Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolelo-ze 5: UMariya UnguNina KaNkulunkulu

Inkolelo-ze 5: UMariya UnguNina KaNkulunkulu

Ivelaphi le nkolelo-ze?

“Ukuhlonishwa kukanina kaNkulunkulu kwanda, ngesikhathi izindimbane zamaqaba zithuthelekela esontweni.  . . . Ukukholelwa [kwala maqaba ayeseguqukele ebuKristwini] ngokuqinile ezimfundisweni ezithile nokushisekela kwawo inkolo kwakwakheke ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ngenxa yokukhulekelwa kukankulunkulukazi ‘ongumama omkhulu’ ‘nencasakazi yaphezulu.’”—I-New Encyclopædia Britannica (1988), uMqulu 16, amakhasi 326 kuya ku-327.

Lithini iBhayibheli?

“Uzakukhulelwa‚ uzale indodana‚ uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu‚ athiwe iNdodana yoPhezukonke.  . . . Ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”—Omalukeke sizenzele; Luka 1:31-35, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

La mavesi abonisa ngokucacile ukuthi uMariya wayengunina ‘weNdodana kaNkulunkulu,’ hhayi kaNkulunkulu ngokwakhe. Ingabe wayekhulelwe uMuntu ‘amazulu ngokwawo angakwazi ukumthwala’? (1 AmaKhosi 8:27) UMariya akakaze ayisho into enjalo. Yimfundiso kaZiqu-zintathu eye yatshala ukudideka mayelana nokuthi uMariya ungubani. Ngo-431 C.E., lapho uMkhandlu wase-Efesu uthi uMariya ungu-Theotokos (igama lesiGreki elisho “Ozala uNkulunkulu”), noma “uNina kaNkulunkulu” waphendla indlela yokukhulekelwa kukaMariya. Kwase kungamakhulu eminyaka idolobha lase-Efesu, indawo lapho lo mkhandlu wamasonto owawuhlangana kuyo, liyisikhungo sokukhulekelwa kwesithombe futhi kugujwa imikhosi kankulunkulukazi wenzalo u-Artemis.

Izici eziningi zokukhulekelwa kwesithombe sika-Artemis “owawa ezulwini,” ezinjengemikhosi yokushaya udwendwe, zangena kanjalo-ke ekukhulekelweni kukaMariya. (IzEnzo 19:35) Omunye umkhuba owangena kancane kancane ezimfundisweni zobuKristu kwaba ukusetshenziswa kwezithombe zikaMariya nezinye ekukhulekeleni.

Qhathanisa la mavesi eBhayibheli: Mathewu 13:53-56; Marku 3:31-35; Luka 11:27, 28

IQINISO:

UMariya wayengunina weNdodana kaNkulunkulu, hhayi kaNkulunkulu ngokwakhe. Inkolelo-ze kaZiqu-zintathu yaholela ekukhulekelweni kukaMariya njengoNina kaNkulunkulu