Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Zazithunyelwa kanjani izincwadi ezikhathini zeBhayibheli?

Isithunywa seposi sasePheresiya

Izincwadi zombuso wasePheresiya zazithunyelwa ngeposi loMbuso. Incwadi yeBhayibheli ka-Esteri iyachaza ukuthi le ndlela yokuthunyelwa kweposi lasePheresiya yayisebenza kanjani: “[UMoridekayi] wayeseloba egameni leNkosi u-Ahashiveroshi futhi waphawula ngendandatho yenkosi enophawu futhi wathumela izincwadi ezilotshiwe ngesandla sezithunywa zeposi ezigibela amahhashi, ezigibela amahhashi eposi asetshenziswa enkonzweni yasebukhosini, amathole amaduna azalwa amahhashi ayizinsikazi anejubane.” (Esteri 8:10) UMbuso WaseRoma wawunelungiselelo lokuthunyelwa kwezincwadi elalicishe lifane, okwakuthunyelwa ngalo izincwadi zombuso nebutho lezempi.

Izincwadi zomuntu siqu, njengezincwadi ezabhalwa umphostoli uPawulu noma abanye, zazingakufanelekeli ukuthunyelwa ngalezi zindlela. Uma wawucebile, wawungathumela isigqila ukuba sihambise incwadi. Nokho, iningi lalithumela izincwadi ngabantu elalibajwayele noma ngabantu elingabazi ababeya lapho izincwadi zazithunyelwa khona. Iposi lalingase liphathiswe umndeni, abangane, amasosha noma abathengisi. Okwakukhathalelwa kakhulu ukuthi sithembeke kangakanani isithunywa esiphathiswa incwadi nokuthi siyowudlulisa kahle yini umyalezo futhi siwusho njengoba unjalo. IBhayibheli lisikisela ukuthi uPawulu waziphathisa amaKristu ayesohambweni oluthile ezinye zezincwadi zakhe.—Efesu 6:21, 22; Kolose 4:7.

Kwakuthengwa futhi kuthengiswa kanjani kwa-Israyeli wasendulo?

Umfanekiso oqoshiwe wemakethe yezithelo

Umnotho wezwe wawutholakala ikakhulu ngezolimo, imfuyo nasekuhwebeni. IBhayibheli likhuluma ngezimakethe ezazisemasangweni omuzi—“iSango Lezimvu,” “iSango Lezinhlanzi” ‘neSango Lezindengezi.’ (Nehemiya 3:1, 3; Jeremiya 19:2) Kubonakala sengathi la magama abhekisela ezintweni ezazidayiswa kulawo masango. ImiBhalo iphinde ikhulume ‘ngesitaladi sababhaki’ saseJerusalema kanye nezimpahla eziningi zokuhweba.—Jeremiya 37:21.

Zazibiza malini izinto? Omunye umhlaziyi weBhayibheli uthi: “Inani lezinto lalilokhu likhuphuka phakathi neminyaka futhi kunzima ukusho ukuthi impahla ethile yayingabiza malini ngesikhathi esithile nasendaweni ethile.” Noma kunjalo, esikuthola ezincwadini zasendulo naseBhayibhelini kubonisa ukuthi ngisho endulo, amanani ayethintwa ukwehla kwamandla emali. Ngokwesibonelo, endulo kwakuvame ukuba kuthengiswe izigqila. UJosefa wathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingamashumi amabili, okungenzeka kwakungamashekeli, mhlawumbe okwakuyinani elalivamile lesigqila phakathi nekhulu le-18 leminyaka B.C.E. (Genesise 37:28) Ngemva kweminyaka engamakhulu amathathu, inani lase lingamashekeli angamashumi amathathu. (Eksodusi 21:32) Ngekhulu lesi-8 leminyaka B.C.E., inani lase lingamashekeli angamashumi amahlanu. (2 AmaKhosi 15:20) Ngemva kweminyaka engamakhulu amabili, sekubusa amaPheresiya, inani lenyuka laba amashekeli angamashumi ayisishiyagalolunye nangaphezulu. Kuyacaca ukuthi ukukhuphuka kwamanani akuyona nje inkinga yamanje.