Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kufanele Sithandaze KuJesu?

Ingabe Kufanele Sithandaze KuJesu?

MUVA nje umcwaningi othile uye waxoxa nentsha engaphezu kuka-800 esonta emaqenjini ezinkolo ezihlukahlukene, eyibuza ukuthi ingabe ikholelwa ukuthi uJesu ophendula imithandazo. Intsha engamaphesenti angaphezu kuka-60 yathi ikholelwa ngokuqinile ukuthi nguye oyiphendulayo. Kodwa omunye osemusha wesula igama elithi Jesu ohlwini lwamagama ayekhona wayesebhala elithi “Nkulunkulu” esikhundleni salo.

Wena ucabangani? Ingabe kufanele sithandaze kuJesu noma kuNkulunkulu? * Ukuze sithole impendulo, ake siqale ngokuhlola indlela uJesu afundisa ngayo abafundi bakhe ukuthandaza.

UJESU WASIFUNDISA UKUBA SITHANDAZE KUBANI?

UJesu wasifundisa futhi wasibonisa ukuthi kufanele sithandaze kubani.

Ngokuthandaza kuYise osezulwini, uJesu wasibekela isibonelo okufanele sisilandele

IMFUNDISO YAKHE: Lapho omunye wabafundi bakaJesu emcela ethi, “Nkosi, sifundise ukuthandaza,” uJesu waphendula: “Noma nini lapho nithandaza, anothi, ‘Baba.’” (Luka 11:1, 2) Ngaphezu kwalokho, eNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wanxusa izilaleli zakhe ukuba zithandaze. Wathi: ‘Thandazani kuYihlo.’ Waphinde waziqinisekisa ngokuthi: “UYihlo uyazazi izinto enizidingayo ningakaceli nakucela kuye.” (Mathewu 6:6, 8) Ngobusuku bakhe bokugcina ephila njengomuntu, uJesu watshela abafundi bakhe: “Uma nicela noma yini kuBaba uyoninika yona egameni lami.” (Johane 16:23) Ngakho uJesu wasifundisa ukuthandaza kulowo onguBaba wakhe nonguBaba wethu, uJehova uNkulunkulu.—Johane 20:17.

ISIBONELO SAKHE: Ngokuvumelana nendlela afundisa ngayo abanye ukuthandaza, uJesu naye wathandaza: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba.” (Luka 10:21) Ngesinye isikhathi, “uJesu waphakamisela amehlo akhe ezulwini wathi: ‘Baba, ngiyakubonga ngoba ungizwile.’” (Johane 11:41) Lapho uJesu esezokufa, wathandaza: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.” (Luka 23:46) Ngokuthandaza kuYise osezulwini—‘iNkosi yezulu nomhlaba’—uJesu wabeka isibonelo esicacile okufanele wonke umuntu asilandele. (Mathewu 11:25; 26:41, 42; 1 Johane 2:6) Ingabe yileyo ndlela abafundi bakaJesu bokuqala abayiqonda ngayo indlela yokuthandaza abafundisa yona?

AMAKRISTU OKUQALA AYETHANDAZA KUBANI?

Emasontweni ambalwa uJesu ebuyele ezulwini, abafundi bakhe babehlushwa futhi besongelwa abaphikisi. (IzEnzo 4:18) Njengoba kulindelekile, baluthandazela usizo—kodwa bathandaza kubani? “Baphakamisela amazwi abo kuNkulunkulu nganhliziyonye,” bethandazela ukuba aqhubeke ebasiza “egameni lenceku [yakhe] engcwele uJesu.” (IzEnzo 4:24, 30) Ngakho abafundi balandela iziqondiso zikaJesu zokuthandaza. Bathandaza kuNkulunkulu hhayi kuJesu.

Eminyakeni ethile kamuva, umphostoli uPawulu wachaza indlela yena nabangane bakhe ababethandaza ngayo. Ebhalela amaKristu akanye naye, wathi: “Siyambonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngaso sonke isikhathi uma sinithandazela.” (Kolose 1:3) Wabhalela namakholwa ayekanye naye wathi: “Egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ngaso sonke isikhathi nibonga uNkulunkulu noBaba wethu ngenxa yezinto zonke.” (Efesu 5:20) Kula mazwi siyabona ukuthi uPawulu wayekhuthaza abanye ukuba bathandaze ‘kuNkulunkulu noBaba wethu ngenxa yezinto zonke’—bethandaza ngegama likaJesu.—Kolose 3:17.

NjengamaKristu okuqala, singabonisa uthando lwethu ngoJesu ngokulalela iseluleko sakhe esiphathelene nomthandazo. (Johane 14:15) Lapho sithandaza kuBaba wethu osezulwini—futhi sithandaza kuye yedwa—amazwi eHubo 116:1, 2 ayosenza siqiniseke ukuthi uJehova uyayizwa imithandazo yethu, futhi siyozizwa njengomhubi lapho ethi: “Ngiyathanda, ngoba uJehova uyalizwa izwi lami . . . Zonke izinsuku zami ngizobiza.” *

^ isig. 3 Ngokusho kwemiBhalo, uNkulunkulu noJesu abalingani. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 4 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 11 Ukuze imithandazo yethu yamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe sizame ngobuqotho ukuphila ngokuvumelana nezimfuneko zakhe. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?