Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkohlakalo—Yande Kangakanani?

Inkohlakalo—Yande Kangakanani?

“Kunemisebenzi inkampani yethu eyenzela izikhulu zikahulumeni zendawo. Sivame ukulinda izinyanga ezimbili noma ezintathu ngaphambi kokuba sikhokhelwe ngomsebenzi wethu. Nokho, muva nje ngithole ucingo oluvela esisebenzini sikahulumeni. Sithembise ukusisiza ukuba sisheshe siyithole imali yethu uma sisifumbathisa okuncane.”—UJOHN. *

INGABE wake waba isisulu senkohlakalo? Mhlawumbe hhayi sohlobo okukhulunywe ngalo ngenhla, kodwa cishe nakanjani uke wathintwa imiphumela yenkohlakalo.

Umbiko i-Corruption Perceptions Index * ka-2011 wenhlangano okuthiwa i-Transparency International (TI), uthi: “Iningi lamazwe angu-183 ahlolwa athola amaphuzu angaphansi kwamahlanu uma ekalwa esikalini esisuka ku-0 (okusho inkohlakalo edlulele) kuya ku-10 (okusho ukungabikho nhlobo kwenkohlakalo).” I-TI yavuma ukuthi umbiko wayo wango-2009 wadalula indlela inkohlakalo eyande ngayo: “Kusobala ukuthi ayikho ingxenye yomhlaba evikelekile enkohlakalweni.”

“Inkohlakalo iwukusebenzisa kabi igunya olinikeziwe ukuze uzitholele inzuzo. Ilimaza wonke umuntu okuphila kwakhe noma onjabulo yakhe ixhomeke ekuthembekeni kwabantu abakulelo gunya.”—I-TRANSPARENCY INTERNATIONAL

Kwezinye izimo, imiphumela yenkohlakalo ingase ibe mibi kakhulu. Ngokwesibonelo, umagazini i-Time wabika ukuthi “inkohlakalo nobudedengu” nakho kwaba nengxenye enanini eliphakeme labantu abafa ekuzamazameni komhlaba okukhulu  eHaiti ngo-2010. Wenezela: “Kuncane uma kukhona okwenziwa onjiniyela ekuhloleni izakhiwo futhi kwaba nokufumbathisa okukhulu kulabo ababebizwa ngokuthi abahloli bezakhiwo bakahulumeni.”

Ingabe likhona ikhambi eliyoyiqeda nyá inkohlakalo? Ukuze siphendule lowo mbuzo, kudingeka siqonde umnyombo oyinhloko wenkohlakalo. Sizoxoxa ngawo esihlokweni esilandelayo.

^ isig. 2 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 4 “I-Corruption Perceptions Index ibeka amazwe ngohlu lwezinga lenkohlakalo ezisebenzini zikahulumeni.”—I-Transparency International.