Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Iqiniso LeBhayibheli Lakwanelisa Ukomela Kwami Izimpendulo

Iqiniso LeBhayibheli Lakwanelisa Ukomela Kwami Izimpendulo
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1987

  • IZWE AZALELWA KULO: E-AZERBAIJAN

  • UMLANDO: UBABA ONGUMSULUMANE NOMAMA ONGUMJUDA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eBaku, e-Azerbaijan, futhi sibabili ekhaya mina ngingowokugcina. Ubaba wayengumSulumane, umama engumJuda. Abazali bami babethandana futhi bekwamukela ukuthi izinkolelo zabo azifani. Umama wayemsekela ubaba lapho ezile ukudla ngenkathi yeRamadan, nobaba emsekela umama lapho egcina iPhasika. Ekhaya sasineKoran, iTorah neBhayibheli.

Ngangizibheka njengomSulumane. Nakuba ngangingakaze ngingabaze ukuthi uNkulunkulu ukhona, kunezinto ezazingidida. Ngangizibuza, ‘Kungani uNkulunkulu adala abantu, futhi kungani umuntu kufanele ahlupheke ukuphila kwakhe konke bese ekugcineni ehlushwa phakade esihogweni?’ Njengoba abantu babethi konke okwenzekayo kuyintando kaNkulunkulu, ngangizibuza, ‘Ingabe uNkulunkulu ubangela ukuhlupheka kwabantu bese eyajabula uma ebabona besosizini?’

Lapho ngineminyaka engu-12, ngaqala ukuthandaza umthandazo obizwa ngokuthi i-namaz, imithandazo emihlanu yamaSulumane eyenziwa nsuku zonke. Ngaleso sikhathi, ubaba wasifaka esikoleni samaJuda mina nodadewethu omdala. Phakathi kwezifundo esasizifunda, sasifundiswa amasiko akuyiTorah nolimi lwesiHebheru. Ngaphambi kokuba siqale izifundo zosuku, kwakumelwe sithandaze ngokwesiko lamaJuda. Ngakho, ekuseni ngangithandaza i-namaz ekhaya, emini ngihlanganyele emithandazweni yamaJuda esikoleni.

Ngangikulambele ngempela ukuthola izimpendulo ezinengqondo zemibuzo yami. Ngangibabuza ngiphindelela orabi esikoleni: “Kungani uNkulunkulu adala abantu? UNkulunkulu umbheka kanjani ubaba wami ongumSulumane? Uyindoda elungile, kodwa kungani ebhekwa njengongcolile? Kungani uNkulunkulu amdala?” Izimpendulo ezimbalwa engazithola zazingenangqondo futhi zingagculisi.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ukholo lwami kuNkulunkulu lwaphela ngo-2002. Sasisanda kuthuthela eJalimane lapho, ngemva kwesonto, ubaba eshaywa unhlangothi futhi waquleka isikhathi eside (coma). Kwase kuphele iminyaka ngithandazela impilo nenhlalakahle yomndeni wakithi. Ngiqiniseka ukuthi uMninimandla onke unamandla ngaphezu kokuphila nokufa, ngamthandazela nsuku zonke ubaba. Ngangicabanga, ‘Kulula kuNkulunkulu ukuba afeze isifiso esijulile sentombazanyana.’ Ngangiqiniseka ukuthi uzokuphendula ukunxusa kwami. Kodwa ubaba washona.

Ngangikhungathekile futhi ngishaqekile ngicabanga ukuthi uNkulunkulu akanandaba. Ngacabanga, ‘Mhlawumbe indlela engithandaza ngayo ayilungile noma uNkulunkulu akekho.’ Ngangishaqekile futhi ngingasakwazi ukuthandaza i-namaz. Ezinye izinkolo zazisho izinto ezingenangqondo kimi, ngakho ngaphetha ngokuthi akekho uNkulunkulu.

Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, kwafika oFakazi BakaJehova ekhaya. Njengoba sasingenandaba nobuKristu, mina nodadewethu sasifuna ukubabonisa ngomusa ukuthi babenephutha. Sababuza: “Kwenzeka kanjani ukuba amaKristu akhulekele uJesu, isiphambano, uMariya nezinye izithombe njengoba lokho kuphambene neMiyalo Eyishumi?” OFakazi basibonisa ngeBhayibheli ubufakazi obukholisayo bokuthi amaKristu eqiniso enqatshelwe ukukhulekela izithombe nokuthi imithandazo kufanele iqondiswe kuNkulunkulu kuphela. Lokho kwangimangaza kakhulu.

Ngemva kwalokho sababuza: “Kuthiwani ngoZiqu-zintathu? Uma uJesu enguNkulunkulu, wayengaphila kanjani emhlabeni futhi abulawe abantu?” Baphinde baphendula ngeBhayibheli, bachaza ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu futhi akalingani naye. Bachaza nokuthi ngenxa yalesi sizathu abakholelwa kuZiqu-zintathu. Lokho kwangimangaza kakhulu futhi ngacabanga, ‘Aze ayinqaba la maKristu.’

Noma kunjalo, ngangifuna ukwazi ukuthi kungani abantu befa nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. OFakazi bangibonisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, * eyayinezahluko ezaziphendula imibuzo yami. Ngokushesha baqala ukufunda nami iBhayibheli.

Phakathi nesifundo ngasinye, ngangithola izimpendulo ezizwakalayo nezisekelwe eBhayibhelini zemibuzo yami. Ngafunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. (IHubo 83:18) Imfanelo yakhe evelele uthando olungenabugovu. (1 Johane 4:8) Wadala abantu ngoba efuna ukuba nabo bajabulele ukuphila. Ngaqonda ukuthi nakuba uNkulunkulu ekuvumela ukungalungi, uyakuzonda futhi maduzane uzokuqeda kungaphinde kube khona. Ngafunda ukuthi ukuhlubuka kuka-Adamu no-Eva kwaba nemiphumela emibi esintwini. (Roma 5:12) Eminye yaleyo miphumela ebuhlungu ukushonelwa abathandekayo, njengobaba. Noma kunjalo, uNkulunkulu uyoziqeda izinhlekelele ezinjalo ezweni elisha elizayo futhi abafileyo bayophinde bavuswe.—IzEnzo 24:15.

Iqiniso leBhayibheli lakwanelisa ukomela kwami izimpendulo. Ngaphinde ngaqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Njengoba ngangiya ngibazi kangcono oFakazi BakaJehova, ngaqaphela ukuthi bangabazalwane bomhlaba wonke. Ubunye nothando okuphakathi kwabo kwangithinta kakhulu. (Johane 13:34, 35) Lokho engakufunda ngoJehova kwangishukumisela ukuba ngifune ukumkhonza, ngakho nganquma ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Ngabhapathizwa ngo-January 8, 2005.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Izinto ezinengqondo eziseBhayibhelini zashintsha umbono wami ngokuphila. Izincazelo ezikholisayo engazithola eZwini likaNkulunkulu zinginikeza ukuthula kwangaphakathi. Ngithola injabulo enkulu nenduduzo lapho ngicabanga ngethemba lokuphinde ngibone ubaba lapho evuswa njengoba kuthembisa iZwi likaNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.

Sekuyiminyaka eyisithupha ngijabule emshadweni wami nomyeni owesaba uNkulunkulu, uJonathan. Sobabili siye safunda ukuthi iqiniso ngoNkulunkulu liyaqondakala futhi lilula, ngesikhathi esifanayo liyingcebo engenakulinganiswa. Yingakho sikwazisa ukuxoxa nabanye ngokholo lwethu nangethemba elimangalisayo. Namuhla ngiyazi ukuthi oFakazi BakaJehova abayona “inqaba” kodwa bangamaKristu eqiniso.

^ isig. 15 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.