Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Duduzwa—Ududuze Nabanye

Duduzwa—Ududuze Nabanye

Njengoba singaphelele, sonke sake sagula, abanye baze bagula kakhulu. Lapho sibhekana nobunzima obunjalo, yini engasisiza?

Enye yezinto eziwusizo kakhulu ekubhekaneni nobunzima, induduzo esiyithola emndenini, kubangane nakwesikholwa nabo.

Amazwi omngane anomusa nothando angaba njengamafutha aphulukisayo naqabulayo. (IzAga 16:24; 18:24; 25:11) Kodwa amaKristu eqiniso awakhathazeki nje kuphela ngokuthola induduzo. Athatha nesinyathelo ‘sokududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nawo ngokwawo aduduzwa ngayo uNkulunkulu.’ (2 Kor. 1:4; Luka 6:31) U-Antonio, umbonisi wesigodi eMexico, wakubona mathupha lokhu.

Lapho etshelwa ukuthi une-lymphoma, uhlobo lomdlavuza wegazi, u-Antonio wacindezeleka kakhulu. Noma kunjalo, walwa kanzima ukuze alawule indlela ayezizwa ngayo. Kanjani? Wayezama ukukhumbula izingoma zoMbuso futhi azicule ukuze ezwe futhi azindle ngamazwi azo. Ukuthandaza ngokuzwakalayo nokufunda iBhayibheli nakho kwamduduza kakhulu.

Nokho, manje u-Antonio uyaqaphela ukuthi usizo olukhulu waluthola kwakholwa nabo. Uthi: “Lapho mina nomkami sizizwa sicindezelekile, sasicela isihlobo sethu esikhonza njengomdala ebandleni ukuba sizothandaza nathi. Lokhu kwasiduduza futhi kwasenza sazola. Empeleni, ukusekelwa esakuthola emndenini wethu kanye nakwesikholwa nabo kwenza ukuba kusithathe isikhathi esifushane ukunqoba indlela esasizizwa ngayo.” Yeka ukuthi kwamthokozisa kanjani ukuba nabangane abanjalo abanothando nabakhathalelayo!

Enye into ewusizo phakathi nezikhathi zokucindezeleka umoya ongcwele esiwuthenjisiwe. Umphostoli uPetru wathi umoya ongcwele kaNkulunkulu ‘uyisipho sesihle.’ (IzE. 2:38) Ukuba yiqiniso kwalokho kwafakazelwa lapho kugcotshwa abantu abaningi ngePhentekoste lika-33 C.E. Kodwa ngomqondo obanzi, umoya ongcwele uyisipho sonke esingasithola. Njengoba umthombo waso ungashi, kungani ungasiceli ngokungaphezi?—Isaya 40:28-31.

BONISA ISITHAKAZELO ESIJULILE KULABO ABASOSIZINI

Umphostoli uPawulu wakhuthazelela ubunzima obuningi, ngesinye isikhathi waze wabhekana nokufa. (2 Kor. 1:8-10) Noma kunjalo, akazange ahlale esaba ukufa. Kwakumduduza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyamsekela. Wabhala: “Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.” (2 Kor. 1:3, 4) UPawulu akazange azidabukele. Kunalokho, uvivinyo alubekezelela lwamsiza ukuba abe nozwela, okwamenza wakuhlomela kangcono ukududuza abanye lapho bedinga usizo.

Ngemva kokululama ekuguleni kwakhe, u-Antonio wakwazi ukubuyela emsebenzini wokujikeleza. Wayekade ebakhathalela akholwa nabo, kodwa yena nenkosikazi yakhe babe sebenza umzamo okhethekile wokuvakashela nokukhuthaza abagulayo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuvakashela omunye umKristu owayephethwe isifo esiyingozi, u-Antonio wathola ukuthi lo mzalwane wayengafuni ukuya emihlanganweni. “Kwakungekhona ukuthi wayengamthandi uJehova noma abazalwane,” kuchaza u-Antonio, “kodwa ukugula kwakuphazamise imizwelo yakhe kangangokuba wayezizwa engelutho.”

Ukuze akhuthaze lo umzalwane ogulayo, u-Antonio wamcela ukuba athandaze komunye umbuthano abebekuwo. Nakuba ayezizwa engafaneleki, wasamukela leso sicelo. U-Antonio uyachaza: “Wathandaza kahle kakhulu futhi ngemva kwalokho wazizwa kangcono. Wazibona esewusizo futhi.”

Yebo, ngokwezinga elikhulu noma elincane, sonke sake sabekezelela uhlobo oluthile losizi. Kodwa njengoba uPawulu asho, lokhu kungasihlomisela ukuba siduduze abanye lapho bedinga usizo. Ngakho, masizwelane namaKristu esikanye nawo ekuhluphekeni kwawo, silingise uNkulunkulu wethu, uJehova, ngokuba umthombo wenduduzo kwabanye.