye bafudukela eSpain. Iningi labo liyakuthanda ukuxoxa ngezinkolelo namasiko alo. OFakazi BakaJehova baye baba nezingxoxo ezimnandi nabo futhi babasiza bafunda lokho okushiwo yiBhayibheli ngezinto ezihlukahlukene.

Ngo-2015, oFakazi abangaphezu kuka-10 500 bavolontiya ukwakha noma ukulungisa izindawo zabo zokuhlangana ezingu-70, ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Omasipala baye banika oFakazi izindawo ukuze kwenziwe eminye yaleyo misebenzi. Ngaphandle kolimi lweSpanishi, oFakazi BakaJehova babuye babe nemihlangano ngezilimi ezingaphezu kuka-30 ukuze basize abaye bathuthela kuleli zwe. Ngo-2016, abantu abangaphezu kuka-186 000 baba khona esenzakalweni esikhethekile oFakazi BakaJehova ababa naso ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu Kristu.