Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukubonga

Ukubonga

Kuye kwatholakala ukuthi ukubonisa ukubonga kunezinzuzo eziningi—ezingokomzimba, ezingokwengqondo nezingokomzwelo—kangangokuthi kumelwe kube yingxenye yokuphila kwansuku zonke kuwo wonke umuntu.

Ukubonga kuyizuzisa kanjani impilo yakho?

OKUSHIWO ISAYENSI YEZOKWELAPHA

Ngokwesihloko esikuyi-Harvard Mental Health Letter, “ngaso sonke isikhathi ukubonga kuhlotshaniswa kakhulu nenjabulo eyengeziwe.Ukubonga kusiza abantu bazizwe kahle ngokwengeziwe, babe nezinto eziningi abazijabulelayo, babe nempilo engcono, bakwazi ukubhekana nezinkinga futhi babe nobudlelwane obuqinile nabanye.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sihlakulele umoya wokubonga. Umphostoli uPawulu owabeka isibonelo esihle wabhala: “Ziboniseni ningababongayo.” Ngokwesibonelo, ‘wambonga ngokungaphezi uNkulunkulu’ ngokusabela okuhle kwabanye esigijimini ayesidlulisela kubo. (Kolose 3:15; 1 Thesalonika 2:13). Injabulo ehlala isikhathi eside siyithola ngokuba nesimo sengqondo esinokwazisa, hhayi ngokumane sisho ngomlomo ngezikhathi ezithile ukuthi siyabonga. Lokho kuyasivikela ekubeni nemizwa enjengomona, inzondo noma ukuzizwa sengathi sikweletwa okuthile, okungase kwenze abantu basigweme futhi kusincishe injabulo ekuphileni.

UMdali wethu uqobo usibekela isibonelo esihle ekuboniseni ukwazisa—ngisho nakubantu nje! EyamaHebheru 6:10 ithi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” Yebo, uMdali wethu ukubheka njengokungalungile, noma okungenabulungisa, ukungabongi.

“Jabulani ngaso sonke isikhathi. Nibonge ngakho konke.”1 Thesalonika 5:16, 18.

Ukubonga kubuthuthukisa kanjani ubudlelwane bethu nabanye?

OKUVAME UKWENZEKA

Lapho sizwakalisa ukubonga okuqotho—mhlawumbe ngenxa yesipho, amazwi anomusa noma usizo olungokoqobo—senza umuphi azizwe ebalulekile futhi aziswa. Ngisho nabantu abangazani basabela ngemfudumalo kubantu abababonga ngobuqotho ngesenzo sabo somusa, njengalapho bebavulele umnyango.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

UJesu Kristu wathi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. Bayothela emathangeni enu isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo.” (Luka 6:38) Cabanga ngalokho okwenzeka kuRose, intombazane yaseVanuatu, isiqhingi esiseNingizimu Pacific.

URose wayeya emihlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova kodwa ezuza okuncane kakhulu kuyo, ngoba kwakungekho muntu kulelo bandla owayazi ulimi lwezandla, kuhlanganise naye. Lapho ebandleni kuvakasha indoda nomkayo ababekwazi ukutolika ulimi lwezandla bayiqaphela le nkinga, base beqala ikilasi lolimi lwezandla. URose wakwazisa ngokujulile lokhu. Wathi, “Ngiyajabula ukuba nabangane abangaka abangithandayo.” Ukubona ukwazisa anakho nendlela asehlanganyela ngayo emihlanganweni yebandla kuwumvuzo omkhulu kule ndoda nomkayo abamsiza. URose uyazisa ngokujulile nemizamo abanye abayenza ekufundeni ulimi lwezandla ukuze bakwazi ukukhuluma naye.—IzEnzo 20:35.

[Okhazimulisa uNkulunkulu] yilowo onikela ukubonga njengomhlatshelo wakhe.”IHubo 50:23.

Ungawuhlakulela kanjani umoya wokubonga?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Imizwa yethu ihlobene kakhulu nemicabango yethu. Umlobi weBhayibheli uDavide wathandaza kuNkulunkulu: “Ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.” (IHubo 143:5) Yebo, uDavide wayengeyena umuntu ophazamiseka kalula noma okha phezulu. Umoya wakhe wokubonga wawungenxa yokuzindla njalo ngezindlela zikaNkulunkulu, okuwumkhuba awuhlakulela konke ukuphila kwakhe.—IHubo 71:5, 17.

IBhayibheli lisinikeza lesi seluleko esihle: ‘Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa—qhubekani nicabanga ngalezi zinto.’ (Filipi 4:8) Amazwi athi “qhubekani nicabanga” aphinde abonise isidingo sokuba abazindlayo, ukuze sibe nomoya wokubonga.

‘Ukuzindla kwenhliziyo yami kuzoba yizinto zokuqonda.’IHubo 49:3.