Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolo Elungile Noma Efanele Ikhuthaza Ukuziphatha Okuhle

Inkolo Elungile Noma Efanele Ikhuthaza Ukuziphatha Okuhle

IBHAYIBHELI lithi: “Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngakho-ke, inkolo efanele kufanele ikhuthaze ukuthanda abanye abantu.

Izinkolo eziningi zenza umsebenzi oncomekayo wokunakekela abagulayo, asebekhulile nabampofu. Zikhuthaza amalungu azo ukuba asebenzise iseluleko somphostoli uJohane, owabhala: “Ake sithi othile unokwanele kokuziphilisa abese ebona umfowabo noma udadewabo eswele, kodwa angamsizi. Khona-ke uthando lukaNkulunkulu alukho kulowo muntu. Bantwana bami, kufanele sithande   abantu hhayi ngamazwi nangomlomo kuphela, kodwa ngezenzo nangokukhathalela kwangempela.”—1 Johane 3:17, 18, New Century Version.

Nokho, kwenzekani lapho izizwe ziya empini? Ingabe umyalo kaNkulunkulu ‘wokuthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena’ kufanele usebenze kuphela uma kunokuthula, kodwa ubekelwe eceleni uma osombusazwe noma amakhosi bekhetha ukulwa nezizwe ezingomakhelwane?—Mathewu 22:39, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

UJesu wathi: “Bonke abantu bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35, New International Version) Njengoba uphendula le mibuzo elandelayo, zibuze, ‘Ingabe amalungu ale nkolo abonisa uthando kubo bonke abantu zikhathi zonke, hhayi nje ngamazwi kodwa nangezenzo?’

ISIHLOKO: Impi.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

UJesu wayala abafundi bakhe: “Ngithi kini, thandani izitha zenu, nenze okuhle kulabo abanizondayo.”—Mathewu 5:44, NCE.

Ngesikhathi amasosha ebopha uJesu, umphostoli uPetru wahosha isikhali ukuze amvikele. Nokho, uJesu wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo. Bonke abasebenzisa izinkemba bayobulawa ngezinkemba.”—Mathewu 26:52, NCV.

Umphostoli uJohane wabhala: “Ungakwazi ukuhlukanisa abantwana bakaNkulunkulu nabakadeveli, ngoba abangabakadeveli bayenqaba ukwenza okuhle noma ukuthandana. Natshelwa kusukela ekuqaleni ukuthi kumelwe sithandane. Ningafani noKayini, owayengokadeveli futhi wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12, Contemporary English Version.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo ikhuthaza amalungu ayo ukuba ahlanganyele empini?

ISIHLOKO: Ezombusazwe.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

Ngemva kokubona uJesu enza izimangaliso, abanye bafuna ukuba angenele kwezombusazwe. Wasabela kanjani? “UJesu, azi ukuthi babehlose ukuza bambeke inkosi ngenkani, waphinde wamonyukela entabeni yedwa.”—Johane 6:15, NIV.

Lapho eboshwa futhi emangalelwa ngamanga ngokuthi uvukela umbuso, waphendula: ‘Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe‚ izikhonzi zami zaziyokulwa ukuba nginganikezelwa kumaJuda. Kepha umbuso wami awusiwo owalapha.’—Johane 18:36, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Ngesikhathi uJesu ethandazela abafundi bakhe, wathi: “Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda‚ ngoba bengesibo abezwe‚ njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 17:14, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

 UMBUZO:

Ingabe le nkolo ilingisa uJesu ngokugwema ukuhileleka kwezombusazwe, ngisho noma lokho kusho ukuthi amalungu ayo ayozondwa abanye osombusazwe?

ISIHLOKO: Ubandlululo.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

Lapho abeZizwe bokuqala beba amaKristu, umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze okulungile uyamukeleka kuYe.”—IzEnzo 10:34, 35, Holman Standard Bible.

Lapho ebhalela amaKristu ekhulu lokuqala, uJakobe wathi: “Bangane bami, uma ninokholo eNkosini yethu ekhazimulayo uJesu Kristu, ngeke niphathe abanye abantu njengabangcono kunabanye. Ake sithi komunye wemibuthano yenu kungena umuntu oyisicebi egqoke izingubo eziwubukhazikhazi nendandatho yegolide. Bese kufika ompofu egqoke amanikiniki. Akumelwe nimhlalise esihlalweni esingcono ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi bese nitshela ompofu ukuba ame eceleni noma ahlale phansi. Lokho kuyafana nokuthi nithi abanye abantu bangcono kunabanye, futhi niyobe nenza njengomahluleli okhohlakele.”—Jakobe 2:1-4, CEV.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo ifundisa ukuthi bonke abantu bayalingana phambi kukaNkulunkulu nokuthi amalungu ayo akufanele abandlulule abanye ngenxa yobuhlanga noma izimo ezingokomnotho?