Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Inkohlakalo Iqhubeka?

Kungani Inkohlakalo Iqhubeka?

‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UMSHUMAYELI 8:9.

LA MAZWI awuchaza kahle umlando wokubusa komuntu. Ukubusa komuntu kuye kwabangela ukuhlupheka okukhulu nosizi. Kuyo yonke le minyaka, abantu abanezinhloso ezinhle abaye bazama ukwenza umphakathi onobulungisa bebelokhu bephazanyiswa ubugovu nenkohlakalo. Kungani kunjalo? Kungani inkohlakalo iqhubeka? Ngokuyinhloko, kungenxa yala mathonya amathathu amabi.

1. Ithonya lesono.

IBhayibheli likubeka kucace ukuthi ‘sonke singaphansi kwesono.’ (Roma 3:9) Isono “sihlala” noma “sihlezi” kithi kuhle kwesifo esingelapheki esidluliselwa ngofuzo. Sekuyizinkulungwane zeminyaka isono ‘sibusa’ njengenkosi phezu kwabantu. “Umthetho” waso uyaqhubeka usibusa nathi. Ukuthambekela kwesono kwenza abaningi babe ogombela kwesabo noma bagxilise ukuphila kwabo ekutholeni ingcebo noma igunya ngokucindezela abanye.—Roma 5:21; 7:17, 20, 23, 25.

 2. Ithonya lezwe elibi esihlala kulo.

Izwe esihlala kulo ligcwele ukuhaha nobugovu. Ezweni elinjalo, abanye abantu bakuthola kunzima ukwehluka. Ngenxa yokuthi banesifiso sobugovu sokuvelela, bomela igunya. Baphinde babe nesifiso esinamandla sokuthola imali nezinto ezengeziwe—okungaphezu kwalokho abakudingayo ngempela. Ngokudabukisayo, bazimisele ngisho nokungathembeki ukuze bazithole. Kunokuba bamelane namathonya amabi, abantu abanjalo ‘balandela isixuku ngezinhloso ezimbi.’—Eksodusi 23:2.

3. Ithonya likaSathane uDeveli.

USathane, isidalwa somoya esivukelayo, ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Uyakujabulela ukuxhaphaza abantu. Ngobuqili angase asizakale ngesifiso somuntu semvelo sokufuna ukunethezeka kwezinto ezibonakalayo nokuma kahle ngokwezimali kangangokuthi umuntu aze enze inkohlakalo.

Ingabe lokhu kusho ukuthi sifana nonodoli ezandleni zikaSathane—sibophekile ukudansela isiginci sakhe? Sizothola impendulo esihlokweni esilandelayo.