Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sikumema Ngomusa

Sikumema Ngomusa

MHLAWUMBE udlule ngaseHholo LoMbuso elingakini wazibuza ukuthi kwenzekani ngaphakathi. Ingabe bewazi ukuthi imihlangano yabo yamasonto onke ivulekele umphakathi? Zimukelwa ngomusa izivakashi.

Kodwa, ungase ube nemibuzo. Kungani bebuthana ndawonye oFakazi BakaJehova? Kwenzekani emihlanganweni yabo? Zithini ngale mihlangano izivakashi ezingebona oFakazi BakaJehova?

“Butha Abantu”

Kusukela endulo, abantu bebelokhu bebuthana ndawonye ukuze bakhulekele futhi bafunde ngoNkulunkulu. Cishe eminyakeni engu-3 500 edlule, ama-Israyeli atshelwa: “Butha abantu, amadoda nabesifazane nabancane nomfokazi okuwe ongaphakathi kwamasango akho, ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu wenu baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho.” (Duteronomi 31:12) Ngakho, kwa-Israyeli, abadala nabancane babefundiswa ukukhulekela nokulalela uJehova uNkulunkulu.

Emakhulwini eminyaka kamuva, lapho kumiswa ibandla lobuKristu, imihlangano yaqhubeka iba yingxenye ebalulekile yokukhulekela. Umphostoli uPawulu wabhala: “Masikhathazeke ngomunye nomunye ukuze sithuthukise uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye, njengoba abanye benomkhuba wokwenzenjalo, kodwa sikhuthazane.” (Hebheru 10:24, 25, Holman Christian Standard Bible) Njengoba nje nezibopho phakathi kwamalungu omkhaya ziqiniswa ukuchitha kwawo isikhathi ndawonye, kanjalo nezibopho zothando phakathi kwalabo abafuna ukukhonza uNkulunkulu ziyaqiniswa lapho amaKristu ehlangana ndawonye ekukhulekeleni.

Behambisana nale miBhalo eyandulele, oFakazi BakaJehova bahlangana kabili ngesonto emaHholo OMbuso abo. Le mihlangano isiza labo abakhona ukuba babe nokwazisa, baqonde futhi basebenzise izimiso zeBhayibheli. Uma kwenzeka, isimiso siyafana emhlabeni wonke, futhi umhlangano ngamunye unenjongo ekhethekile ngokomoya. Ngaphambi nangemva kwale mihlangano, labo ababa khona bajabulela “ukukhuthazana” ngezingxoxo ezakhayo. (Roma 1:12) Kwenzekani kule mihlangano?

Inkulumo YeBhayibheli

Umhlangano wokuqala abantu abaningi abaya kuwo inkulumo yeBhayibheli ehlelelwe iningi, ngokuvamile eba ngempelasonto. UJesu Kristu wayevamile ukunikeza izinkulumo zeningi—phakathi kwazo iNtshumayelo yaseNtabeni edumile. (Mathewu 5:1; 7:28, 29) Umphostoli uPawulu wakhuluma namadoda ase-Athene. (IzEnzo 17:22-34) Ngokufanayo, imihlangano yoFakazi BakaJehova ihlanganisa izinkulumo ezihlelelwe ngokukhethekile amalungu omphakathi, amanye okungenzeka ayaqala ukuba khona.

Umhlangano uqala ngokuhlatshelelwa kwengoma esencwadini ethi Hubani Izindumiso ZikaJehova. * Bonke abafisa ukuma bahlanganyele ekuhlabeleleni bavumelekile ukwenza kanjalo. Ngemva komthandazo omfushane, isikhulumi esifanelekayo sinikeza inkulumo yemizuzu engu-30. (Bheka ibhokisi elithi  “Izinkulumo Eziwusizo Emphakathini.”) Inkulumo yaso isekelwa ngokuphelele eBhayibhelini. Njengoba siqhubeka nenkulumo isikhulumi silokhu simema izilaleli ukuba zivule imibhalo efanele nokuba zihambisane naso lapho sifunda. Ngakho-ke, ungase ufise ukuza nelakho iBhayibheli, noma uzicelele lona komunye woFakazi BakaJehova ngaphambi komhlangano.

ISifundo Se-Nqabayokulinda

Emabandleni amaningi oFakazi BakaJehova,  inkulumo yeningi ilandelwa iSifundo Se-Nqabayokulinda esiyingxoxo ethatha ihora yemibuzo nezimpendulo esekelwe eBhayibhelini. Lo mhlangano ukhuthaza bonke abakhona ukuba balandele isibonelo sabaseBhereya bangosuku lukaPawulu, ‘abamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.”—IzEnzo 17:11.

ISifundo Se-Nqabayokulinda siqala ngengoma. Indaba okuxoxwa ngayo nemibuzo ebuzwa umqhubi ikhona kumagazini ofundwayo. Ungazitholela umagazini ofundwayo komunye woFakazi BakaJehova. Izihloko okuxoxwe ngazo muva nje zihlanganisa ezithi: “Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando,” “Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi,” nesithi “Kungani Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane?” Nakuba lo mhlangano uqhutshwa ngendlela yemibuzo nezimpendulo, abakhona baphendula ngokuzithandela futhi ngokuvamile basuke besilungiselele kusengaphambili leso sihloko nemibhalo ehambisana naso. Umhlangano uphetha ngengoma nomthandazo.—Mathewu 26:30; Efesu 5:19.

ISifundo SeBhayibheli Sebandla

OFakazi BakaJehova baphinde bahlangane eHholo LoMbuso kanye phakathi nesonto kusihlwa ukuze bajabulele isimiso esiyizingxenye ezintathu esithatha ihora nemizuzu engu-45. Ingxenye yokuqala yiSifundo Sencwadi Sebandla esithatha imizuzu engu-25. Sisiza labo abakhona ukuba bajwayelane neBhayibheli, balungise ukucabanga nesimo sabo sengqondo, futhi bathuthuke njengabalandeli bakaKristu. (2 Thimothewu 3:16, 17) Njengoba kunjalo ngeSifundo Se-Nqabayokulinda, lo mhlangano uyingxoxo esekelwe eBhayibhelini  yemibuzo nezimpendulo. Labo abaphendulayo bakwenza lokhu ngokuzithandela. Ngokuvamile insiza kufundisa kuba incwadi noma incwajana enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Kungani kusetshenziswa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kule mihlangano? Emuva ezikhathini zeBhayibheli, ukufunda nje iZwi likaNkulunkulu kwakunganele. ‘Lalichazwa, futhi licaciswa; futhi baqhubeka bekwenza kuqondwe lokho okwakufundwa.’ (Nehemiya 8:8) Eminyakeni yamuva, izincwadi ezichaza isiprofetho sika-Isaya, sikaDaniyeli, nesAmbulo zabasiza labo ababeba khona kule mihlangano ukuba baqonde lezi zingxenye zeBhayibheli.

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ngemva kweSifundo SeBhayibheli Sebandla kube sekulandela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Lo mhlangano othatha imizuzu engu-30 uklanyelwe ukusiza amaKristu ukuba athuthukise ‘ikhono lokufundisa.’ (2 Thimothewu 4:2) Ngokwesibonelo, ingabe ingane yakho noma umngane, wake wakubuza umbuzo ophathelene noNkulunkulu noma neBhayibheli futhi wakuthola kunzima ukuwuphendula kahle? ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini singakufundisa ukuba unikeze izimpendulo zemibuzo enzima ngendlela ekhuthazayo nesekelwe eBhayibhelini. Ngaleyo ndlela singananela amazwi omprofethi u-Isaya, owathi: “INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe inginike ulimi lwabafundisiweyo, ukuze ngikwazi ukuphendula okhathele ngezwi.”—Isaya 50:4.

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini siqala ngenkulumo esekelwe engxenyeni ethile yeBhayibheli izilaleli eziye zakhuthazwa ukuba ziyifunde phakathi nesonto elandulele. Ngemva kwaleyo nkulumo, isikhulumi sicela izilaleli ukuba ziphawule kafushane amaphuzu eziwathole ezuzisa. Ngemva kwale ngxoxo, abafundi abakhethe ukubhalisa esikoleni benza izinkulumo ababelwe zona.

Abafundi babelwa ukufunda indima ethile yeBhayibheli besendaweni yesikhulumi noma babonise ukuthi angafundiswa kanjani omunye umuntu indaba ethile engokomBhalo. Ngemva kwenkulumo ngayinye, umeluleki ovuthiwe uncoma umfundi kulokho akwenze  kahle, asekele akushoyo encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kamuva, angase axoxe naye ngasese asikisele lapho umfundi angase athuthukise khona.

Le ngxenye yesimiso esheshayo ayihloselwe nje ukusiza abafundi kuphela kodwa bonke abakhona abafisa ukuthuthukisa ikhono labo lokufunda, ukukhuluma, nokufundisa. Ngemva kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siphetha ngengoma esekelwe endimeni ethile yeBhayibheli eyethula uMhlangano Wenkonzo.

UMhlangano Wenkonzo

Ingxenye yokugcina yalesi simiso uMhlangano Wenkonzo. Ngezinkulumo, imiboniso, izingxoxo nabathile, nokuhlanganyela kwezilaleli, labo abakhona bafunda indlela yokufundisa iqiniso leBhayibheli ngokuphumelelayo. Ngaphambi kokuthuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, uJesu wabahlanganisa wabanika iziqondiso eziphelele. (Luka 10:1-16) Manje njengoba base bewuhlomele umsebenzi wokushumayela, bajabulela okuhlangenwe nakho okuningi okuthakazelisayo. Kamuva, abalandeli bakaJesu babuyisa umbiko. (Luka 10:17) Abalandeli babevame ukuxoxelana ngokuhlangenwe nakho.—IzEnzo 4:23; 15:4.

Isimiso soMhlangano Wenkonzo esithatha imizuzu engu-35 sitholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ephuma nyanga zonke. Muva nje kuke kwacatshangelwa izihloko ezithi: “Ukukhulekela UJehova Njengomkhaya,” “Isizathu Esenza Sibuyele Njalo,” nesithi “Lingisa UKristu Enkonzweni Yakho.” Isimiso siphetha ngengoma, bese kucelwa ilungu lebandla elifanelekayo ukuba livale ngomthandazo.

Okuye Kwashiwo Izivakashi

Amabandla alwela ukuba bonke abakhona bazizwe bamukelekile. Ngokwesibonelo, u-Andrew wayezwe izinto eziningi ezingezinhle ngoFakazi BakaJehova. Kodwa lapho efika emhlanganweni okokuqala, kwammangaza ukwamukelwa akuthola. U-Andrew uyalandisa: “Kwakumnandi ukuba phakathi kwabo. Yangihlaba umxhwele indlela abantu ababenobungane ngayo nendlela abangijabulela ngayo.” U-Ashel osemusha waseCanada uyavuma: “Umhlangano wawujabulisa! Kwakulula ukuqonda okukhulunywa ngakho.”

UJosé ohlala eBrazil, wayedume ngokuba isidlova emphakathini wakubo. Noma kunjalo, wamenywa ukuba abe khona emhlanganweni eHholo LoMbuso lendawo. Uthi, “Bonke ababeseHholo LoMbuso bangemukela ngokufudumele nakuba babekwazi ukuziphatha kwami.” U-Atsushi ohlala eJapane, uyakhumbula: “Kumelwe ngivume ukuthi ngesikhathi ngiya okokuqala emhlanganweni woFakazi BakaJehova ngangingakhululekile. Yize kunjalo ngaqaphela ukuthi laba bantu bayafana nje nabanye abantu. Bazama ngempela ukungenza ngizizwe ngisekhaya.”

Wamukelekile

Njengoba okushiwo ngenhla kubonisa, ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso kungaba nomvuzo kakhulu. Uyofunda ngoNkulunkulu, futhi ngemfundo esekelwe eBhayibhelini uJehova uNkulunkulu uyokufundisa indlela ‘ongazizuzisa’ ngayo.—Isaya 48:17.

Imihlangano yoFakazi BakaJehova imahhala, futhi akuthathwa nkongozelo. Ungathanda ukuba khona emhlanganweni eHholo LoMbuso langakini? Umenywa ngomusa ukuba wenze kanjalo.

^ isig. 10 Zonke izincwadi okubhekiselwa kuzo kulesi sihloko zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.